Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazali Qondisani Izingane Zenu

Bazali Qondisani Izingane Zenu

Bazali Qondisani Izingane Zenu

“Esikhathini esidlule, bekudingeka sikhathazeke ngokubuka kakhulu ithelevishini kuphela. Manje sekunemidlalo yama-video, yama-computer neyomakhalekhukhwini. Lokhu kuyazikhungathekisa izingane ezisencane futhi kubangele imikhuba yokuziphatha efana neyemilutha . . . Izingqondo zazo zigxila kakhulu ezintweni ezilalelwayo nezibukwayo futhi uma zingekho lezi zinto, zivele zingazi ukuthi kufanele zenzeni.”—UMali Mann, M.D.

SIPHILA ezweni elithuthukayo “kwezokuxhumana” ngenxa yentuthuko yobuchwepheshe ne-Internet. Intsha eningi ayiphumi emakhaya ingaziphethe izinto zokudlala umculo noma umakhalekhukhwini. Njengoba lezi zinto nezinye ziya zithuthuka, zikwazi ukwenza izinto eziningi, futhi zibiza kancane, igagasi elikhona manje ebuchwephesheni bezokuxhumana lingase lande nakakhulu, okungadala izinkinga ezengeziwe kubazali ngokuphathelene nokuqondisa indlela obusetshenziswa ngayo, ukuqeqesha nokweluleka izingane zabo.

Abazali bangabhekana nalezi zinselele uma benza izinto ezimbili ezibalulekile. Okokuqala: Phawula iqiniso lamazwi alandelayo atholakala eBhayibhelini encwadini yezAga 22:15: “Bonke abantwana bayiziwula, kodwa isiyalo esiqinile siyobashintsha.” (Contemporary English Version) Okwesibili: Yazi ukuthi ubuchwepheshe bunamandla okuthonya izingane ngendlela enhle noma embi, bese ulwela ukuziqondisa.

Sheshe Uqale!

Emizini eminingi, ithelevishini iba ubuchwepheshe bokuqala ingane ebubonayo. Empeleni, ngokuvamile ithelevishini iba umzanyana. Kodwa, abanye ochwepheshe bezifo zengqondo bakholelwa ukuthi ukubuka kwengane esencane ithelevishini kungabangela ukuba ingakuthandi ukudlala, ingakwazi ukuhlukanisa phakathi kwezinto ezingokoqobo neziyinganekwane, izinkinga ezingokomzwelo futhi kamuva ingase ingakwazi ukulalela esikoleni. UDkt. Mali Mann uthi, ezinye izingane “kungenziwa iphutha kuthiwe Zinenkinga Yokugxilisa Ingqondo—(Attention Deficit Disorder [ADD]) noma (i-Attention Deficit Hyperactivity Disorder [ADHD]), noma kuthiwe zine-bipolar.” Ngenxa yalokho ezinye iziphathimandla zitusa ukuba izingane ezingaphansi kweminyaka emibili zingayibuki ithelevishini.

Umkhulumeli we-American Academy of Pediatrics uDkt. Kenneth Ginsburg uthi: “Into ebaluleke kakhulu eyenzekayo eminyakeni embalwa yokuqala yokuphila kwengane ukwakha ubuhlobo obujulile nabazali bayo.” Lobo buhlobo bakheka lapho abazali bekhuluma nayo, bedlala nayo nalapho beyifundela. Njengoba abazali abaningi bazi, izingane ezivame ukufundelwa zihlakulela uthando lokufunda, okungelinye lamakhono abaluleke kakhulu.

Kuyiqiniso ukuthi kungase kubaluleke ukuba nolwazi lwama-computer nobunye ubuchwepheshe obuhlobene nawo, ikakhulukazi ezigidini zezingane. Kodwa uma ubona ukuthi izingane zakho sezigxila kakhulu kuma-computer ngendlela engavamile, emidlalweni yama-computer, kuyi-Internet, nakwezinye izinto ezifana nalezi, kungase kube ukuhlakanipha ukuthuthukisa isithakazelo sazo kwezinye izinto. Kanjani? Kungani ungazifundisi ikhono elithile noma ukudlala insimbi yomculo—noma yini eyakhayo ehlukile, ethakazelisayo nejabulisayo?

Ukukhetha kahle into yokuzilibazisa kungafeza okungaphezu nje kokuziqabula. Kungayisiza ingane ukuba ihlakulele ukubekezela, ukuzimisela, ukuzithiba nekhono lokwenza izinto—izimfanelo ezibalulekile ukuze iphumelele ekuphileni, lapho amakhambi ezinkinga engelula nje njengokuchofoza i-computer.

