U-Isaya 11:1-16
11 Kuyomila ihlumela + esiqwini* sikaJese, +Ezimpandeni zakhe ihlumela + liyothela izithelo.
2 Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, *+Umoya wokuhlakanipha + nowokuqonda,Umoya weseluleko nowamandla, +Umoya wolwazi nowokwesaba uJehova.
3 Uyojabula ngokwesaba uJehova. +
Ngeke ahlulele ngokwalokho akubona ngamehlo akhe,Noma amane asole ngokwalokho akuzwa ngezindlebe. +
4 Uyokwahlulela abantu abahluphekile ngokulunga,*Uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.
Amazwi akhe ayoba yinduku ayoshaya ngayo umhlaba +Uyobulala ababi ngomoya wezindebe zakhe. +
5 Ukulunga kuyoba yibhande elisokhalweni lwakhe,Nokwethembeka kube yibhande lezinqulu zakhe. +
6 Impisi iyohlala* newundlu, *+Ingwe ilale ndawonye nezinyane lembuzi,Ithole nebhubesi* nesilwane esikhuluphele konke kuyoba ndawonye; *+Nomfanyana uyokuhola.
7 Inkomo nebhere kuyodla ndawonye,Amankonyane ako alale ndawonye.
Ibhubesi liyodla utshani njengenkunzi. +
8 Umntwana oncelayo uyodlala phezu komgodi wemfezi,Ingane eyekiswe ibele iyofaka isandla sayo emgodini wenyoka enobuthi.
9 Ngeke neze kulimaze +Noma kubangele umonakalo kuyo yonke intaba yami engcwele, +Ngoba nakanjani umhlaba uyogcwala ulwazi ngoJehovaNjengamanzi egcwalisa ulwandle. +
10 Ngalolo suku impande kaJese + iyoma njengesibonakaliso* ezizweni. +
Izizwe ziyophendukela kuye ukuze zithole isiqondiso, *+Indawo yakhe yokuphumula iyokhazimula.
11 Ngalolo suku uJehova uyophinda elule isandla sakhe, okwesibili, ukuze alande abantu bakhe abasele e-Asiriya, + eGibhithe, + ePhatirosi, + eKushe, + e-Elamu, + eShinari,* eHamati naseziqhingini zolwandle. +
12 Uyophakamisela izizwe isibonakaliso* futhi aqoqe abahlakazekile bakwa-Israyeli, + uyobaqoqela ndawonye abahlakazekile bakwaJuda bevela emagumbini amane omhlaba. +
13 Umona ka-Efrayimi uyophela, +Nalabo ababonisa ubutha kuJuda bayoqedwa.
U-Efrayimi ngeke abe nomona ngoJuda,NoJuda ngeke abonise ubutha ku-Efrayimi. +
14 Bayohlasela izindawo ezehlelayo* zamaFilisti ngasentshonalanga;Ndawonye bayophanga abantu baseMpumalanga.
Bayomnqoba* u-Edomi + noMowabi, +Abakwa-Amoni bayoba yizikhonzi zabo. +
15 UJehova uyohlukanisa* itheku* lolwandle lwaseGibhithe +Asikaze ngesandla sakhe phezu koMfula. *+
Ngomoya wakhe oshisayo uyoshaya imifudlana yawo eyisikhombisa,Uyobangela abantu ukuba bawele ngezimbadada zabo.
16 Kuyoba khona umgwaqo omkhulu + ophuma e-Asiriya, wabantu bakhe abasele ababesindile, +Njengoba nje waba khona oka-Israyeli ngosuku aphuma ngalo ezweni laseGibhithe.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “esiphunzini.”
^ Kubhekiselwa ehlumeleni.
^ Noma, “ngobulungisa.”
^ Noma kungaba, “Ithole nebhubesi kuyodla ndawonye.”
^ Noma, “nebhubesi eliselincane elinomhlwenga.”
^ Noma, “nezinyane lemvu.”
^ Noma, “iyohlala isikhashana.”
^ Noma, “Izizwe ziyomfuna.”
^ Noma, “njengesigxobo esiwuphawu.”
^ Okuwukuthi, eBhabhiloni.
^ Noma, “isigxobo esiwuphawu.”
^ NgesiHebheru, “ihlombe.”
^ Noma, “Bayoba negunya.”
^ Noma kungaba, “uyokomisa.”
^ NgesiHebheru, “ulimi.”
^ Okuwukuthi, i-Ewufrathe.