AmaHubo 118:1-29
118 Bongani uJehova, ngoba muhle; +Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
2 Manje u-Israyeli makathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
3 Abendlu ka-Aroni mabathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
4 Abesaba uJehova mabathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
5 Ngambiza uJah* lapho ngicindezelekile;UJah waphendula wangiletha endaweni ephephile. *+
6 UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. +
Umuntu angangenzani? +
7 UJehova ungakimi ukuze abe ngumsizi wami; *+Ngiyobuka lapho abangizondayo benqotshwa. +
8 Kungcono ukuphephela kuJehovaKunokuthembela kubantu. +
9 Kungcono ukuphephela kuJehovaKunokuthembela ezikhulwini. +
10 Zonke izizwe zangizungeza,Kodwa ngegama likaJehova,Ngazixosha. +
11 Zangizungeza, yebo, zazingizungeze nxazonke,Kodwa ngegama likaJehova,Ngazixosha.
12 Zangizungeza njengezinyosi,Kodwa zacinywa ngokushesha njengomlilo wezihlahla zameva.
Ngegama likaJehova,Ngazixosha. +
13 Ngasunduzwa kakhulu* ukuze ngiwe,Kodwa uJehova wangisiza.
14 UJah uyisikhoselo sami namandla ami,Usebe yinsindiso yami. +
15 Umsindo wokujabula nensindiso*Usematendeni abalungile.
Isandla sokudla sikaJehova sibonisa amandla aso. +
16 Isandla sokudla sikaJehova siyaziphakamisa;Isandla sokudla sikaJehova sibonisa amandla aso. +
17 Ngeke ngife, cha, ngizophila,Ukuze ngimemezele imisebenzi kaJah. +
18 UJah wangijezisa kanzima, +Kodwa akazange anginikele ekufeni. +
19 Ngivuleleni amasango okulunga; +Ngizongena ngawo ngidumise uJah.
20 Leli yisango likaJehova.
Abalungile bazongena ngalo. +
21 Ngizokudumisa, ngoba wangiphendula +Waba yinsindiso yami.
22 Itshe elenqatshwa abakhiSelibe yitshe legumbi* eliyinhloko. +
23 Livele kuJehova; +Liyamangalisa emehlweni ethu. +
24 Lolu usuku uJehova alwenzile;Sizojabula sithokoze ngalo.
25 Jehova, sicela usisindise, siyakunxusa!
Jehova, sicela usisize sinqobe!
26 Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova; +Siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27 UJehova unguNkulunkulu;Usinika ukukhanya. +
Ngenani odwendweni lomkhosi niphethe amagatsha ngesandla, +Nize nifike ezimpondweni ze-altare. +
28 Wena unguNkulunkulu wami, ngizokudumisa;Nkulunkulu wami, ngizokuphakamisa. +
29 Bongani uJehova, + ngoba muhle;Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +
Imibhalo yaphansi
^ Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “evulekile.”
^ Noma kungaba, “kanye nalabo abangisizayo.”
^ Noma kungaba, “Wangisunduza kakhulu.”
^ Noma, “nokunqoba.”
^ NgesiHebheru, “lasekhoneni.”