Ngingenza Kanjani Kangcono Esikoleni?
Isahluko 13
Ngingenza Kanjani Kangcono Esikoleni?
ZIBONE ngeso lengqondo uvaleleke ehlathini elicinene elimnyama. Konke ukukhanya kwelanga kusithwe izihlahla ezinde eziminyene. Njengoba uzungezwe uhlaza oluminyene, awukwazi kunyakaza. Ukuze uphume, kumelwe uvule indlela ngobhushu.
Abanye bangathi ukufunda esikoleni kuyefana nalesi simo esichazwe ngenhla. Esikoleni nakhona uvaleleke ekilasini usuku lonke bese uxinwa umsebenzi wesikole ebusuku. Ingabe uzizwa kanjalo? Emgqeni ongezansi, bhala isifundo osithola sinzima kunazo zonke.
․․․․․
Mhlawumbe abazali bakho nothisha bakukhuthaze ukuba wenze okwengeziwe kulesi sifundo. Uma kunjalo, abazami ukukuhlupha! Bamane nje bafuna wenze okusemandleni akho. Yini-ke ongayenza uma kukukhathaza ukwenza lokho abakufunayo kuze kuthi shiya phansi? Uma unamathuluzi afanele, ungayivula indlela kuleli hlathi. Yimaphi lawo mathuluzi?
● Ithuluzi 1: Isimo sengqondo esihle ngokufunda. Kunzima ukuba nomdlandla wokwenza kahle esikoleni uma ungakuthandi ukufunda. Ngakho zama ukuba nombono obanzi. Umphostoli uPawulu ongumKristu waloba: “Umuntu olimayo kufanele alime ngethemba nomuntu obhulayo kufanele abhule ngethemba lokuba adle.”—1 Korinte 9:10.
Kungase kungabi lula ukubona inzuzo ‘yokulima’ (ukusebenza ngendlela ehlelekile nenenjongo) ezifundweni ezithile. Ngani? Ngoba akuzona zonke izifundo ozifundayo ezingabonakala zidingeka—okungenani hhayi manje. Noma kunjalo, ukufunda 1 Korinte 9:22) Okungenani-ke kuyolola ikhono lakho lokucabanga—okuyinto eyokusiza nakanjani kamuva.
izifundo ezihlukahlukene kuyokwenza uwuqonde kangcono umhlaba ophila kuwo. Kuyokusiza ukuba ube “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo,” kukunikeze ikhono lokuxoxa nabantu bezizinda ezihlukahlukene. (● Ithuluzi 2: Umbono omuhle ngamakhono akho. Isikole singembula iziphiwo obungazi ukuthi unazo. UPawulu wabhalela uThimothewu: ‘Vuthela njengomlilo isipho sikaNkulunkulu esikuwe.’ (2 Thimothewu 1:6) Ngokusobala, uThimothewu wayekade enikezwe inkonzo ethile ekhethekile ebandleni lobuKristu; yize kunjalo, ngisho nekhono ayelinikwe uNkulunkulu—“isipho” sakhe—kwakudingeka lithuthukiswe ukuze lingahlali liqubile noma liphuphe. Kuyavunywa, amakhono akho ezintweni zesikole awuwanikiwe uNkulunkulu ngokuqondile. Noma kunjalo, iziphiwo zakho azifani nezabanye. Isikole singakusiza uthole amakhono obungazi ukuthi unawo futhi uwathuthukise.
Musa ukuzibizela ukufeyila ngokucabanga ukuthi ngeke neze uthuthuke. Lapho uhlaselwa imicabango engemihle ngamakhono 2 Korinte 10:10; 11:6) UPawulu wayebazi ubuthaka bakhe. Kodwa wayezazi nezinto azenza kahle.
akho, yikhiphe ufake emihle. Ngokwesibonelo, lapho abantu begxeka ikhono likaPawulu lokukhuluma, mhlawumbe ngokungafanele, waphendula: “Ngisho noma ngingenalo ikhono ekukhulumeni, ngokuqinisekile angiyena ongenalo olwazini.” (Wena-ke? Yiziphi izinto ozenza kahle? Uma ungazazi, kungani ungabuzi umuntu omdala okukhathalelayo? Angakusiza uzazi lezo zinto futhi uzisebenzise ngokugcwele.
● Ithuluzi 3: Imikhuba emihle yokutadisha. Ngeke uphumelele esikoleni uma ufuna ukushaya ngezinqamulelayo. Nakanjani kuzodingeka utadishe. Yiqiniso, leli gama lingase lingazwakali kamnandi. Kepha ukutadisha kuyazuziza. Eqinisweni, ngomzamo nje omncane, ungase ukujabulele.
Kodwa ukuze ube nemikhuba emihle yokutadisha, kuzodingeka uhlele isikhathi sakho. Khumbula—uma usafunda, ukutadisha kufanele kuze kuqala. Yiqiniso, iBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokutshakadula.’ UmShumayeli 3:1, 4; 11:9) Ngakho, cishe njengeningi lezingane, nawe ufuna ukuba nesikhathi sokuzilibazisa. * Kodwa umShumayeli 11:4 uyaxwayisa: “Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.” Sifundani kulokhu? Tadisha kuqala, bese uyadlala. Ungakhathazeki—ungasithola isikhathi sako kokubili!
