I-INDONESIA
Iphayona Elingesabi
U-André Elias
-
UNYAKA AZALWA NGAWO 1915
-
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1940
-
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Iphayona elinesibindi elama laqina izikhathi eziningi lapho liphenywa ngemibuzo futhi lisongelwa.
PHAKATHI neMpi Yezwe II, uMfoweth’ u-Elias nomkakhe, uJosephine, bavela phambi kwezikhulu zamaphoyisa eSukabumi, eNtshonalanga Java, ekomkhulu le-Kempeitai, amaphoyisa ezempi angamaJapane. U-André waphenywa kuqala ngemibuzo. Bamxina ngemibuzo enzima. “Bangobani oFakazi BakaJehova? Ingabe nimelene nohulumeni waseJapane? Niyizimpimpi?”
U-André waphendula: “Siyizinceku zikaNkulunkulu uMninimandla onke futhi asenzanga lutho olubi.” Isikhulu samaphoyisa sathatha inkemba sayibamba sayiphakamisa.
Sithukuthele, sathi: “Ungathini uma ngingakubulala manje?” U-André walalisa ikhanda lakhe edeskini wathandaza buthule. Kwake kwathula kwathi du, kwabe sekuzwakala iphoyisa liqhuma phezulu lihleka. Lathi: “Unesibindi!” Labe selibiza uJosephine. Lapho kutholakala ukuthi izimpendulo
zabo ziyefana, iphoyisa labhavumula: “Anizona izimpimpi nina. Phumani la!”Ngemva kwezinyanga eziningana, u-André wamangalelwa “abazalwane bamanga” wayeseboshwa. (2 Kor. 11:26) Kwaphela izinyanga eziningana ephila ngokudla izinsalela zokudla ayekuhlwaya epayipini lamanzi. Noma kunjalo, ojele behluleka ukwephula ubuqotho bakhe. Lapho uJosephine emvakashela, u-André wamhlebela engale kwezinsimbi zejele, wathi: “Ungaphatheki kabi. Kungakhathaliseki ukuthi bayangibulala noma bayangidedela, ngizohlala ngithembekile kuJehova. Ngingamane ngiphume ngiyisidumbu la, ngeke ngiphume ngiyisihlubuki.”
Ngemva kwezinyanga eziyisithupha esejele, u-André wavela phambi kweNkantolo Ephakeme YaseJakarta, wayesededelwa.
Ngemva kweminyaka engu-30, lapho uhulumeni wase-Indonesia uphinde uvimba oFakazi BakaJehova, ummeli waseManado, eNyakatho Sulawesi, wabizela u-André ehhovisi lakhe. Wambuza: “Uyazi ukuthi oFakazi BakaJehova bavinjelwe?”
“Yebo,” kuphendula u-André.
“Usukulungele ukushintsha inkolo yakho manje?” kubuza ummeli.
U-André wathi ukugoba kancane wayesezishaya isifuba. Washo ngezwi elikhulu: “Ningamane ningibulale, kodwa anisoze nangishintshisa inkolo yami.”
Lo mmeli wamdedela u-André, akaphindange wamhlupha.
Ngo-2000, u-André washona eneminyaka engu-85, ngemva kweminyaka engu-60 eyiphayona elishisekayo.