Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ngikulungele Ukuphola?

Ingabe Ngikulungele Ukuphola?

Isahluko 1

Ingabe Ngikulungele Ukuphola?

“Kuningi okungicindezela ukuba ngiqome. Kukhona nenqwaba yabafana abahle.”—UWhitney.

“Amanye amantombazane avele angishele ingcaca, futhi kuye kuthi angivume. Kodwa uma ngingabuza abazali ukuthi ngenzenjani, ngiyazi ukuthi bazothini.”—UPhillip.

ISIFISO sokuba nomuntu okhethekile—nesokuba nomuntu ocabanga ukuthi wena ukhethekile—singaba namandla kakhulu, ngisho usemncane. UJenifer uyakhumbula: “Ngaqala ukuzizwa ngicindezeleka ukuba ngijole lapho ngineminyaka engu-11.” UBrittany uthi: “Esikoleni uba nomuzwa wokuthi awuphelele kahle uma ungathandani namuntu—nanoma ubani nje!”

Wena-ke? Ingabe wena usukulungele ukuphola? Ukuze siphendule lo mbuzo, kudingeka siqale siphendule umbuzo oyisisekelo:

Kuyini “Ukuphola”?

Phawula impendulo yakho yemibuzo elandelayo:

Ujwayele ukuya ezindaweni ezithile nothile wobulili obuhlukile. Ingabe niyaphola?

□ Yebo

□ Cha

Wena nothile wobulili obuhlukile niyakhangana. Nithumelelana imiyalezo ngomakhalekhu- khwini noma nikhulume ocingweni izikhathi eziningana ngosuku. Ingabe niyaphola?

□ Yebo

□ Cha

Njalo lapho nihlangene nabangane bakho, unaka kakhulu umuntu ofanayo wobulili obuhlukile. Ingabe niyaphola?

□ Yebo

□ Cha

Kungenzeka awubanga nenkinga yokuphendula umbuzo wokuqala. Kodwa kungenzeka uye wabambeka ngaphambi kokuphendula owesibili nowesithathu. Kuyini ngempela ukuphola? Ukuphola kuyinoma yibuphi ubungane obuhilela imizwelo yothando ngomunye umuntu, ebe naye ezizwa kanjalo ngawe. Ngakho, impendulo yale mibuzo emithathu engenhla inguyebo. Uma wena nomngane wakho wobulili obuhlukile nazana ukuthi ninemizwa yothando ngomunye nomunye futhi nixoxa njalo, kungakhathaliseki ukuthi kungocingo noma ubuso nobuso, emphakathini noma esithe, nisuke niphola. Ingabe usukulungele lokho? Ukucabanga ngemibuzo emithathu kuzokusiza uthole impendulo.

Kungani Ufuna Ukuphola?

Emiphakathini eminingi ukuphola kuyindlela eyamukelekayo yokuba abantu ababili bazane kangcono. Kodwa ukuphola kufanele kube nenhloso ehloniphekile—yokusiza insizwa nentombi ukuba babone ukuthi bayafuna yini ukushada.

Kuyavunywa, abanye ontanga yakho bangase bakuthathe kalula ukuphola. Mhlawumbe kubona kumane nje kumnandi ukuba nomngane okhethekile wobulili obuhlukile, bengahlose kushada. Abanye bangaze babheke lowo mngane wabo njengophawu lobusoka noma umuntu abachoma ngaye. Nokho, ngokuvamile abantu abaphola ngalezi zizathu basheshe bahlukane. “Intsha eningi epholayo iyehlukana ngemva kwesonto elilodwa noma amabili,” kusho intombazane okuthiwa uHeather. “Ibheka ukuphola njengento yesikhashana—ngomqondo othile okuyilungiselela isehlukaniso kunomshado.”

Ngokusobala, uma uphola nothile uyayithinta imizwa yakhe. Ngakho, qiniseka ukuthi izinhloso zakho zinhle. Cabanga ngalokhu: Ubungathanda yini ukuba umuntu adlale ngemizwa yakho sengathi iyithoyizi lengane—edlala ngalo isikhashana ibuye ilishiye ngokushesha? Osemusha okuthiwa uChelsea uthi: “Kuthi angithi ukuphola okokuzijabulisa nje, kodwa akumnandi uma omunye ezimisele kanti omunye uyadlala.”

