Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usuku Lwembubhiso Lungase Lungabi Yilokho Okucabangayo

Usuku Lwembubhiso Lungase Lungabi Yilokho Okucabangayo

NGAPHANDLE kokubonakala zizokwenzeka ngempela, izinto esisanda kuxoxa ngazo eziphathelene nosuku lwembubhiso zifana ngezici ezintathu. Esokuqala, zisekelwe ekucabangeni kwabantu, futhi abantu banomlando wokushaya eceleni endabeni yokuqagela ikusasa. Esesibili, ukusinda kwabantu, uma kungenzeka, kuyoba nje inhlanhla yabo. Esesithathu, kuyoba nzima ngempela ukuphila kulabo abayosinda osukwini lwembubhiso.

Ngokuphambene, umbono weBhayibheli ngekusasa muhle kakhulu. NgokweBhayibheli, ngempela ushintsho olukhulu luyeza. Kodwa bonke abenza intando kaNkulunkulu baqinisekiswa ngokusinda. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli alibikezeli ukuthi umhlaba uyobhujiswa ukuqhuma kwento ethile noma uyovele uqine njengeqhwa futhi kungahlali muntu kuwo. Uyoguqulwa ube ipharadesi lembulunga yonke.

Nokho, abantu abaningi bakuthola kunzima ukwamukela izibikezelo zeBhayibheli ezinjalo. Abantu abagxekayo bazibheka njengeziyinqaba izimfundiso zeBhayibheli eziphathelene nosizi olukhulu, i-Armagedoni, iminyaka eyinkulungwane nePharadesi. Lezi zimfundiso kuye kwaxoxwa ngazo, kwaphikiswana ngazo futhi zachazwa izazi zemfundiso yenkolo. Imibono yazo iyaphikisana. Ngokuphathelene nesikhathi sokuphela, umlobi uBruce A. Robinson uthi: “Kungenzeka ukuthi kunezincwadi eziningi eziphathelene nale mfundiso yenkolo engaqondakali eziye zalotshwa ngokuphathelene nale ndaba kunanoma iyiphi enye imfundiso yeLobukholwa.” Ube yini umphumela? Ukudideka.

Nokho, imiBhalo icacile. IBhayibheli liwumyalezo ovela kuNkulunkulu futhi akafuni ukuba sidideke ngokuphathelene nekusasa. Cabanga ngemibuzo embalwa evame ukubuzwa, bese ilandelwa yilokho iBhayibheli uqobo elikushoyo. Uma ufuna ukufunda okwengeziwe, cela incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

 Ingabe umhlaba nesintu kuyobhujiswa?

“Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

Ingabe bonke abantu bayokufa?

“Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”—IzAga 2:21, 22.

Ingabe uNkulunkulu wake wabathathela isinyathelo abantu abangamesabi esikhathini esidlule?

UNkulunkulu ‘akayekanga ukujezisa izwe lasendulo, kodwa wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu; futhi walahla imizi yaseSodoma naseGomora ngokuyenza ibe umlotha, ebekela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo.’—2 Petru 2:5, 6.

Ingabe singakwazi ukuthola usuku uNkulunkulu ayokhipha ngalo isahlulelo?

“Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa nguBaba kuphela. Ngoba njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu. Ngoba njengoba babenjalo ngalezo zinsuku zangaphambi kukazamcolo, bedla, bephuza, amadoda eshada nabesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi benganakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:36-39.

Ingabe kukhona okubonisa ukuthi ukuphela kuzofika maduze?

“Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Ikusasa libaphatheleni abantu abasemhlabeni?

UNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.

UNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo”

Nakuba imiBhalo isinikeza amazwibela alokho okuzokwenzeka, iyasiqinisekisa ukuthi akusona sonke isintu esiyobhujiswa. Ikusasa liyoba elikhazimula ngendlela esingenakukwazi ukuyicabanga. Ungaqiniseka ukuthi lokhu kuyiqiniso ngoba lokho uJehova uNkulunkulu akuthembisayo, uyakwazi nokukufeza.