ISIFUNDO 43
AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
Emhlabeni wonke, abantu banemibono ehlukahlukene ngotshwala. Abanye bajabulela ukubuphuza nje ngezikhathi ezithile uma behleli nabangane. Abanye bakhetha ukungabuphuzi nhlobo. Kanti abanye baphuza baze badakwe. Uyini umbono weBhayibheli ngotshwala?
1. Ingabe akulungile ukuphuza utshwala?
IBhayibheli alikwenqabeli ukuphuza utshwala. Kunalokho, lapho libala izipho eziningi uNkulunkulu asiphe zona, lihlanganisa “newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu.” (IHubo 104:14, 15) Amanye amadoda nabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini babuphuza utshwala.—1 Thimothewu 5:23.
2. Yisiphi iseluleko iBhayibheli elisinika labo abakhetha ukuphuza?
UJehova akakufuni ukuphuza kakhulu nokudakwa. (Galathiya 5:21) IZwi lakhe lithi: “Ungabi phakathi kwalabo abaphuza iwayini ngokweqile.” (IzAga 23:20) Ngakho, uma sikhetha ukuphuza—ngisho noma sizophuza sisodwa—akufanele siphuze kakhulu size sihluleke ukucabanga kahle, ukulawula esikushoyo nesikwenzayo noma size sizilimaze. Uma sihluleka ukuzithiba, kungcono sivele sibuyeke.
3. Singabonisa kanjani ukuthi siyazihlonipha izinqumo zabanye eziphathelene notshwala?
Umuntu ngamunye kumelwe azinqumele ukuthi uyabuphuza yini utshwala noma cha. Akufanele simahlulele umuntu okhetha ukuphuza ngesilinganiso esifanele, futhi akufanele simcindezele ukuba aphuze umuntu ongafuni ukuphuza. (Roma 14:10) Sikhetha ukungaphuzi uma ukuphuza kwethu kuzokhuba abanye. (Funda eyabaseRoma 14:21.) Asizifuneli “inzuzo [yethu] siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—Funda eyoku-1 Korinte 10:23, 24.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ngezimiso zeBhayibheli ezizokusiza unqume ukuthi uzophuza yini nokuthi uzophuza kangakanani uma ukhetha ukuphuza. Thola ukuthi yini ongayenza uma uhlushwa inkinga yokuphuza kakhulu.
4. Nquma ukuthi uzophuza yini
UJesu wayekubheka kanjani ukuphuza utshwala? Ukuze uthole impendulo, funda ngesimangaliso sokuqala asenza. Fundani uJohane 2:1-11, bese nixoxa ngale mibuzo:
-
Kulesi simangaliso, sifunda ukuthi uJesu ububheka kanjani utshwala nalabo ababuphuzayo?
-
Njengoba uJesu engakwenqabelanga ukuphuza utshwala, umKristu kufanele ambheke kanjani umuntu okhetha ukubuphuza?
Noma kunjalo, ukuthi umKristu ukhululekile ukuba aphuze utshwala, akusho ukuthi kuwukuhlakanipha ngaso sonke isikhathi ukuba abuphuze. Fundani izAga 22:3, bese ucabanga ngokuthi lezi zimo ezilandelayo zingakwenza uphuze yini noma cha:
-
Lapho uzoshayela noma uzosebenza ngomshini.
-
Lapho ukhulelwe.
-
Lapho udokotela ethe ungabuphuzi utshwala.
-
Lapho ukuthola kunzima ukulinganisela uma uphuza.
-
Lapho umthetho ukwenqabela ukuba uphuze utshwala.
-
Lapho unomuntu okhetha ukungabuphuzi ngoba ehluleke ukuzithiba esikhathini esidlule.
Kufanele yini bube khona utshwala edilini lomshado noma kweminye imicimbi? Ukuze uthole ukuthi yini engakusiza unqume, dlalani IVIDIYO
Fundani eyabaseRoma 13:13 neyoku-1 Korinte 10:31, 32. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:
-
Ukusebenzisa lesi simiso kungakusiza kanjani wenze isinqumo esizojabulisa uJehova?
5. Nquma ukuthi uzophuza kangakanani
Uma ukhetha ukuphuza utshwala, khumbula lokhu: Nakuba uJehova engakwenqabeli ukuphuza utshwala, uyakwenqabela ukuphuza ngokweqile. Kungani? Fundani uHoseya 4:11, 18, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Yini engenzeka lapho umuntu esephuze kakhulu?
Singakugwema kanjani ukuphuza kakhulu? Kudingeka sizithibe noma sazi ukuthi siphuza kangakanani. Fundani izAga 11:2, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Kungani kuwumqondo omuhle ukuzikalela ukuthi uzophuza kangakanani?
6. Okungasiza umuntu ayeke ukuphuza kakhulu utshwala
Buka ukuthi yini eyasiza indoda ethile yayeka ukuphuza kakhulu utshwala. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
-
Kule vidiyo, uDmitry wayeziphatha kanjani lapho esephuzile?
-
Ingabe kwaba lula ukuba ayeke ukuphuza?
-
Wagcina esizwe yini ukuba ayeke ukuphuza kakhulu?
Fundani eyoku-1 Korinte 6:10, 11, bese nixoxa ngale mibuzo:
-
Kubi kangakanani ukudakwa?
-
Yini ebonisa ukuthi umuntu ophuza ngokweqile angashintsha?
Fundani uMathewu 5:30, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Ukunquma isandla kusho ukudela okuthile ukuze ujabulise uJehova. Yini ongayenza uma ukuthola kunzima ukunqoba inkinga yokuphuza kakhulu utshwala? a
Fundani eyoku-1 Korinte 15:33, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Abangane bakho bangaba nayiphi indima ekutheni uphuza kangakanani?
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kuyisono yini ukuphuza?”
-
Ubungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
UJehova wenza kwaba khona utshwala ukuze sithokoze, kodwa uyakwenqabela ukuphuza ngokweqile nokudakwa.
Ufundeni?
-
Uyini umbono weBhayibheli ngotshwala?
-
Ziyini izingozi zokuphuza kakhulu?
-
Singabonisa kanjani ukuthi siyazihlonipha izinqumo zabanye ngokuphathelene nokuphuza?
HLOLA OKWENGEZIWE
Abantu abasebasha bangazenza kanjani izinqumo ezinhle ngokuphathelene notshwala?
Funda ngezinto ongazenza ukuze unqobe inkinga yokuphuza kakhulu utshwala.
“Ukugcina Utshwala Busendaweni Yabo” (INqabayokulinda, Januwari 1, 2010)
Ingabe umKristu kufanele enze i-toast?
“Imibuzo Evela Kubafundi” (INqabayokulinda, Febhuwari 15, 2007)
Endabeni ethi “Ngangiwumgodi Ongagcwali,” funda ukuthi indoda ethile yayeka kanjani ukuzitika ngotshwala
“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Meyi 1, 2012)
a Labo abanenkinga yokuphuza kakhulu utshwala bangase badinge usizo lodokotela ukuze babuyeke. Abanye odokotela bathi abantu abake baba nenkinga yokuphuza kakhulu utshwala kufanele bangaphuzi nhlobo.