I-JW.ORG—Yenza Ukuphila Kwabantu Kube Ngcono
Kuyo yonke indawo, abantu bayazuza engosini ethi jw.org. Ngezansi, kunezibonelo zamazwi okubonga aye ashiwo abaningi kuze kufinyelele kuMay 2014, lapho bebhalela indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova.
Isiza Izingane Ezincane
“Ingane yami esenkulisa yayivame ukufika ekhaya iphethe imisizi, amathoyizi ngisho nezibuko zelanga ezebe kubangane bayo. Sazama ngokuphindaphindiwe ukuyisiza iqonde ukuthi lokho eyayikwenza kuwukweba nokuthi akulungile. Imizamo yethu yehluleka kwaze kwaba yilapho sidawuniloda i-video ethi Ukweba Akulungile engosini ethi jw.org. Le video yaba yithuluzi elinamandla nekhambi langempela endodaneni yethu. Ngemva kokuyibukela, yasitshela ukuthi ifuna ukuzibuyisela zonke lezi zinto, njengoba manje yase yazi ukuthi ukweba kubi emehlweni kaNkulunkulu. Yasisiza ngempela le ngosi!”—D. N., e-Afrika.
“I-video ethi Ukweba Akulungile . . . yaba yithuluzi elinamandla nekhambi langempela endodaneni yethu”
“Izingane zami ziyayithanda le ngosi. Zidawuniloda ama-video amafushane opopayi azisiza ukuba zikwazi ukuzisebenzisa kangcono izimiso zeBhayibheli eziphathelene nokuqamba amanga kanye nokweba. Zifunda nezinye izimfanelo ezibalulekile ezingazisebenzisa ekuphileni kwazo konke, ngaleyo ndlela zibe wusizo emphakathini.”—O. W., eWest Indies.
Isiza Abasafunda
“Ngangivame ukubheka isikole njengento eyisidina, futhi ngangicabanga ukusiyeka. Kodwa ngelinye ilanga, ngafunda isihloko esithi ‘Ingabe Kufanele Ngisiyeke Isikole?’ engosini ethi jw.org. Sangisiza ngasibheka ngenye indlela isikole. Kulesi sihloko, ngabona ukuthi ukuya esikoleni kuzongiqeqeshela ikusasa futhi kungisize ngibe umuntu onokwethenjelwa.”—N. F., e-Afrika.
“Iseluleko esibhekiswe entsheni esikule ngosi singifundise indlela yokuhlale ngiziphethe kahle esikoleni. Ngiye ngafunda indlela yokugxila ezifundweni zami nendlela yokugwema iziphazamiso.”—G., e-Afrika.
“Iseluleko esibhekiswe entsheni esikule ngosi singifundise indlela yokuhlale ngiziphethe kahle esikoleni”
“Umuntu engisebenza naye wayekhala ngokuthi indodakazi yakhe iyaxhashazwa esikoleni, ikakhulukazi intombazane ethile. Lokhu kwayiphazamisa ingane yakhe kangangokuba ayiyanga esikoleni izinsuku ezithile ngenxa yokwesaba. Ngakhuluma naye ngamaphuzu esihloko esisebhodini lemidwebo yopopayi esithi Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela, esitholakala kuyi-jw.org. Wathanda kakhulu iphuzu lokuvele wenze ihlaya ukuze isimo sibe ngcono. Waxoxa nengane yakhe ngokuthi ingenze njani lapho ixhashazwa. Ngemva kwalokho, intombazane yakhe yaya esikoleni isizethemba kakhudlwana. Ngokuhamba kwesikhathi, isimo saba ngcono futhi naleso siqhwaga sagcina sesinobungane.”—V. K., eMpumalanga Yurophu.
