Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuntula Isineke Kungaba Ingozi

Ukuntula Isineke Kungaba Ingozi

CABANGA ngalesi simo: Indoda ishayela emgwaqweni onemizila emibili ephambanayo lapho izimoto kungafanele zidlulane khona. Owesifazane oshayela imoto ngaphambi kwayo uhamba ngesivinini esingaphansana nje kwesisemthethweni kuleyo ndawo. Kule ndoda engenaso isineke, lona wesifazane ubonakala ehamba kancane kakhulu. Ngemva kwemizuzwana imshayelisa kabi imhleli ezithendeni, iphelelwa isineke ngokuphelele bese imdlula ngelikhulu ijubane. Ngaleso sikhathi, iphula umthetho futhi izibeka ethubeni lokubangela ingozi.

Kuthiwani ngowesifazane ongenaso isineke sokusebenza nabantu abangasheshi futhi abangahlakaniphile njengaye? Noma ngendoda ethi lapho ilinde ikheshi uyibone ilokhu icindezela inkinobho yokulibiza iphindelela? Ingabe ujwayele yini ukuphelelwa isineke lapho usebenzelana nabazali bakho asebekhulile? Noma ungumzali osheshayo ukuphelelwa isineke lapho usebenzelana nabantwana bakho? Ingabe uyashesha yini ukucasulwa amaphutha abanye?

Wonke umuntu angase aphelelwe isineke ngezinye izikhathi. Kodwa kungase kube nemiphumela emibi kakhulu lapho umuntu nsuku zonke elokhu eba nezikhawu zokuphelelwa isineke.

Izinkinga zempilo:

Kokunye, ukuntula isineke kuhlobene nokukhungatheka, ukucasuka ngisho nolaka. Imizwelo enjalo ingasenza sicindezeleke kakhulu, okungalimaza impilo yethu. Ucwaningo lwamuva olwenziwe i-American Medical Association, lwakhomba ukuntula isineke ngokukhethekile njengembangela yomfutho ophakeme wegazi, ngisho naphakathi kwentsha esikhulile.

Zikhona nezinye izinkinga zempilo ezihlobene nokuntula isineke. Ucwaningo lwamuva lubonise ukuthi ukuntula isineke kunomthelela ekukhuluphaleni ngokweqile. “Abacwaningi bathole ukuthi maningi amathuba okuba abantu abangenaso isineke bakhuluphale kunalabo abakwaziyo ukulinda,” kubika iphephandaba i-Washington Post. Kwezinye izindawo, ukudla okushibhile okungenamsoco okudayiswa sekuphekiwe kutholakala kalula ngaso sonke isikhathi, futhi abaningi abantula isineke bayehluleka ukuzibamba ukuba bangakuthengi.

 Ukuhlehlisa:

Ucwaningo olwenziwa i-London-based Centre for Economic Policy Research lwaveza ukuthi abantu abantula isineke basethubeni lokungenwa umkhuba wokuzindela. Kungenzeka yini ukuthi bazizwa bephoqeleka ukuba bahlehlise imisebenzi edla isikhathi ngenxa yokuthi abanaso isineke esidingekayo ukuze bayiqede? Kunoma yikuphi, umkhuba wokuhlehlisa izinto ungaba nemiphumela emibi kakhulu kumuntu ohlehlisayo nasemnothweni. Ngokwephephandaba laseBrithani i-Telegraph, umcwaningi u-Ernesto Reuben wathi: “Ukuhlehlisa kuwulimaza kakhulu umkhiqizo wethu emsebenzini, kanti ukuhlehliswa kokulungiswa kwamaphepha umlibe kungabalahlekisela imali eningi abantu [abantula isineke].”

