Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izizathu Zokwethemba IBhayibheli

3. Ukuvumelana Kwalo

3. Ukuvumelana Kwalo

Ake uzicabange ucela abantu abangu-40 bezizinda ezihlukahlukene ukuba babhale incwadi, ngamunye abhale ingxenye ethile. Laba balobi bahlala emazweni ahlukene futhi akubona bonke abazanayo. Abanye abazi ukuthi abanye babhaleni. Ubuyolindela ukuba incwadi abayikhiphayo ivumelane?

IBHAYIBHELI liyincwadi enjalo. * Nakuba lalotshwa ngaphansi kwezimo ezingajwayelekile nakakhulu kunalezo ezichazwe ngenhla, ukuvumelana kwalo kuyamangalisa.

Ingabe ingubo kaJesu yayinsomi noma ibomvu?

Izimo ezingavamile.

IBhayibheli lalotshwa phakathi nenkathi eyiminyaka engaba ngu-1 600, kusukela ngo-1513 B.C.E. kuya ku-98 C.E. Ngakho, abaningi babalobi abangaba ngu-40 baphila emakhulwini eminyaka ahlukene. Babenza imisebenzi ehlukahlukene. Abanye babengabadobi, abanye bengabelusi noma amakhosi, futhi oyedwa wayengudokotela.

Isigijimi esivumelanayo.

Abalobi beBhayibheli bagxila esihlokweni esisodwa esiyinhloko: ukulwelwa kwelungelo likaNkulunkulu lokubusa isintu nokugcwaliseka kwenjongo yakhe ngoMbuso wasezulwini, uhulumeni womhlaba wonke. Leso sihloko sethulwa kuGenesise, sathuthukiswa ezincwadini ezalandela, futhi salethwa emvuthwandaba encwadini yesAmbulo.—Bheka esithi “Liphathelene Nani IBhayibheli?” ekhasini 19.

Ukuvumelana kwemininingwane.

Abalobi beBhayibheli babevumelana ngisho nasemininingwaneni emincane, kodwa lokhu kuvumelana kwakungahlosiwe. Phawula nasi isibonelo. Umlobi weBhayibheli uJohane usitshela ukuthi lapho isixuku esikhulu sizolalela uJesu, uJesu wabuza uFiliphu ngokukhethekile ukuthi bangazithengaphi izinkwa ukuze abantu badle. (Johane 6:1-15) Ekulandiseni okuvumelana nalokhu, uLuka uthi lokhu kwenzeka ngasemzini waseBhetsayida. Ngaphambili encwadini yakhe, uJohane wachaza ukuthi uFiliphu wayengowaseBhetsayida. (Luka 9:10; Johane 1:44) Ngakho uJesu wabuza omunye wabantu ababeke bahlala ngakuleyo ndawo. Le mininingwane iyavumelana—kodwa kusobala ukuthi kwakungahlosiwe ukuba yenziwe ivumelane. *

Ukungavumelani okuzwakalayo.

Kunokungavumelani phakathi kokunye ukulandisa, kodwa akufanele yini sikulindele lokho? Ake sithi kuneqembu labantu elibone isenzo esithile sobugebengu. Uma ngamunye ebengaveza imininingwane efanayo esebenzisa amagama afanayo, ubungeke yini usole ukuthi badudene? Kunengqondo ukuthi ubufakazi bomuntu ngamunye babuyohluka kancane kuye ngendlela umuntu abone ngayo. Kwaba njalo nangabalobi beBhayibheli.

Cabangela isibonelo. Ingabe uJesu wayegqoke ingubo ensomi ngosuku afa ngalo, njengoba kubika uMarku noJohane? (Marku 15:17; Johane 19:2) Noma ingabe yayibomvu, njengokusho kukaMathewu? (Mathewu 27:28) Kokubili lokhu kulandisa kungenzeka kunembile. Umbala onsomi unengxube yokubomvu. Kuye ngokuthi obukele wayengakuphi, ukukhanya nethunzi kwakungase kufiphaze eminye imibala, kwenze ingubo ibe nemibala ehlukahlukene. *

Ukuvumelana kwabalobi beBhayibheli, kuhlanganise nokuvumelana kwabo okungahlosiwe, kufakazela ukuthi imibhalo yabo inokwethenjelwa.

^ par. 1 IBhayibheli liyinhlanganisela yezincwadi, noma izingxenyana, ezingu-66, eziqala ngoGenesise ziphethe ngesAmbulo.

^ par. 4 Ukuze uthole izibonelo ezengeziwe zalokhu kuvumelana, bheka amakhasi 16 no-17 encwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 6 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 7, esithi “Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?,” encwadini ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.