Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?
Nazi izizathu ezenza oFakazi BakaJehova bangayi empini:
Balalela uNkulunkulu. IBhayibheli lithi izikhonzi zikaNkulunkulu “ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja . . . futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:4.
Balalela uJesu. UJesu wathi kumphostoli uPetru: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Ngakho uJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe babengeke baphathe izikhali zempi.
Abafundi bakaJesu balalela umyalo wakhe othi “abayona ingxenye yezwe” ngokuqhubeka bengathathi hlangothi kwezombusazwe. (Johane 17:16) Ababhikishi ngokumelene nezimpi noma baphazamise labo abakhetha ukuba amasosha.
Bathanda abanye. UJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘bathandane.’ (Johane 13:34, 35) Babeyokwakha ubuzalwane bomhlaba wonke futhi alikho ilungu elaliyophakamisa isikhali ngokumelene nomfowabo noma udadewabo.—1 Johane 3:10-12.
Isibonelo samaKristu okuqala. I-Encyclopedia of Religion and War ithi: “Abalandeli bakaJesu bokuqala benqaba ukuya empini nokwenza umsebenzi wezempi,” beqaphela ukuthi ukwenza kanjalo “akuhambisani nendlela kaJesu yothando nomyalo wokuba bathande izitha zabo.” Isazi sezenkolo saseJalimane uPeter Meinhold sasho lokhu ngalabo bafundi bakaJesu bokuqala: “Ukuba umKristu nesosha kwakubhekwa njengezinto ezingahlangani.”
Ukusiza umphakathi
OFakazi BakaJehova bangamalungu omphakathi awusizo futhi abayona ingozi emazweni abahlala kuwo. Siyalihlonipha igunya likahulumeni ngokuvumelana nale miyalo yeBhayibheli:
‘Zithobeni emagunyeni aphakeme.’—Roma 13:1.
“Buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Mathewu 22:21.
Ngakho siyawuthobela umthetho, siyayikhokha intela futhi senza ngokuvumelana nemizamo kahulumeni yezenhlalakahle.