ISineke
UJehova usibonise kanjani isineke?
Bheka nalo mBhalo Neh 9:30
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Jer 7:23-25—UJehova ufingqa umlando wendlela asibonisa ngayo isizwe sakhe esidlubulundayo isineke esikhulu
2Pe 3:3-9, 15—Umphostoli uPetru uchaza ukuthi uJehova usibonise kanjani isineke nokuthi kungani esibonisile, uphinde achaze ukuthi uJehova ngeke ahlale enaso phakade
Kungani kufanele sifunde ukuba nesineke?
IzA 25:15; Efe 4:1-3; 2Ti 2:24, 25; 4:2
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Gen 39:19-21; 40:14, 15, 23; 41:1, 9-14—Nakuba uJosefa adayiselwa ebugqilini, waboshwa ngokungafanele iminyaka eGibhithe, ukhuthazela ngesineke aqhubeke enokholo
Heb 6:10-15—Umphostoli uPawulu usebenzisa isibonelo sika-Abrahama ukuze afundise amaKristu ngokubaluleka kokuba nesineke