Isiza Intsha
“Ngiyabonga ngesihloko esisengosini esithi ‘Kungani Ngizisika?’ Sekuyisikhathi eside nginale nkinga. Ngangicabanga ukuthi yimi ngedwa onayo nokuthi uma ngingatshela abanye, babengeke bangiqonde. Izibonelo ezikulesi sihloko zangisiza ngempela. Ekugcineni, usekhona osiqondayo isimo sami!”—Owesifazane osemusha wase-Australia.
“Izibonelo ezikulesi sihloko zangisiza ngempela. Ekugcineni, usekhona osiqondayo isimo sami!”
“Ingosi ethi jw.org ikwenze kwaba lula ngami ukuthola usizo ngezindaba ezithinta intsha. Esinye isihloko ngokukhethekile, sangisiza ngakwazi ukubona izinhlobo zokuhlukunyezwa ngokobulili, ngabona ukuthi bengilokhu ngiyisisulu sako futhi ngafunda nangezindlela ezifanele zokubhekana nako.”—T. W., eWest Indies.
Isiza Abazali
“Umfana wami unomdlandla ngokweqile. Kuhlale kungikhungathekisa ukuziphatha kwakhe okungazinzile nokushintsha njalo. Ngenxa yalokho, bekuba nzima ukukhulumisana. Ngolunye usuku, ngangena kuyi-jw.org futhi ngachofoza ingxenye yabashadile nabazali. Ngathola izihloko eziningi ezikhuluma ngesimo engangikuso nezangifundisa ukuthi ngingaxoxa kanjani nendodana yami. Nayo izuzile kule ngosi. Manje isiyakhululeka ukuxoxa nami ngezinto eziyijabulisayo neziyikhathazayo.”—C. B., e-Afrika.
“Ngokuvamile kuvela isihloko ku-jw.org ngaso kanye isikhathi esisidinga ngaso, sisenze sikwazi ukusiza izingane zethu zinqobe inselele ezisuke zibhekene nayo”
“Kithina njengabazali, i-jw.org isinikeza indlela esamdlalo yokufundisa izingane zethu. Ngokwesibonelo, ibhodi lemidwebo yopopayi elikhuluma ngendlela yokuthola umngane wangempela, liye lasiza izingane zethu ukuba zibe nombono omuhle ngobungane futhi zikhethe abangane abayoba ithonya elihle kuzo. Ngokuvamile kuvela isihloko ku-jw.org ngaso kanye isikhathi esisidinga ngaso, sisenze sikwazi ukusiza izingane zethu zinqobe inselele ezisuke zibhekene nayo. Iyindawo esithola kuyo izeluleko njalo nje.”—E. L., eYurophu.
Isiza Abashadile
“Mina nomkami sesishade iminyaka eyisithupha. Njenganoma yibaphi abantu abashadile, siye sabhekana nenselele yokuvumelanisa izindlela zethu ezihlukene zokukhulumisana, izizinda nendlela esibheka ngayo izinto. Isihloko esikuyi-jw.org esithi ‘Indlela Yokuba Isilaleli Esihle’ sangikhanga. Sanginikeza iseluleko esiwusizo ngokuthuthukisa amakhono okulalela. Ngasifunda lesi sihloko ngase ngisifunda nomkami. Siye sazama ukusebenzisa izeluleko eziwusizo ezikuso.”—B. B., eWest Indies.
“Ngenxa yale ngosi, umshado wami uye wasinda engozini yokuchitheka”
“Senginonyaka ngizihlanganisa noFakazi BakaJehova, futhi ngithanda ukubonga kakhulu ngengosi i-jw.org. Ngifunde izinto eziningi kule ngosi, kuhlanganise nokuthi ngingayilawula kanjani intukuthelo yami nokuthi ngingaba kanjani umyeni nobaba omuhle. Uma ngikhuluma iqiniso ngingasho ukuthi ngenxa yale ngosi, umshado wami uye wasinda engozini yokuchitheka.”—L. G., eWest Indies.
