IzAga 18:1-24

  • Ukuzihlukanisa kuwubugovu futhi akukona ukuhlakanipha (1)

  • Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile (10)

  • Ingcebo imane nje iyisivikelo esingekho (11)

  • Ukuhlakanipha kokulalela izinhlangothi zombili (17)

  • Umngane onamathela ngaphezu komfowenu (24)

18  Noma ubani ozihlukanisayo ufuna ukufeza izifiso zakhe zobugovu;Wenqaba* konke ukuhlakanipha okuwusizo.   Umuntu oyisiphukuphuku akajabuli ngokuqonda;Uncamela ukwambula okusenhliziyweni yakhe. +   Lapho kufika omubi, kufika nokwedelela,Nehlazo lihambisana nesihlamba. +   Amazwi aphuma emlonyeni womuntu angamanzi ajulile. + Umthombo wokuhlakanipha uwumfudlana ophuphumayo.   Akukuhle ukukhetha omubi +Noma ukugodlela umuntu olungile ubulungisa. +   Inkulumo yesiphukuphuku ibanga ingxabano, +Nomlomo waso uzibizela induku. +   Umlomo wesiphukuphuku uwukubhujiswa kwaso, +Nezindebe zaso ziwugibe ekuphileni kwaso.   Amazwi omnyundeli anjengokudla okumnandi; +Ayagwinywa angene phakathi esiswini. +   Noma ubani ovilaphayo emsebenzini wakheUngumfowabo womuntu obangela incithakalo. + 10  Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. + Olungile ubalekela kuwo athole isivikelo. *+ 11  Ingcebo yomuntu ocebile yidolobha lakhe elinezivikelo eziqinile;Engqondweni yakhe ifana nodonga oluvikelayo. + 12  Inhliziyo eqhoshayo yandulela ukuphahlazeka komuntu, +Ukuthobeka kwandulela udumo. + 13  Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ezwe amaqiniso,Lokho kungubuwula nokuhlazeka. + 14  Umoya omuhle* ungamqinisa umuntu lapho egula, +Kodwa ubani ongabekezelela umoya omunyu? *+ 15  Inhliziyo yoqondayo izuza ulwazi, +Nendlebe yohlakaniphile ifuna ukuthola ulwazi. 16  Isipho somuntu simvulela indlela; +Simhlanganisa nezikhulu.* 17  Olwethula kuqala udaba lwakhe ubonakala elungile, +Kuze kube yilapho kufika lowo ommangalele amphenye ngemibuzo. *+ 18  Inkatho iyaziqeda izingxabano +Ixazulule nemibango eshubile.* 19  Kulula ukuthumba idolobha elinezivikelo eziqinile kunokunqanda ulaka lomfowenu owoniwe, +Futhi kukhona izingxabano ezinjengemigoqo yenqaba. + 20  Umuntu uyosuthiswa okuvela esithelweni senkulumo yakhe; +Uyobhekana nemiphumela yezinto azishoyo. 21  Ukufa nokuphila kusemandleni olimi; +Labo abathanda ukulusebenzisa bayodla izithelo zalo. + 22  Lowo othole umfazi omuhle, uthole into enhle, +Uthola nomusa* kaJehova. + 23  Umuntu ohluphekayo uyancenga lapho ekhuluma,Kodwa ocebile uphendula ngokhahlo. 24  Kukhona abangane abaphihlizanayo, +Kodwa kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Wedelela.”
NgesiHebheru, “aphakanyiselwe phezulu,” okuwukuthi, endaweni engenakufinyelelwa, ephephile.
Noma, “ukuphelelwa ithemba?”
NgesiHebheru, “Umoya womuntu.”
Noma, “nezicukuthwane.”
Noma, “amhlolisise.”
NgesiHebheru, “Ihlukanise nezitha ezinamandla.”
Noma, “Uthakazelelwa.”