(Usizo Ngomsebenzi Wakho Wesikole
Kuthiwani-ke kodwa uma unomsebenzi omningi wesikole? Mhlawumbe uzizwa njengoSandrine oneminyaka engu-17, owathi: “Ngichitha amahora amabili kuya kwamathathu ngenza umsebenzi wesikole ekhaya kanye nangezimpelasonto.”
Ungabhekana kanjani nalesi simo? Zama ukusikisela okusekhasini 119.Ukuvula Indlela
UPawulu wabhalela uThimothewu mayelana nezinto eziphathelene nentuthuko engokomoya: “Zinake ngokugcwele lezi zinto, nangawo wonke amandla akho ukuze intuthuko yakho igqame kubo bonke ukuba bayibone.” (1 Thimothewu 4:15, Phillips) Ngokufanayo, uma ukhuthele, intuthuko yakho esikoleni iyobonakala.
Cabanga ngomfanekiso osekuqaleni kwalesi sahluko. Uma uvaleleke ehlathini elicinene, ungadinga ithuluzi elifanele—ubhushu—ukuze uvule indlela. Kungokufanayo nangesikole. Kunokuba kukuqede amandla okufunwa abazali bakho nothisha, sebenzisa la mathuluzi amathathu okuxoxwe ngawo kulesi sahluko ukuze uphumelele esikoleni. Njengoba uthuthuka, uyojabula ngokuthi uwasebenzisile!
FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 18
Phezu kwazo zonke izinkinga onazo esikoleni, manje usuyahlukunyezwa. Yini ongayenza?
[Umbhalo waphansi]
^ par. 13 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuzilibazisa, bheka iNgxenye 8 yale ncwadi.
UMBHALO OYINHLOKO
“Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.”—UmShumayeli 11:4.
ICEBISO
Lapho utadisha, qala ngokuhlola yonke indaba ukuze uthole umqondo wayo. Ngemva kwalokho, yakha imibuzo esekelwe ezihlokweni eziyinhloko. Yibe usufunda indaba, ubheke izimpendulo. Ekugcineni, zama ukukhumbula lokho okufundile.
UBUWAZI . . . ?
Ukukopela kungakwenza ungabe usethenjwa futhi nezinga lakho lokuqonda umsebenzi wesikole ngeke lithuthuke. Ngaphezu kwakho konke, kulimaza ubuhlobo bakho noNkulu-nkulu.—IzAga 11:1.
ENGIZOKWENZA!
Emsebenzini wami wesikole olandelayo, ngifisa ukuthola u- ․․․․․ kulesi sifundo: ․․․․․
Ngizolwela ukuthuthuka kulesi sifundo ngokwenza okulandelayo: ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani kufanele uwenze ngenkuthalo umsebenzi wesikole?
● Yisiphi isimiso sokutadisha/sokwenza umsebenzi wesikole ekhaya esikusebenzelayo?
● Iyiphi indawo engcono kakhulu ekhaya ongenzela kuyo umsebenzi wesikole nongatadishela kuyo?
● Yini ongayenza ukuze ukuzilibazisa nokuzijabulisa kungawaphazamisi amamaki akho esikole?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 118]
“Ngiyakubona kwenye intsha engontanga. Imikhuba yokutadisha eyayinayo esikoleni yabonakala nasemikhubeni yayo yokutadishela izinto ezingokomoya. Leyo engazange ifunde ukuthanda ukutadisha esikoleni yayingenasi-thakazelo esingako nasesifundweni seBhayibheli somuntu siqu.’’—USylvie
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 119]
Thola indawo yokutadishela. Kufanele ingabi naziphazamiso. Sebenzisa ideski uma kungenzeka. Ungayivuli i-TV.
Nquma ukuthi yini ebalulekile. Njengoba isikole sibalulekile, nquma ukuthi ngeke uyibukele i-TV uze uqede umsebenzi wesikole.
Ungawuhlehlisi. Yiba nesimiso sokwenza umsebenzi wesikole futhi unamathele kuso.
Yiba nesu. Nquma ukuthi yimuphi umsebenzi ozowenza kuqala, yimuphi ozolandela, njalo njalo. Bhala ephepheni bese uzibekela isikhathi ozimisele ukusichitha emsebenzini ngamunye. Lapho usuqedile ngomsebenzi othile, phawula ephepheni lakho ukuthi usuqedile ngawo.
Thatha amakhefu. Uma uzwa ukuthi ingqondo yakho isiqala ukuzulazula, thatha ikhefu elincane. Kodwa buyela kuwona ngokushesha ngangokunokwenzeka.
Zethembe. Khumbula, umehluko phakathi komfundi ophumelelayo nongaphumeleli udalwa indlela umfundi azimisele ngayo, hhayi izinga lokuhlakanipha kwakhe. Ungaphumelela esikoleni. Yenza umzamo, uzowuthola umvuzo.
[Isithombe ekhasini 116]
Ukufunda esikoleni kungafana nokuvula indlela ehlathini elicinene—kodwa kokubili kungenzeka ngamathuluzi afanele