ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ingabe Sekuzokhala Ibhungane Emasontweni?
UGaffar, owazalwa eTurkey, wayekhathazwa imfundiso yokuthi uNkulunkulu uyaziphindiselela, eyayifundiswa inkolo akuyo. Umkakhe uHediye, waqala eneminyaka engu-9 ukungabaza inkolo yakhe. Wathi, “Ngafundiswa ukuba ngikholelwe enkolelweni yokunqunyelwa komuntu izinto kusengaphambili. Njengentandane, ngazibuza, ‘Ngoneni?’ Ngangivame ukukhala ubusuku bonke. Lapho sengineminyaka engu-15, ngase ngiyikhiphile inkolo yami enhliziyweni.”
INGABE usulilahlile ithemba ngenkolo ehleliwe? Uma kunjalo, awuwedwa neze. Emazweni amaningi, siyanda isibalo sabantu abathi ‘abasonti’—okusikisela ukuthi ikusasa lenkolo ehleliwe aliqinisekile. Amanye alawo mazwe abonisiwe ngezansi.
Kungani Beyishiya?
Ziningi izinto ezidumaza abantu enkolweni ehleliwe. Zihlanganisa ukukhuthaza noma ukwamukela kwenkolo ubudlova nobuphekula, nokuziphatha kabi ngokocansi okubandakanya abaholi benkolo kanye nezinye izinto ezicashile, ezingenza abaningi bayishiye inkolo. Lezo zinto zihlanganisa lokhu okulandelayo:
-
Ukuceba: I-Global Index of Religion and Atheism ithi, “Lapho uchuma ngokwezimali, yilapho nothando lwakho ngenkolo luncipha khona.” Lokho kuyaphawuleka, ngenxa yokuthi emazweni amaningi izinga lokuceba selikhuphuke ngokuphawulekayo. UJohn V. C. Nye, onguprofesa wezomnotho uthi, kwezinye izindawo abantu bajabulela “izinga lokuphila ebelingenza inkosi ehlonishwayo eyayibusa emakhulwini amabili eminyaka edlule, ibe nomona.”
OKUSHIWO IBHAYIBHELI: IBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina,” uthando lwemali nolwenjabulo, lwaluyothatha isikhundla sothando ngoNkulunkulu nangomakhelwane. (2 Thimothewu 3:1-5) Eqaphela izingozi ezidalwa ukuthanda ingcebo, umlobi weBhayibheli wathi kuJehova uNkulunkulu: “Unganginiki ubumpofu noma ingcebo.” Kungani ayenalesi sifiso? Waqhubeka, “Ukuze ngingasuthi bese ngikuphika.”—IzAga 30:8, 9.
-
Imikhuba yenkolo nokuziphatha kwayo: Abantu abaningi, ikakhulukazi intsha, babheka inkolo ehleliwe njengengabalulekile futhi engasizi ngalutho. Abanye abasayethembi inkolo. UTim Maguire, oyisikhulu sezindaba kuyi-Humanist Society Scotland uthi, “Uma uphawula indlela amasonto aye aziphatha ngayo emakhulwini eminyaka, abantu sebewafulathele ngoba abasakholelwa ukuthi anegunya lokubaqondisa ngokokuziphatha.”
OKUSHIWO IBHAYIBHELI: Ngokuphathelene nabafundisi bamanga, uJesu Kristu waxwayisa: “Niyobazi ngezithelo zabo. . . . Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi.” (Mathewu 7:15-18) “Izithelo ezingenamsebenzi” zihlanganisa ukugxambukela kwezombusazwe nokwamukela imikhuba uNkulunkulu angayithandi, njengobungqingili. (Johane 15:19; Roma 1:25-27) Ziphinde zihlanganise nokwenza imikhosi engacacile namasiko angathi shú esikhundleni sokufundisa izinto ezinhle ezitholakala emiBhalweni. (Mathewu 15:3, 9) UJesu wathi, “Yondla amawundlu ami.” (Johane 21:17) Nokho namuhla, abaningi balambile ngokomoya.
-
Inkolo nemali: Ngokwe-Pew Research Center, abantu abaningi banomuzwa wokuthi
inkolo igxila kakhulu emalini. Okwenezela kuleyo nkinga, ukuthi ezinye izitatanyiswa zenkolo—ngokungafani nezimvu zazo—zikhomba ngophakathi. Ngokwesibonelo, kwelinye idolobha laseJalimane elinamalungu amaningi esonto adla imbuya ngothi, umbhishobhi wakhona uye wasolwa ngokuphila ukuphila okuntofontofo. Lokhu kuye kwawacasula amaKatolika amaningi endawo. Umbiko webhuku elibizwa nge-GEO uthi eNigeria, “lapho abantu abayizigidi eziyikhulu bephila ngemali engaphansi kwe-euro elilodwa (amaRandi angu-13) ngosuku, ukuphila kobukhazikhazi kwabanye abefundisi sekuqala ukuba inkinga.”OKUSHIWO IBHAYIBHELI: Umlobi weBhayibheli uPawulu wabhala: “Asibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu.” (2 Korinte 2:17) Nakuba uPawulu ayeyisikhonzi esiqavile ebandleni lamaKristu okuqala, wayevame ukwenza umsebenzi wezandla ukuze angabi umthwalo kwabanye. (IzEnzo 20:34) Isimo sakhe sengqondo sabonisa ukuthi wayelalela umyalo kaJesu: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”—Mathewu 10:7, 8.
