Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

E-United States

Kolunye ucwaningo kwatholakala ukuthi cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu abahamba ngezinyawo isuke inganakile lapho inqamula imigwaqo ephithizela izimoto—isuke ilalele umculo, ikhuluma ngocingo, njalonjalo. Into eyingozi kakhulu eyiphazamisayo ukubhala imiyalezo ngomakhalekhukhwini. Labo abeqa umgwaqo bebe bebhala umyalezo, bathatha isikhathi eside ngamaphesenti angu-18 kunalabo abasuke bengaphazanyiswe yilutho futhi basemathubeni okungawahloniphi amarobhothi izikhathi eziphindwe ngo-3,9, banqamule nasendaweni engafanele noma banqamule bengazange baqalaze nhlangothi zombili zomgwaqo.

ENigeria

Abesifazane baseNigeria abathunjwa yizigebengu ezishushumbisa abantu zibayise eYurophu, baqale bayiswe endaweni okwenziwa kuyo ubuthakathi ukuze benziswe umcikilisho wesifungo sokugcina imfihlo. Ukuze balawule laba besifazane futhi baqiniseke ukuthi bayawulalela umyalo wokuphila njengezigqila zocansi, abathumbi babo basizakala ngokwesaba kwabo okukhulu kokuthi bazoba namashwa.

ESpain

Abantu abangamaphesenti amahlanu kuya kwayishumi osekuyisikhathi eside bengawutholi umsebenzi ababe besabhala ukuthi baneziqu zaseNyuvesi nokuthi sebeke bawenza isikhathi eside kangakanani umsebenzi othile lapho befaka isicelo somsebenzi ngenxa yokuthi lezi zinto zenza kube nzima ukuba baqashwe.

Amazwe Omhlaba

Intuthu ekhishwa umlilo obaswe eziko ibhekwa njengembangela enkulu yokufa kwabantu emazweni asathuthuka, lapho kufa khona abantu abayizigidi ezine ngonyaka ngenxa yenkinga yokuphefumula ehlobene nokuhogela intuthu. Abacwaningi bathi amakhemikhali anobuthi akhishwa yizinkuni namalahle ayingozi enkulu ngendlela efanayo nentuthu kagwayi.