Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

E-United States

Usuku nosuku, abantu abangaphezu kuka-20 ababengamasosha ase-United States bayazibulala. Nyanga zonke, amanye amasosha angu-950 angomakad’ ebona anakekelwa yi-U.S. Department of Veterans Affairs azama ukuzibulala.

EChina

“Cishe ingxenye yabesifazane abaneminyaka engaphansi kuka-30 abathuthela kwenye indawo ngenxa yomsebenzi, bakhulelwa ngaphambi komshado, okuwukwanda okumangalisayo komama [baseChina] abangashadile uma kuqhathaniswa nesizukulwane esidlule,” kubika i-China Daily. Umphakathi waseChina waziwa “nangokungayixwayi imibhangqwana ekipitile.”

EGreece

IGreece ibhekene nokudlondlobala kokubuya kwesifo sikamalaleveva, okuyisifo esacishe sanqotshwa kuleli zwe kusukela ngo-1974. Kucatshangwa ukuthi lokhu kubangelwa izinkinga zomnotho nokuncishiswa kwemali yokusekela ezempilo.

ENdiya

Inhlolo-vo yabonisa ukuthi naphezu kwezinguquko ezisheshayo kwezenhlalo, amaphesenti angu-74 abantu okwakhulunywa nabo, ancamela imishado ehlelwe abathile kunaleyo eyenziwa abantu abashada “ngoba bethandana.” Abangamaphesenti angu-89 bakubona kungcono ukuhlala nezihlobo zabo kunokuhlala “njengomkhaya,” ohlanganisa abazali nezingane.

E-Italy

“ISonto [lamaKatolika] alisenamandla, kokubili eYurophu ecebile naseMelika. Isiko lethu seliphelelwe yisikhathi, amasonto ethu makhulu, izigodlo zezindela zikhala ibhungane nabaphathi besonto abawenzi kahle umsebenzi, indlela yethu yokwenza izinto nezivatho sekuphenduke imibukiso. . . . ISonto lisalele emuva ngeminyaka engamakhulu amabili.”—Ingxoxo nokhadinali wamaKatolika uCarlo Maria Martini, eyanyatheliswa i-Corriere della Sera ngemva kokushona kwakhe.