Uneminyaka Emingaki?

Ucabanga ukuthi osemusha kufanele aqale ukuphola eneminyaka emingaki? ․․․․․

Manje buza oyedwa noma bobabili abazali bakho umbuzo ofanayo, bese uyibhala phansi impendulo yabo. ․․․․․

Cishe inombolo yokuqala oyibhale phansi incane kuneyesibili. Noma mhlawumbe akunjalo! Hleze uphakathi kwentsha eningi eye yakhetha ngokuhlakanipha ukungapholi ize ikhule ngokwanele ukuba izazi kahle. Yilokho anquma ukukwenza uDanielle oneminyaka engu-17. Uthi: “Uma ngicabanga ngeminyaka emibili edlule, lokho engangiyokubheka kumuntu engifuna ukushada naye kuhluke kakhulu kulokho engingakubheka manje. Empeleni, ngisho namanje angizethembi ukuthi ngingasenza isinqumo esinjalo. Uma sengizazi ukuthi ngifunani, ngiyobe sengiyacabanga ukuthi ngiyaphola yini.”

Kunesinye isizathu esenza kube ukuhlakanipha ukulinda. IBhayibheli lisebenzisa inkulumo ethi “ukuqhuma kobusha” uma lichaza isikhathi imizwa yobulili nemizwelo yothando eqala ngaso ukuba namandla. (1 Korinte 7:36) Ukuba nobuhlobo obuseduze nothile wobulili obuhlukile phakathi nale nkathi kungabhebhethekisa inkanuko futhi kuholele ekuziphatheni okubi. Yebo, lokhu kungase kungasho lutho kontanga yakho. Abaningi babo bajahe kabi ukuzwa ukuthi ubulili bunjani. Kodwa wena ungacabanga ngendlela ehlukile kunale! (Roma 12:2) Angithi neBhayibheli likukhuthaza ukuba ‘ubalekele ukuziphatha okubi kobulili.’ (1 Korinte 6:18, New International Version) Uma ulinda uze udlule ekuqhumeni kobusha, ‘ungayiphebeza inhlekelele.’—UmShumayeli 11:10.

Ingabe Usukulungele Ukushada?

Ukuze ukwazi ukuphendula lo mbuzo ongenhla, zihlolisise. Cabanga ngalokhu okulandelayo:

Ubuhlobo. Ubaphatha kanjani abazali bakho nezingane zakini? Ingabe uvame ukuhluthuka, mhlawumbe ubakhahle noma ubabhuqe ukuze uveze umbono wakho? Bona bangathini ngawe kulokhu? Indlela ophatha ngayo abakini ibonisa indlela oyomphatha ngayo umuntu oyoshada naye.—Funda eyabase-Efesu 4:31.

Isimo sakho. Ingabe ungumuntu obona okuhle esimweni esithile noma okubi? Ingabe uyacabangela noma uhlale ufuna ukuba izinto zenziwe ngendlela ethile—ngendlela yakho? Uyakwazi yini ukuzibamba ezimweni ezinzima? Ingabe uyabekezela? Ukuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu manje kuyokusiza ulungele ukuba indoda noma inkosikazi ngesikhathi esizayo.—Funda eyabaseGalathiya 5:22, 23.

Imali. Uyisebenzisa kanjani imali? Ingabe uhlale unezikweletu? Uyakwazi ukugcina umsebenzi? Uma ungakwazi, uhlulwa yini? Ingabe kungenxa yomsebenzi? umqashi? Noma kungenxa yomkhutshana othile noma isici esithile okudingeka usebenzele kuso? Uma uhluleka ukuphatha eyakho imali, ucabanga ukuthi uyoyiphatha kanjani eyomkhaya wakho?—Funda eyoku-1 Thimothewu 5:8.

Ingokomoya. Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, unaziphi izimfanelo ezingokomoya? Ingabe kuzisukela kuwe ukufunda iZwi likaNkulunkulu, ukuhlanganyela enkonzweni nokuphendula emihlanganweni yobuKristu? Umuntu ozoshada naye ufanelwe umuntu oqinile ngokomoya.—Funda umShumayeli 4:9, 10.