Isiza Izithulu
“Ingosi i-jw.org iye yangisiza ngazizwa ngiwumuntu. Ama-video oLimi Lwezandla LwaseMelika aye angisiza ngathuthukisa ulimi lwami lwezandla. Nganginomuzwa wokuthi ngeke ngakwazi ukuzibekela imigomo ecacile ekuphileni kwami, kodwa ukubukela i-video ethi Seeing God’s Word in My Language, kwangithinta inhliziyo futhi kwangenza ngazimisela nakakhulu ukugxila ezintweni ezinhle ezenzeka ekuphileni kwami.”—J. N., e-Afrika.
“Ingosi i-jw.org iye yangisiza ngazizwa ngiwumuntu”
“Le ngosi iwusizo ngempela. Ngiyisisebenzi sokuzithandela esisiza abantu abayizithulu, ikakhulu intsha. Ama-video ahlukahlukene atholakala ngolimi lwezandla aye angisiza ukuba ngithuthukise amakhono ami okusebenzisa lolu limi. Le ngosi ingisizile ukuba ngikwazi ukusiza abantu abafuna ukuthuthukisa ubuhlobo emindenini yabo nokuqinisa ubungane.”—K. J., eWest Indies.
Isiza Abayizimpumputhe
“Ngiyimpumputhe futhi ngizuze kakhulu kuyi-jw.org. Inginikeza ulwazi okungathatha izinyanga ngaphambi kokuba lufike kimi ngeposi. Le ngosi ikucebisile ukuphila kwami futhi ingenze ngaba usizo emphakathini wakithi. Ingisizile nokuba ngithole ukwaziswa ngesikhathi esifanayo nabangane bami abakwazi ukubona.”—C. K., eNingizimu Melika.
“Le ngosi ikucebisile ukuphila kwami futhi ingenze ngaba usizo emphakathini wakithi”
“I-jw.org iyigugu ngempela kulabo abangakwazi ukufunda iBraille noma abangenayo imali yokuthenga izincwadi zeBraille. Ngosizo lwezinto eziqoshiwe, abantu abayizimpumputhe bangakwazi ukuthola ezakamuva mayelana nezinto ezihlukahlukene. Le ngosi yenzelwe wonke umuntu ngaphandle kokubandlulula noma ukukhetha. Iyasisiza thina esiyizimpumputhe ukuba sizizwe sihloniphekile futhi samukelekile emphakathini.”—R. D. e-Afrika.
Isiza Abafisa Ukwazi UNkulunkulu
“Umehluko okhona phakathi kwengosi yenu nezezinye izinkolo ukuthi eyenu ayixaki abantu ngamagama amakhulu enkolo nezinkulumo eziqondwa abefundisi kuphela. Kanti futhi ayikuxaki ngolwazi oluningi uze udideke. Ingosi yenu ilula futhi icacile. Ayithemelezi futhi ayigcwele imibono yabantu. Ayenzi kubonakale sengathi ukholo luyindida. Kunalokho, ibonisa ukuthi ukholo luyinto noma ubani angaba nayo.”—A. G., e-Asia.
“Ingosi yenu ilula futhi icacile . . . Ibonisa ukuthi ukholo luyinto noma ubani angaba nayo”
“Ukuphila kwami ngabe kuwusizi ukube bekungengenxa ye-jw.org! Kuleli zwe elisebumnyameni, le ngosi ifana nesibani engingakwazi ukukhanyisa ngaso. Ngokushesha ngikwazi ukuthola izihloko eziveza umbono kaNkulunkulu ngezinto futhi ngithole izimpendulo zemibuzo eminingi ekuphileni.”—J. C., eWest Indies.
“Ngilujabulela lonke usizo lokwazi uNkulunkulu engiluthola ngisho ngilapha emajukujukwini aseNingizimu Melika. Angazi ukuthi ngabe ngiyini ngaphandle kwale ngosi.”—M. F., eNingizimu Melika.