AsebeKhulile
Yini eyenzekayo njengoba sikhula?
Bheka nesithi “Induduzo—Ukungakwazi ” ukwenza izinto ezithile ngenxa yokugula noma ngenxa yokukhula
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
Shu 12:1-8—Ngamazwi asankondlo, iNkosi uSolomoni ichaza izinkinga eziza nokukhula, njengokungaboni kahle emehlweni (‘izintokazi ezibuka ngaphandle emafasiteleni zithola kumnyama’) nokungezwa kahle ezindlebeni (“izintombi ezihlabelelayo sezizwakalela phansi”)
-
Asebekhulile bangakwazi yini ukuhlala bejabule naphezu kwezinkinga nokungakwazi ukwenza izinto ezithile ngenxa yokukhula?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 12:2, 23—Umprofethi uSamuweli osekhulile uyayazi indlela okubaluleke ngayo ukuthandazela abantu bakaJehova
-
2Sa 19:31-39—INkosi uDavide iyamazisa uBharizilayi osekhulile ngokuyisekela ngobuqotho futhi uBharizilayi ngokuzithoba uyavuma ukuthi kunezinto angeke asakwazi ukuzenza
-
Hu 71:9, 18—INkosi uDavide isaba ukuthi uJehova ngeke esayisebenzisa ngakho iyamncenga ukuba ayiphe amandla futhi angayeki ukuyisebenzisa ukuze ifundise izizukulwane ezizayo ngoJehova
-
Luk 2:36-38—Umprofethikazi ongumfelokazi osekhulile, u-Ana, uyabusiswa ngenxa yokukhonza kwakhe uNkulunkulu ngokuzinikela nangokwethembeka
-
UJehova ubaqinisekisa kanjani asebekhulile ukuthi bayigugu kuye?
Hu 92:12-14; IzA 16:31; 20:29; Isay 46:4; Tit 2:2-5
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 12:1-4—Lapho u-Abrahama eseneminyaka engu-75, uJehova umnikeza isabelo esishintsha ukuphila kwakhe
-
Dan 10:11, 19; 12:13—Ingelosi itshela umprofethi uDaniyeli, oneminyaka eyevile kwengu-90, ukuthi uyigugu kuJehova nokuthi uzobusiswa ngenxa yobuqotho bakhe
-
Luk 1:5-13—UJehova ubusisa uZakariya no-Elizabethe ngendodana yabo uJohane ezalwa ngokuyisimangaliso
-
Luk 2:25-35—UJehova unika uSimeyoni osekhulile ilungelo lokubona usana olwaluzoba uMesiya; uSimeyoni usho isiprofetho esiphefumulelwe esiphathelene noMesiya
-
IzE 7:23, 30-36—Lapho umprofethi uMose eneminyaka engu-80, uJehova umenza umholi wabantu baKhe, ama-Israyeli
-
Kufanele sibaphathe kanjani asebekhulile abathembekile?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 45:9-11; 47:12—UJosefa uyala ukuba kulandwe uyise osekhulile, uJakobe futhi umnakekela aze ashone
-
Rut 1:14-17; 2:2, 17, 18, 23—URuthe usekela uNawomi osekhulile ngamazwi nangezenzo
-
Joh 19:26, 27—Lapho efa esigxotsheni, uJesu ucela umphostoli amthandayo uJohane ukuba anakekele umama wakhe osekhulile
-
Yini engenziwa amaKristu ukuze asize asebekhulile ebandleni?