Izingane Zidinga ‘Ukuhlakanipha Nekhono Lokucabanga’

EBhayibhelini, abantu abadala nezingane bakhuthazwa ukuba bathuthukise ‘amandla abo okucabanga,’ noma ikhono lokucabanga. (Roma 12:1; IzAga 1:8, 9; 3:21) Lokhu, kusenza sikwazi ukuhlukanisa hhayi nje phakathi kokubi nokuhle kodwa naphakathi kokuhlakaniphile nokungahlakaniphile. Ngokwesibonelo, umthetho awukwenqabeli ukuchitha amahora amaningi udlala imidlalo ye-computer noma ubuka ithelevishini, kodwa ingabe kuwukuhlakanipha? Umthetho awukwenqabeli ukuthenga izinto zobuchwepheshe zamuva, kodwa ingabe nalokho kuwukuhlakanipha? Manje, ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zihlakulele inhliziyo ehlakaniphile ngokuphathelene nobuchwepheshe?

Chaza izingozi. Uma kuziwa kwezobuchwepheshe ne-Internet, izingane zingase zisheshe uzifunda lezi zinto, kodwa ngenxa yokuntula ukuhlakanipha nokuhlangenwe nakho, zithambekela ebuwuleni. Ngakho zibonise izingozi okufanele zizigweme nokuthi zingazigwema kanjani. Ngokwesibonelo, cabangela izingosi zokuxhumana ze-Internet. Kuyavunywa, izingosi ezinjalo zingase zenze intsha iziveze ukuthi ingobani futhi yazane nenye intsha, kodwa lezi zingosi zifana “nezitolo” kubanukubezi bezingane kanye nabanye abanezinhloso ezimbi. * (1 Korinte 15:33) Ngakho-ke, abazali abahlakaniphile bakhuthaza izingane zabo ukuba zingayidaluli imininingwane yazo kulezi zingosi. *

Yiqiniso, izingane zinelungelo lokuba zodwa ngokuhambisana nezinga lokuvuthwa kwazo. Kodwa njengomzali, unegunya olinikwe uNkulunkulu futhi unomthwalo wemfanelo wokuqeqesha nokuqondisa izingane zakho. (IzAga 22:6; Efesu 6:4) Siyethemba ukuthi ziyobona ukuthi uyazikhathalela, hhayi nje ukuthi ugaxeka ezindabeni zazo ngokungadingekile, kodwa ubonisa uthando olungenabugovu.

Ungase uthi: “Kodwa ngingazisiza kanjani izingane zami uma ngingazi ukuthi lezi zinto zobuchwepheshe zisebenza kanjani?” Kungani okungenani ungafundi izinto eziyisisekelo ngalezi zinto? UMelba, osevile eminyakeni engu-90, waqala ukusebenzisa i-computer okokuqala ngqa lapho eseneminyaka engaphezu kuka-80. Uthi, “Lapho ngiqala ukusebenzisa le nto, kwakuthi angiyilahle ngefasitela. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngayijwayela futhi manje sengikwazi ukuthumela ama-e-mail nokwenza ezinye izinto kalula.”

Beka imingcele efanele endleleni ingane yakho esebenzisa ngayo ubuchwepheshe. Uma ingane yakho izehlukanisa amahora amaningi ibukela ithelevishini, ingena iphuma ezingosini ze-Internet noma idlala imidlalo ye-computer, kungani ungacabangeli ukubeka isikhathi sokusebenzisa izinto zobuchwepheshe nendawo ezizobekwa kuyo ekhaya? Lokhu kungase kuyisize indodana noma indodakazi yakho ukuba ifunde ukubaluleka kwesimiso esilandelayo seBhayibheli: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.” Lokhu kusho ukuthi kunesikhathi somkhaya, isikhathi sabangane, isikhathi sokwenza umsebenzi wesikole wasekhaya, isikhathi sokudla nesikhathi sokuvivinya umzimba, njalonjalo. (UmShumayeli 3:1) Imithetho enengqondo egcizelelwa njalo, yenza umkhaya uzinze futhi isize izingane zihlakulele imikhuba emihle yokuziphatha, ukucabangela abanye nokungeneka.

Esihlokweni sokugcina salolu chungechunge, sizobheka ezinye izimiso ezingase zisisize sonke—abadala nabasha—ukuze sisebenzise ubuchwepheshe hhayi nje ngokucabangela kuphela kodwa nangendlela eyongayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ Abazali bayokuthola kuzuzisa ukufunda isihloko esithi “Abantwana Abasebenzisa I-Internet—Lokho Abazali Okufanele Bakwazi,” kuyi-Phaphama! ka-October 2008. Kweyango-March no-December 2007 kanye neka-January 2008, uyothola izihloko eziwusizo ezikhuluma ngezithombe ezingcolile, imidlalo ye-video kanye ne-Internet.

^ Enye intsha isebenzisa omakhalekhukhwini ukuze ithumele izithombe zayo ezihehayo ngokobulili kubangane bayo. Lo mkhuba akukhona nje ukuthi uyahlazisa kuphela kodwa futhi uwubuwula, kungakhathaliseki ukuthi iyini injongo yalowo othumela lezo zithombe ngoba zivame ukudluliselwa nakwabanye.

[Isithombe ekhasini 7]

Izingane kufanele zibe nezinto eziningi ezingazenza ukuze imiqondo yazo ithuthuke futhi zifunde ukubekezela nokuzimisela