Ingabe IBhayibheli Liyincwadi Yokuhlakanipha Kwabantu?
Impendulo yeBhayibheli
IBhayibheli, elaziwa nangokuthi imiBhalo Engcwele, linamazwi amaningi ahlakaniphile. Kodwa phawula ukuthi lona lithini ngalo: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Buningi ubufakazi balokho. Cabangela okulandelayo:
Akekho oke wakwazi ukuveza amaphutha omlando onembile weBhayibheli.
Abalobi beBhayibheli babengamadoda aqotho aloba angafihla lutho. Ubuqotho bawo benza lokho akuloba kube iqiniso.
IBhayibheli linesihloko esisodwa esiwumgogodla: ukulwelwa kwelungelo likaNkulunkulu lokubusa abantu nokugcwaliseka kwenjongo yakhe ngoMbuso wakhe wasezulwini.
Nakuba lalotshwa eminyakeni eyizinkulungwane edlule, iBhayibheli alinawo amaphutha esayensi ayeke amukelwa abaningi endulo.
Ubufakazi obungokomlando bufakazela ukuthi iziprofetho zeBhayibheli, noma lokho okwabikezelwa, kuye kwenzeka.