UNkulunkulu Unamagama Amangaki?
Impendulo YeBhayibheli
UNkulunkulu unegama elilodwa. NgesiHebheru libhalwa ngokuthi יהוה bese ngesiZulu libhalwe ngokuthi “Jehova.” a Ngomprofethi wakhe, u-Isaya, uNkulunkulu wathi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Leli gama livela izikhathi ezingaba ngu-7000 emibhalweni yesandla yeBhayibheli yasendulo—okuyizikhathi eziningi ukudlula zonke ezinye izindlela uNkulunkulu abizwa ngazo, ngisho namagama abanye abantu. b
Ingabe uNkulunkulu unawo amanye amagama?
Nakuba iBhayibheli libiza uNkulunkulu ngegama elilodwa kuphela, ziningi iziqu nezincazelo elimbiza ngazo. Uhlu olulandelayo lubonisa indlela ezinye zalezo ziqu nezincazelo eziveza ngayo ingxenye yobuntu bukaJehova.
Isiqu |
UmBhalo |
Incazelo |
---|---|---|
Allah |
(Awukho) |
Ukuthi “Allah”—okususelwa olimini lwesi-Arabhu—akulona igama lothile, kunalokho isiqu esisho ukuthi “Nkulunkulu.” Izinguqulo zeBhayibheli zesi-Arabhu nezinye izilimi zisebenzisa igama elithi “Allah” endaweni yelithi “Nkulunkulu.” |
Somandla, Mninimandla Onke |
Genesise 17:1, IBhayibheli lesiZulu elivamile |
Unamandla angenakuvinjwa. Inkulumo yesiHebheru ethi ʼEl Shad·daiʹ, esho ukuthi “Nkulunkulu Mninimandla Onke,” ivela izikhathi ezingu-7 eBhayibhelini. |
Alfa No-Omega |
“Owokuqala nowokugcina,” noma “isiqalo nesiphetho,” okusho ukuthi ngaphambi kukaJehova wayengekho uNkulunkulu onguMninimandla Onke futhi akekho oyoba khona ngemva kwakhe. (Isaya 43:10) U-alfa no-omega uhlamvu lokuqala nolokugcina ezinhlamvini zesiGreki. |
|
Mdala Wezinsuku |
Daniel 7:9, 13, 22 |
Akazange abe nasiqalo; ubelokhu ekhona kusukela phakade ngaphambi kokuba abantu noma izinto zibe khona.—IHubo 90:2. |
Mdali |
Wenza ukuba zonke izinto zibe khona. |
|
Yise |
UMniki-kuphila. |
|
Nkulunkulu |
Okhonzwayo; Onamandla. Igama lesiHebheru elithi ʼElo·himʹ lisebuningini, okubonisa ubukhosi, isithunzi kanye nobuhle bukaJehova. |
|
Nkulunkulu wonkulunkulu |
UNkulunkulu ophakeme kunabo bonke, ngokungafani ‘nonkulunkulu abangasizi ngalutho’ abakhonzwa abanye.—Isaya 2:8. |
|
Mfundisi Omkhulu |
Unikeza imfundo nesiqondiso esizuzisayo.—Isaya 48:17, 18. |
|
Menzi Omkhulu |
Wenza ukuba zonke izinto zibe khona.—IsAmbulo 4: 11. |
|
Nkulunkulu ojabulayo |
Onenjabulo.—IHubo 104:31. |
|
UMuzwi womthandazo |
Uwulalela mathupha umthandazo ngamunye owenziwa kuye ngokholo. |
|
Nginguye Enginguye |
Eksodusi 3:14, IBhayibheli lesiZulu elivamile |
Uba yinoma yini edingekayo ukuze afeze akuhlosile. Le nkulumo ibuye ihunyushwe nangokuthi “Ngiyoba Yinoma Yini Engifuna Ukuba Yiyo” noma “Ngiyoba Yilokho Engikhetha Ukuba Yikho.” (The Emphasised Bible, kaJ. B. Rotherham; New World Translation yesiNgisi ka-2013) Le ncazelo isisiza siqonde igama lakhe, elithi Jehova, elitholakala evesini elilandelayo.—Eksodusi 3:15. |
Mhawu |
Eksodusi 34:14, IBhayibheli lesiZulu elivamile |
Akakubekezeleli ukubangiswa ekumkhonzeni. La mazwi abuye ahunyushwe nangokuthi “akazibekezeleli izimbangi” nangokuthi “waziwa ngokufuna ukuzinikela kuye kuphela.”—IBhayibheli i-God’s Word; INguqulo Yezwe Elisha. |
Nkosi yaphakade |
