AmaHubo 84:1-12
Kumqondisi; ngenothi leGititi.* Ihubo lamadodana kaKhora. +
84 Yeka ukuthi lithandeka kanjani* itabernakele lakho elikhulu, +Jehova wamabutho!
2 Ngiyakulangazelela,Impela, ngikulangazelela kakhulu,Ukuba semagcekeni kaJehova. +
Inhliziyo yami nenyama yami kumemeza uNkulunkulu ophilayo ngenjabulo.
3 Ngisho nenyoni izitholela indawo yokuhlala laphoNenkonjane izakhele isidleke,Lapho ikhulisela khona amaphuphu ayoEduze kwe-altare lakho elikhulu, Jehova wamabutho,Nkosi yami noNkulunkulu wami!
4 Bayajabula abahlala endlini yakho! +
Bayaqhubeka bekudumisa. + (Sela)
5 Bayajabula abantu abathola amandla kuwe, +Izinhliziyo zabo ezilangazelela ukuba sendleleni eya endlini yakho.
6 Lapho bedlula eSigodini Samabhakha,*Basenza sibe njengendawo eneziphethu;Izimvula zokuqala zisembathisa* ngezibusiso.
7 Bayoqhubeka behamba kodwa amandla abo ngeke aphele; +Yilowo nalowo ubonakala phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.
8 O Jehova Nkulunkulu wamabutho, yizwa umthandazo wami;Nkulunkulu kaJakobe, lalela. (Sela)
9 O hawu lethu + noNkulunkulu wethu, bheka,*Bheka ubuso bogcotshiwe wakho. +
10 Ngoba usuku emagcekeni akho lungcono kuneziyinkulungwane kwenye indawo! +
Ngikhetha ukuma esitubhini sendlu kaNkulunkulu wamiKunokuhlala ematendeni ababi.
11 Ngoba uJehova uNkulunkulu uyilanga + nehawu; +Unika umusa nenkazimulo.
UJehova ngeke abagodlele okuhleLabo abahamba ngobuqotho. +
12 O Jehova wamabutho,Uyajabula umuntu othembela kuwe. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “lithandwa kakhulu kangakanani.”
^ Noma, “esigodini esinezihlahla zamabhakha.”
^ Noma kungaba, “Nofundisayo uzisonga.”
^ Noma kungaba, “O Nkulunkulu, bheka ihawu lethu.”