Incwajana Etholakala Ngezilimi Eziningi Efundisa Ngezithombe
U-Odval uhlala eMongolia. Akaqiniseki ukuthi uneminyaka emingaki, kodwa ucabanga ukuthi wazalwa ngo-1921. Ngesikhathi esemncane, wayenakekela imfuyo yabazali bakhe, futhi waba sesikoleni unyaka owodwa vo. Akakwazi ukufunda. Kodwa usanda kuthola incwajana enemibalabala emsize ukuba azi uNkulunkulu futhi afunde ngekusasa eliqhakazile eliyotholwa yilabo abamlalelayo. Ukwazi lokho kumthinte inhliziyo.
Le ncwajana ekhishwe oFakazi BakaJehova ngo-2011, itholakala ngezinhlelo ezimbili. Zombili zinezithombe ezinhle kodwa umehluko uwukuthi enye inamagama ambalwa kunalena enye.
Lena enamagama amaningi, ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, maduze izotholakala ngezilimi ezingu-583; lena enye, ethi Lalela UNkulunkulu, ngezingu-483. Qhathanisa la manani nawe-United Nations Universal Declaration of Human Rights, eyayisihunyushwe ngezilimi ezingu-413 ngo-October 2013. Ngaphezu kwalokho, kuze kube manje lezi zinhlelo ezimbili zale ncwajana sezinikezwe abantu abacishe babe izigidi ezingu-80.
EBrazil, owesifazane osekhulile wajabula lapho ethola incwajana ethi Lalela UNkulunkulu, wathi: “Kuhle ukwazi ukuthi kunabantu ababakhathalelayo abantu abanjengami. Angibathathi omagazini benu ngoba angikwazi ukufunda. Kodwa le ncwajana yona ngiyayifuna.”
UBrigitte, owesifazane ongafundile waseFrance, wathi: “Njalo ngibheka izithombe ezikule ncwajana.”
ENingizimu Afrika, uFakazi othile uyabhala: “Ayikho incwajana yokufundisa amaShayina iqiniso leBhayibheli kangcono kunalena. Ngiye ngaxoxa nabantu abavela eyunivesithi, abangongqondongqondo nabangakwazi nhlobo ukufunda—abantu bezizinda ezihlukahlukene. Incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade ingisiza ukuba ngizidlulisele ngokushesha kwabanye izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Ngesigamu nje sehora, ngisuke sengisibekile isisekelo.”
OFakazi eJalimane bafundela indoda ethile nomkayo abafundile. Le ndoda yahlabeka umxhwele lapho ibona le ncwajana, yathi: “Beninganginikezi ngani yona kwasekuqaleni? Ingisiza ngiqonde izenzakalo zeBhayibheli namazwi alo kalula.”
Owesifazane oyisithulu e-Australia uthi: “Ngiye ngahlala iminyaka eminingi nezindelakazi. Ngangisondelene nabaholi besonto kunanoma ubani omunye. Yize kunjalo, akekho kubo owangifundisa ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu. Izithombe ezikule ncwajana zingisize ngaqonda lokho okushiwo uMathewu 6:10.”
Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseCanada liyabhala: “Ngemva kokubona incwajana ethi Lalela UNkulunkulu ngesiKrio, abaningi eSierra Leone bashukumiseleke ukuba basho ukuthi oFakazi BakaJehova bazikhandla ngempela ekutsheleni abanye isigijimi seBhayibheli. Abanye bathi, ‘Ninothando, okuyinto abaningi abangenayo.’”