Ukubusa kwakhe akunasiqalo nasiphetho. |
|
Nkosi |
Umnikazi; NgesiHebheru ʼA·dhohnʹ no-ʼAdho·nimʹ. |
|
Nkosi Sebawoti, Jehova Sebawoti |
Isaya 1:9, IBhayibheli lesiZulu elivamile; Roma 9:29, IBhayibheli lesiZulu elivamile |
Umphathi wamabutho amakhulu ezingelosi. Isiqu esithi “Jehova Sebawoti” singahunyushwa nangokuthi “Jehova wamabutho” noma “Nkosi yamabutho [asezulwini].”—Roma 9:29, INguqulo Yezwe Elisha; NET Bible, umbhalo waphansi. |
OPhezukonke |
Unesikhundla esiphakeme kunazo zonke. |
|
Ongcwelengcwele |
Ungcwele kakhulu (uhlanzekile futhi umsulwa) kunanoma isiphi esinye isidalwa. |
|
Mbumbi |
Unegunya phezu kwabantu noma izizwe, njengoba nombumbi enegunya phezu kobumba.—Roma 9:20, 21. |
|
Mhlengi |
Ubuyisa isintu esonweni nasekufeni ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu.—Johane 3:16. |
|
Dwala |
Isiphephelo esilondekile, esithola kuso insindiso. |
|
Msindisi |
Usindisa engozini noma ekubhujisweni. |
|
Malusi |
Uyabanakekela abamkhonzayo. |
|
Nkosi EnguMbusi |
Unegunya elingaphezu kwawo wonke amanye; ngesiHebheru ʼAdho·naiʹ. |
|
OPhakeme Kunabo Bonke |
Umbusi ophakeme kunabo bonke. |
Amagama ezindawo emiBhalweni YesiHebheru
Amanye amagama ezindawo eBhayibhelini anegama likaNkulunkulu, kodwa lawa akuwona amanye amagama kaNkulunkulu.
Igama lendawo |
UmBhalo |
Incazelo |
---|---|---|
Jehova-jire |
“UJehova Uyolungiselela.” |
|
Jehova-nisi |
“UJehova UyiNsika Yami Eyisibonakaliso.” (Today’s New International Version) UJehova unguNkulunkulu abantu bakhe abangasondela kuye ukuze bathole isivikelo nosizo.—Eksodusi 17:13-16. |
|
Jehova Shalomi, Jehova-shalomu |
“UJehova UnguKuthula.” |
|
Jehova Shama |
Hezekeli 48:35, umbhalo waphansi we-American Standard Version |
“UJehova Ulapho.” |
Izizathu Zokulazi Nokulisebenzisa Igama LikaNkulunkulu
Kumelwe ukuba uNkulunkulu ulibona libalulekile igama lakhe, elithi Jehova, njengoba alifaka izikhathi eziyizinkulungwane eBhayibhelini.—Malaki 1:11.
INdodana kaNkulunkulu, uJesu, yakugcizelela kaningana ukubaluleka kwegama likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, yathandaza kuJehova yathi: “Malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:9; Johane 17:6.
Labo abazi futhi basebenzise igama likaNkulunkulu bathatha izinyathelo zokuqala zokwakha ubuhlobo noJehova. (IHubo 9:10; Malaki 3:16) Lobo buhlobo bubasiza bazuze esithembisweni sikaNkulunkulu esithi: “Ngoba ungithandile, ngizomenzela nendlela yokuphunyuka. Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.”—IHubo 91:14.
IBhayibheli liyavuma: “Kukhona labo ababizwa ngokuthi ‘onkulunkulu,’ kungaba sezulwini noma emhlabeni, njengoba nje kukhona ‘onkulunkulu’ abaningi ‘namakhosi’ amaningi.’” (1 Korinte 8:5, 6) Kodwa uNkulunkulu weqiniso limbiza ngokucacile ngegama lakhe elithi Jehova.—IHubo 83:18.
a Ezinye izazi zesiHebheru zikhetha ukulihumusha ngokuthi “Yahweh” igama likaNkulunkulu.
b Indlela efushanisiwe yegama laphezulu, ethi “Jah,” ivela izikhathi ezingaba ngu-50 eBhayibhelini, kuhlanganise nalapho isetshenziswa egameni elithi “Haleluya,” okusho ukuthi “Dumisani uJah.”—IsAmbulo 19:1; IBhayibheli lesiZulu elivamile.