Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukunqoba Ekulweni Nokukhuluphala Kwentsha

Ukunqoba Ekulweni Nokukhuluphala Kwentsha

NGOKWE-U.S. Department of Health and Human Services, “phakathi kuka-1980 no-2002, inani lentsha esanda kweva eshumini nambili ekhuluphele ngokweqile liye laphindeka kathathu kanti elezingane ezingaphansi kwalokho liye laphindeka kabili.” Izingozi zesikhathi eside ezihlobene nokukhuluphala usemncane zihlanganisa umfutho ophakeme wegazi, isifo sikashukela, isifo senhliziyo nezinhlobo ezihlukahlukene zomdlavuza. *

Ukukhuluphala kwezingane ngokweqile kungase kuhlobane nezici eziningana, ezihlanganisa ukuhlala zingenzi lutho, ezokukhangisa ezibhekiswe entsheni, ukutholakala kalula kokudla okungenamsoco nokungabizi. I-U.S. Centers for Disease Control ithi: “Ukukhuluphala kwezingane ngokweqile kuwumphumela wokudla kakhulu nokungazivocavoci ngokwanele.”

Izingane, yintsha esanda kweva eminyakeni eyishumi nambili kanye nabantu abadala benza kahle ngokubhekisisa indlela abadla ngayo. Ngaphandle kokuzikhandla ngokweqile, ukuthatha izinyathelo ezimbalwa ezilula kungenza umehluko. Ngokwesibonelo, cabanga ngensizwa okuthiwa uMark, eyathola ukuthi ukushintsha imikhuba yayo yokudla kwayilethela izinzuzo ezinkulu empilweni nasenhlalakahleni yayo. UMark uyavuma, “Ngangiphila ngokudla ukudla okungenamsoco.” I-Phaphama! yakhuluma noMark ukuze ithole indlela ashintsha ngayo.

Yaqala nini inkinga yakho yokudla?

Yaqala ngesikhathi ngiphothula esikoleni samabanga aphakeme. Cishe ngaleso sikhathi, ngaqala ukudla kakhulu ngaphandle. Kwakunezitolo zokudlela ezimbili eduze kwalapho ngisebenza khona, ngakho ngangidla kwesinye sazo ukudla kwasemini cishe zonke izinsuku. Ngangikuthola kulula kakhulu ukuthenga ukudla okuphekiwe kunokuzilungisela ukudla kwasemini.

Kwenzekani lapho usuthuthile ekhaya?

Imikhuba yami yokudla yaba mibi nakakhulu. Ngangingakwazi ukupheka, futhi ngingenayo imali eningi; kodwa isitolo sokudla engisithandayo sasiseduze kakhulu. Ukudlela kuso kwabonakala kuyindlela elula kakhulu nengabizi. Ngaphandle kokudla uhlobo olungalungile lokudla, ngangidla ukudla okuningi kakhulu. Ukudla okulingene kwakungangenelisi. Ngangicela ukuthi bangifakele amazambane  athosiwe engeziwe, ibhodlela elikhulu lesiphuzo kanye nenye i-hamburger—noma yini enganginamandla okuyithenga—ngangithenga okukhulu kunakho konke.

Yini eyakwenza washintsha?

Lapho ngisanda kweva eminyakeni engu-20, ngaqala ukucabanga kakhulu ngempilo yami. Ngangikhuluphele. Ngangihlale ngivilapha futhi ngintula ukuzethemba. Ngangazi ukuthi kudingeka ngishintshe.

Waqala kanjani ukulawula indlela owawudla ngayo?

Ngaqala kancane kancane. Okokuqala, nganciphisa isilinganiso sokudla engangikudla. Ngangivele ngithi, “Angigcini ukudla namuhla; ngisazobuye ngidle nangesinye isikhathi.” Ngezinye izikhathi kwakudingeka ngisuke ngihambe ngikushiye ngokoqobo ukudla etafuleni. Kodwa ngangizizwa kamnandi ngemva kwalokho, njengokungathi nginqobile.

Ingabe kwadingeka wenze izinguquko ezinkulu?

Ezinye izinto ngaziyeka ngokuphelele. Ngokwesibonelo, ngayeka ukuphuza iziphuzo ezibandayo ngaphuza amanzi kuphela. Lokho kwakunzima. Ngangizithanda iziphuzo ezibandayo futhi ngiwazonda amanzi. Ngemva kokuphuza ingilazi yamanzi, ngangithi qhabu isiphuzo esenziwe ngezithelo, esasinandisa. Ngemva kwesikhathi esithile, amanzi aya eba mnandi.

Yini enye owayenza ngaphandle kokuyeka ukudla okungenamsoco?

Ngadla ukudla okungcono esikhundleni sako. Ngaqala ngezithelo—ama-apula, ubhanana, ama-strawberry, ama-blueberry, ama-raspberry nezinhlobo ezihlukahlukene zamakhabe. Nganezela nenyama engenamafutha ekudleni kwami, njengenyama yenkukhu noma yenhlanzi. Ngokuhamba kwesikhathi, lokho kudla kwaba ukudla engikuthandayo. Ngizama ukudla kakhulu imifino bese nginciphisa kokunye ukudla. Ngithola ukuthi kuyethukela ngidla kakhulu ngezikhathi zokudla uma ngidle izinto ezilula ezinempilo ngaphambi kokuba ngidle. Ngokuhamba kwesikhathi ukuhalela ukudla okungenamsoco kuye kwaphela.

Ingabe wakuyeka ngokuphelele ukudla ngaphandle?

Cha, ngisaya ukuyodla ngaphandle ngezikhathi ezithile. Kodwa lapho ngiya, ngiyaqapha kakhulu ukuthi ngidla kangakanani. Uma ngiphakelwe ukudla okuningi, ngicela banginike ibhokisana engizokufaka kulo ukuze ngihambe nakho. Ngibe sengifaka ingxenye yokudla ebhokisini ngaphambi kokuba ngiqale ukudla. Ngaleyo ndlela, ngidla ukudla okwanele kunokuba ngidle kakhulu, ngenxa nje yokuthi ngizizwa nginecala ngokushiya ukudla epuletini.

Uzuze kanjani ngokwenza izinguquko?

Umzimba wami unciphile, futhi senginamandla kakhudlwana. Angisazenyezi. Okuhle kunakho konke ukuthi ngiyajabula ngokwazi ukuthi ngokunakekela impilo yami, ngidumisa uNkulunkulu owangipha isipho sokuphila. (IHubo 36:9) Ngangicabanga ukuthi ukuphila ngendlela enempilo kuyisicefe. Kodwa manje njengoba sengiqalile ukudla ngendlela efanele, ngeke ngisakushintsha noma kungathiwa ngizonikwa izwe lonke! *

^ isig. 2 Inkulumo ethi “ukukhuluphala kwezingane ngokweqile” ibhekisela esimweni sempilo esithinta izingane nentsha esanda kweva eshumini nambili. Izazi zithi intsha ekhuluphele inamathuba angamaphesenti angu-70 okukhuluphala nalapho isingabantu abadala.

^ isig. 20 Alukho uhlobo lokudla i-Phaphama! elutusayo. Umuntu ngamunye kufanele acabangisise ngezinto azikhethayo futhi athintane nodokotela ngaphambi kokwenza izinqumo eziphathelene nokudla azokudla. Gwema izinhlobo zokudla ezingaba yingozi.