Ukweqisa ophuzweni oludakayo nobudlova:

Ngokwephephandaba laseBrithani i-South Wales Echo, “abantu abantula isineke bavamile ukuhileleka ebudloveni basebusuku obenziwa abantu lapho sebephuzile.” Abacwaningi base-Cardiff University bakuqinisekisa lokhu kuhlobana ngemva kokwenza ucwaningo ngamakhulu amadoda nabesifazane. I-Echo ithi, ucwaningo lwembula ukuthi “abantu abantula isineke bathambekele ekuphuzeni kakhulu futhi bavamile ukuhileleka ebudloveni.”

Ukwahlulela okubi:

Iqembu labahlaziyi elisebenzela i-Pew Research Center, eWashington, D.C., lathola ukuthi abantu abantula isineke “bavame ukuxhamazela benze izinqumo ezingacatshangelwe kahle.” Udokotela u-Ilango Ponnuswami, onguprofesa nenhloko yoMnyango Wezenhlalakahle eNyuvesi yaseNdiya iBharathidasan, wafinyelela isiphetho esithi asifane. Uyachaza: “Ukuntula isineke kuyokulahlekisela. Kungakulahlekisela imali, abangane, kukulethele ubuhlungu nokuhlupheka nanoma imiphi eminye imiphumela eminingi emibi ngenxa nje yokuthi ukuntula isineke ngokuvamile kuholela ezinqumweni ezingezinhle.”

 Izinkinga zezimali:

Ukuntula isineke kuye kwahlotshaniswa “nokuphakama kwezinga lezikweletu,” kusho i-Research Review, eyakhishwa i-Federal Reserve Bank yaseBoston, e-U.S.A. Ngokwesibonelo, imibhangqwana esanda kushada engenaso isineke ingase ifune ukuba nomuzi onayo yonke into ngokushesha nje ngemva komshado, ngisho noma ingenamali. Ngakho ithenga indlu, ifenisha, imoto nakho konke okunye—ngesikweletu. Lokhu kungawulimaza umshado. Abacwaningi baseYunivesithi yase-Arkansas, e-U.S.A., bathi “imibhangqwana esanda kushada ezifaka ezikweletini ayijabulile kunaleyo enezikweletu ezincane noma engenazo nhlobo.”

Abanye basola ukuntula isineke ngokuwohloka komnotho kwamuva e-United States. Umagazini wezezimali i-Forbes uthi “isimo sezimakethe zohwebo samanje siwumphumela wokuntula isineke okungenasidingo kuhlangene nokuhaha ngokweqile. Ukuntula isineke kwaholela izinkulungwane eziningi zabantu abavamile nje ukuba zifune ukuthenga izindawo ezibiza kakhulu zibe zingenayo imali eyanele yokuzikhokhela. Ngakho zaboleka izizumbulu zemali ezazingeke zikwazi ukuyikhokha ngisho nangemva kweminyaka eminingi—kanti, kwezinye izimo ezazingasoze zakwazi ukuyikhokha nanini.”

Ukulahlekelwa abangane:

Ukuntula isineke kungalimaza ikhono lethu lokukhuluma nabanye. Lapho umuntu engenaso isineke sokuhileleka engxoxweni eyakhayo, uvele akhulume engacabanganga. Angase futhi acasuke lapho abanye bekhuluma. Umuntu onjalo akanaso isineke sokulinda abanye ukuba bachaze baqede lokho abakushoyo. Ngakho, angase elokhu ebajaha ukuba bakhulume baqede ngokubafunza amazwi noma azame ukuthola enye indlela yokusheshisa ingxoxo.

Ukuntula isineke okunjalo kungaphumela ekulahlekelweni abangane. UDkt. uJennifer Hartstein, isazi sokusebenza kwengqondo esicashunwe esihlokweni esandulele, uyabuza: “Ubani ofuna ukuhlala nomuntu ongenasineke [noma] olokhu ebheka isikhathi?” Yebo, ukuntula isineke akuyona neze imfanelo ekhangayo. Kuyobaxosha abangane bakho.

Lena eminye yemiphumela embalwa emibi ebangelwa ukuntula isineke. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngendlela ongasihlakulela ngayo isineke futhi usilondoloze.