Imininingwane NgeHhovisi Nokubuka Indawo
Sikwamukela ngokufudumele ukuba uzobona amahhovisi ethu nezindawo zokunyathelisa. Thola izindawo ezikuzo nezikhathi zokubuka indawo.
Ukubukwa Kwezakhiwo Zegatsha: Emazweni amaningi, kusukela ngomhla ka-1 Juni, 2023, sizophinde siqhubeke nokubuka amahhovisi egatsha. Ukuze uthole imininingwane, thinta igatsha ofisa ukulivakashela. Sicela ungavakashi uma sekutholakale ukuthi une-COVID-19, unezimpawu zomkhuhlane, noma uma muva nje uke wahlangana nomuntu okutholakale ukuthi une-COVID-19.
E-United States
Ukubhukha Lapho Uvakashela EBethel
Ingabe kufanele ubhukhe ngaphambi kokuba uvakashele eBethel? Yebo. Ukuze kugwenywe isiminyaminya futhi kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu uyakujabulela ukuvakashela eBethel, sicela ukuba bonke abazovakasha babhukhe ngaphambi kokuba beze, kungakhathaliseki ukuthi bangaki.
Uma ungabhukhanga ungakwazi yini ukubuka isakhiwo saseBethel? Uma ungabhukhi, singase singakwazi ukukusiza. Ngenxa yendawo ekhona, bambalwa abantu abazokwazi ukubuka isakhiwo usuku ngalunye.
Kufanele ufike ngasikhathi sini uma uzovakasha? Ukuze kugwenywe isiminyaminya, sicela ufike kusasele ihora ngaphambi kwesikhathi osibhukhele.
Ungabhukha kanjani? Uma abantu ohamba nabo bengaphansi kuka-20, chofoza ibhathini elithi “Bhukhela Abantu Abangaphansi Kuka-20.” Uma bengaphezu kuka-20, chofoza ibhathini elithi “Bhukhela Abantu Abangu-20 Noma Ngaphezulu.”
Ungakwazi yini ukushintsha noma ukhansele isicelo sokubukha? Yebo. Chofoza ibhathini elithi “Bheka Noma Ushintshe Isicelo Sakho Sokubhukha.”
Ngingenzenjani uma singekho isikhala sokubukha isakhiwo ngosuku engilukhethile? Qhubeka nokulokhu uhlola iwebusayithi. Isikhala sokubuka isakhiwo siyavela njengoba abantu belokhu beshintsha isikhathi noma bekhansela.
Ukubuka Isakhiwo
EWarwick
1 Kings Dr.
TUXEDO PARK, NY 10987
UNITED STATES
+1 845-524-3000
Amazwibela
Ukubuka Isakhiwo Ungaqondiswa Muntu
Umbukiso i-The Bible and the Divine Name. Kulo mbukiso uthola amaBhayibheli ayivela kancane futhi uveza indlela igama likaNkulunkulu elilondolozwe ngayo emiBhalweni naphezu kwemizamo yokulikhipha kuyo. Lo mbukiso unegalari ejikelezayo enamaBhayibheli engeziwe ayivela kancane kanye nemibhalo yesandla yasendulo ehlobene neBhayibheli.
Umbukiso i-A People for Jehovah’s Name. Lo mbukiso unezithombe nezinto ezinomlando wefa elingokomoya loFakazi BakaJehova. Imibhalo yesandla ehlobene neBhayibheli, imidwebo nezithombe nezindaba ezixoxwa abaninizo kubonisa indlela uJehova aqhubeke eqondisa, efundisa futhi ehlela abantu bakhe ukuze benze intando yakhe.
Umbukiso i-Faith in Action ENdlunkulu YoMhlaba Wonke. Kulo mbukiso okwazi ukubona nokwenza kuwo izinto ezithile, kuchazwa umsebenzi wamakomiti ENdikimba Ebusayo nendlela abasiza ngayo oFakazi BakaJehova ukuba balandele iziqondiso ezingokomBhalo zokuba bahlangane ndawonye, benze abafundi, bazondle ngezinto ezibasondeza kuNkulunkulu nendlela abangabonisana ngayo uthando.
Ukubuka Isakhiwo Uqondiswa Othile
Kulolu hambo, nibona izingxenye ezithile zesakhiwo esinamahhovisi futhi okwenzelwa kuso imisebenzi ehlukahlukene negceke laseWarwick.
EPatterson
100 Watchtower Dr. (2891 Route 22)
PATTERSON, NY 12563
UNITED STATES
+1 845-306-1000
Amazwibela
Kwenziwa izithombe zezincwadi zethu kuhlanganise nezinto ezilalelwayo namavidiyo. Uhambo olubonisa izikole zeBhayibheli okufundiswa kuzo lapha.
EWallkill
900 Red Mills Rd.
WALLKILL, NY 12589
UNITED STATES
+1 845-744-6000
Amazwibela
Kunyatheliswa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezingaphezu kwezigidi ezingu-25 unyaka ngamunye. Kuthunyelwa izincwadi ezingezilimi ezingaphezu kuka-360 emagatsheni asemhlabeni wonke nasemabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-15 000 e-United States, eCanada nasezindaweni zaseCaribbean.