Ngokuvumelana nalezo zimiso, oFakazi BakaJehova abakhokhisi muntu ngezincwadi zabo noma ngokufundisa iBhayibheli. Abakhokhisi okweshumi noma baqoqe inkongozelo emihlanganweni yabo. Kunalokho, izimali ezidingekayo bazithola ngeminikelo abantu abayenza ngasese ngokuzithandela.—Mathewu 6:2, 3.
Ukushiya Kwabantu Inkolo Ehleliwe Kwabikezelwa!
Emashumini eminyaka ambalwa edlule, kwakungaba nzima ukucabanga ukuthi inkolo yayizoba sesimweni ekuso manje. Nokho, uNkulunkulu wakubona kusengaphambili lokhu futhi wakuloba eBhayibhelini. Esebenzisa ulimi olungokomfanekiso, uNkulunkulu wafanisa zonke izinkolo ezingathembekile kuye nesifebe esitamasayo esibizwa ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu.”—IsAmbulo 17:1, 5.
Le nkulumo iyafaneleka ngoba inkolo yamanga, nakuba ithi ithembekile kuNkulunkulu, iye yazihlanganisa namakhosi omhlaba ukuze izuze amandla nengcebo. IsAmbulo 18:9 sithi, “Amakhosi omhlaba afeba nalo.” Igama elithi “iBhabhiloni” nalo liyafaneleka, ngenxa yokuthi izimfundiso eziningi zenkolo yamanga nemikhuba yayo, njengokungafi komphefumulo, onkulunkulu abangoziqu-zintathu, nokusebenzelana nemimoya, kuvela eBhabhiloni lasendulo, umuzi owawunezinkolelo-ze futhi ungene shí enkolweni yamanga. *—Isaya 47:1, 8-11.
IBhabhiloni elinamandla lawa lapho amanzi alo ayisivikelo—umsele owawuthelelwa uMfula i-Ewufrathe—‘oma,’ okwavulela ibutho lamaMede namaPheresiya indlela yokunqoba umuzi. (Jeremiya 50:1, 2, 38) Empeleni, balinqoba ngobusuku obubodwa nje iBhabhiloni!—Daniyeli 5:7, 28, 30.
IBhabhiloni Elikhulu nalo ‘lihlezi phezu kwamanzi amaningi.’ IBhayibheli lisitshela ukuthi lawo manzi amelela “abantu nezixuku”—izigidi ezisekela inkolo yamanga. (IsAmbulo 17:1, 15) IBhayibheli labikezela ukuthi la manzi angokomfanekiso ayeyokoma—isenzakalo esasiyoba inkomba yokubhujiswa okuseduze nokusheshayo kweBhabhiloni lanamuhla. (IsAmbulo 16:12; 18:8) Kodwa libhujiswa obani? Abangane balo bezombusazwe, uthando lwabo ngalo luyophenduka inzondo. Bayoliphundla futhi bashwabadele inyama yalo engokomfanekiso.—IsAmbulo 17:16, 17. *
“Phumani Kulo”!
Ngenxa yokuthi iBhabhiloni Elikhulu lizobhujiswa maduze, uNkulunkulu ngothando uyasixwayisa: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.” (IsAmbulo 18:4) Yebo, isixwayiso sikaNkulunkulu siqondiswe kubantu abakhathazwa izimfundiso ezilimazayo zenkolo yamanga futhi abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu—abantu abafana noGaffar noHediye okukhulunywe ngabo ekuqaleni.
Ngaphambi kokutadisha iBhayibheli, uGaffar wayebheka uNkulunkulu njengoMuntu okumelwe alalelwe ngoba esatshwa. Wathi: “Kwangikhulula ukufunda ukuthi uJehova unguNkulunkulu wothando nokuthi ufuna simlalele sishukunyiswa uthando ngokuyinhloko.” (1 Johane 4:8; 5:3) UHediye wathola ukuthula kwangaphakathi lapho efunda ukuthi uNkulunkulu akamenzanga intandane, nokuthi isimo sakhe sasinganqunyiwe kusengaphambili. Waduduzwa imiBhalo yeBhayibheli enjengencwadi kaJakobe 1:13, ebonisa ukuthi uNkulunkulu akabavivinyi abantu ngezinto ezimbi. Yena noGaffar balamukela iqiniso leBhayibheli futhi baphuma ‘eBhabhiloni.’—Johane 17:17.
Lapho iBhabhiloni Elikhulu libhujiswa, akukho lutho olulimazayo oluyokwehlela labo abalalelile baphuma kulo ukuze ‘bakhulekele uBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23) Ithemba labo ukubona umhlaba ‘ugcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.’—Isaya 11:9.
Yebo, inkolo yamanga nezithelo zayo ezimbi iyophela, ngoba uNkulunkulu ‘akanakuqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Ngakolunye uhlangothi ukukhulekela kweqiniso kuyochuma phakade!
^ isig. 16 Ukuze uthole okwengeziwe ngeBhabhiloni Elikhulu nangalokho okushiwo iBhayibheli ngesimo sabafileyo, ngoNkulunkulu, nangokusebenzelana nemimoya, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Iyatholakala engosini ethi www.mr1310.com/zu.
^ isig. 18 Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli—Ukuphela Kwezwe,” kuyo le Phaphama!