INGOMA 74
Hlanganyela Engomeni YoMbuso!
-
1. Kunengoma, ingoma yokunqoba.
Idumisa Lowo ophakeme.
Amazw’ ayo akhuthaz’ ubuqotho.
Masicule ngoMbuso s’jabule:
(CHORUS)
‘Khonzan’ uJah nimdumise.
INdodana iyiNkosi!
Masifundeni lengoma yoMbuso;
Sidumise igama likaJah.’
-
2. Ngale ngoma, simemezel’ uMbuso.
UKrist’ uyabusa ezulwini,
Njengoba kwabikezelwa kudala.
Izindlalifa zoMbuso zithi:
(CHORUS)
‘Khonzan’ uJah nimdumise.
INdodana iyiNkosi!
Masifundeni lengoma yoMbuso;
Sidumise igama likaJah.’
-
3. Abathobekile bangayifunda.
Icacile futh’ iyezwakala.
Emhlabeni, is’xuku siy’fundile.
Ngakho naso simema abanye:
(CHORUS)
‘Khonzan’ uJah nimdumise.
INdodana iyiNkosi!
Masifundeni lengoma yoMbuso;
Sidumise igama likaJah.’
(Bheka neHu. 95:6; 1 Pet. 2:9, 10; IsAm. 12:10.)