UMBUZO 2
Ungaluthola Kanjani Ulwazi NgoNkulunkulu?
“Akufanele uyeke ukukhuluma ngale ncwadi yoMthetho, kumele uyifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini, ukuze ukugcine ngokucophelela konke okulotshwe kuyo; ngoba uma wenza kanjalo uyophumelela futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.”
“Baqhubeka beyifunda ngokuzwakalayo incwadi, uMthetho kaNkulunkulu weqiniso, bewuchaza kahle futhi bewucacisa; ngaleyo ndlela babasiza abantu ukuba bakuqonde lokho okwakufundwa.”
“Uyajabula umuntu ongahambi ngeseluleko sababi . . . , kodwa ojabula ngomthetho kaJehova, ufunda umthetho waKhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. . . . Konke akwenzayo kuyophumelela.”
“UFiliphu wagijima eceleni kwenqola, wamuzwa efunda ngokuzwakalayo incwadi ka-Isaya umprofethi, wathi: ‘Uyakwazi ngempela lokho okufundayo?’ Wathi: ‘Ngingakwazi kanjani nje ngempela ngaphandle kokuba othile angiqondise?’”
“Izimfanelo zakhe ezingabonakali, okuwukuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, kangangokuthi abanazaba.”
“Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu.”
“Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye.”
“Uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, uyomnika kona ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.”