Lokho Ongakwenza

Ukucindezelwa ukuba uphole ungakakulungeli kungafana nokuphoqwa ukuba ubhale izivivinyo zezifundo ongakazifundi. Ngokusobala, bekungeke kulunge! Udinga isikhathi sokutadisha izifundo zakho ukuze ukwazi ukujwayelana nohlobo lwezinkinga oyobhekana nalo esivivinyweni.

Kuyafana nangokuphola. Njengoba sesibonile, ukuphola akuyona indaba yokudlala. Ngakho, ngaphambi kokuba ugxile kumuntu oyedwa ngokukhethekile, kudingeka uzinike isikhathi sokufunda “isifundo” esibaluleke kakhulu—indlela yokwakha abangane. Kamuva, lapho uthola umuntu ofanelekayo, uyoba sesimweni esikahle sokwakha ubuhlobo obuqinile. Kakade, umshado ophumelelayo wakhiwa abantu ababili abangabangane abakhulu.

Ukulinda ngaphambi kokuba uphole ngeke kukuncishe inkululeko. Kunalokho, kuyokunikeza inkululeko eyengeziwe yokuba ‘ujabule ebusheni bakho.’ (UmShumayeli 11:9) Uyoba nanesikhathi sokuzilungiselela ngokuba uthuthukise ubuntu bakho, futhi okubaluleke kakhulu, ingokomoya lakho.—IsiLilo 3:27.

Usalindile, ungakwazi ukujabulela ubudlelwane nabobulili obuhlukile. Iyiphi indlela engcono yokwenza lokhu? Zihlanganise nabanye emaqenjini axubile aqondiswe kahle. Intombazane okuthiwa uTammy ithi: “Ngicabanga ukuthi kumnandi ngaleyo ndlela. Kungcono ukuba nabangane abaningi.” UMonica uyamvumela. Uthi: “Ukuba nobudlelwane eqenjini kuwumqondo omuhle ngempela ngoba uhlangana nabantu abanobuntu obuhlukahlukene.”

Kanti uma usheshe ugxila kumuntu oyedwa, uzidonsela amanzi ngomsele. Ngakho ungajahi. Lesi sikhathi sokuphila kwakho sisebenzisele ukufunda indlela yokwakha abangane nokubagcina. Kamuva, uma ukhetha ukuphola, uyobe usuzazi kangcono wena nokuthi yini oyifunayo kumuntu oyohlala naye ukuphila kwakho konke.

FUNDA OKWENGENZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, IZAHLUKO 29 NO-30

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ingabe ulingeka ukuba uphole kodwa ubafihlele abazali bakho? Ziningi izingozi zalo mkhuba kunokuba uqaphela.

UMBHALO OYINHLOKO

“Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

ICEBISO

Ukuze ulungele ukuphola nokushada, funda eyesi-2 Petru 1:5-7 bese ukhetha imfanelo eyodwa okudingeka usebenzele kuyo. Ngemva kwenyanga, bheka ukuthi kungakanani osukufundile ngaleyo mfanelo—futhi wakuthuthukisa.

UBUWAZI . . . ?

Ukuhlola okuhlukahlukene kubonisa ukuthi abantu abashada bengaphansi kweminyaka engu-20 ubudala cishe bayohlukana ingakapheli iminyaka emihlanu.

ENGIZOKWENZA!

Ukuze ngilungele ukushada, kudingeka ngisebenzele kulezi zimfanelo: ․․․․․

Ngingasebenzela kulezi zimfanelo ngoku- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Kukuziphi izimo ezifanelekayo ongazihlanganisa kuzo nabobulili obuhlukile?

Ungabonisana kanjani nengane yakini efuna ukuphola kodwa ibe isencane kakhulu?

Uma uphola kodwa ungahlose kushada, lokho kungase kuyithinte kanjani imizwa yophola naye?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 18]

‘‘Ngicabanga ukuthi kufanele uphole nomuntu omkhathalelayo ngempela futhi ube unomuzwa wokuthi ningalakha ikusasa ndawonye. Uthanda umuntu, hhayi nje ukuphola.’’—U-Amber

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Uma uphola kodwa ungahlose kushada, wenzisa okwengane edlala ngethoyizi elisha bese ililahla