Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ababeyizindela Baba Odadewabo Bomunye Nomunye Bangempela Abangokomoya

Ababeyizindela Baba Odadewabo Bomunye Nomunye Bangempela Abangokomoya

EMINYAKENI eminingi edlule, udadewethu omncane u-Araceli wathukuthela futhi waklabalasa wathi: “Hlukana nami. Angisafune kuzwa lutho ngale nkolo yakho. Iyangicasula. Uyangidina!” Amazwi akhe ahlaba ephukela. Sengineminyaka engu-91 ubudala manje, kodwa ngisawakhumbula kahle lawo mazwi. Kodwa njengoba umShumayeli 7:8 esho, “kungcono ukuphela kwendaba kamuva kunokuqala kwayo.”—UFelisa.

UFelisa: Ngakhulela emndenini ompofu eSpain. Ekhaya sasingamaKatolika, futhi sasigxile ngempela enkolweni. Eqinisweni, izihlobo zami ezingu-13 zazingabapristi noma zisebenzela isonto. Umzala kamama wayengumpristi abuye abe uthisha esikoleni samaKatolika. Ngemva kokushona kwakhe, uPapa uJohn Paul II wamemezela ukuthi kufanele abhekwe njengongcwele. Ubaba wayesebenza ngensimbi, kanti umama wayesebenza emasimini. Thina zingane sasingu-8, futhi yimi owayemdala.

Lapho ngineminyaka engu-12, kwaqubuka impi yombango eSpain. Ngemva kokuphela kwayo, ubaba waboshwa ngenxa yokuthi uhulumeni wawungayithandi imibono yakhe yezombangazwe. Kwakunzima ngomama ukuba athole ukudla okuzosanela. Ngakho wathumela odadewethu abancane abathathu, u-Araceli, uLauri noRamoni, ukuba bayohlala nezindela ekhaya lazo edolobheni laseBilbao. Lapho, odadewethu babezothola ukudla okwanele.

U-Araceli: Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-14 ubudala, uLauri enengu-12 bese kuthi uRamoni eneyishumi. Sasiwukhumbula kakhulu umndeni wakithi. Ekhaya lezindela, umsebenzi wethu kwakuwukuhlanza. Eminyakeni emibili kamuva, izindela zasithumela kwelinye ikhaya lezindela elikhulu laseZaragoza alalinakekela asebekhulile. Kwakudingeka sisebenze kanzima sihlanza ikhishi, futhi sasikhathala sibe yimvithi.

UFelisa: Ngesikhathi odadewethu bethunyelwa ekhaya lezindela laseZaragoza, umama nomalume, owayengumpristi wendawo, banquma ukungithumela khona nami. Babefuna ukungisusa eduze komunye umfana owayengithanda. Ngangimagange ukuyohlala ekhaya lezindela ngoba ngangimthanda uNkulunkulu. Ngangiya esontweni nsuku zonke, futhi ngangifuna ngisho nokuba yisithunywa sevangeli samaKatolika njengomzala wami owayese-Afrika.

Kwesobunxele: Ikhaya lezindela eZaragoza, eSpain; kwesokudla: Inguqulo yeBhayibheli i-Nácar-ColungaNácar-Colunga

Kodwa ekhaya lezindela, ngaba nomuzwa wokuthi ngangingeke ngikwazi ukwenza eziningi zezinto engangizifisa. Izindela zazingangikhuthazi ukuba ngiyokhonza uNkulunkulu kwelinye izwe, njengoba ngangethemba kanjalo. Ngakho ngemva konyaka, ngabuyela ekhaya ngayonakekela umalume, owayengumpristi. Ngangimenzela imisebenzi yasendlini futhi sasenza umthandazo weRosari ndawonye njalo kusihlwa. Ngangikuthanda nokuhlela kahle izimbali esontweni nokugqokisa izithombe zikaMariya kanye ‘nezosanta.’

U-Araceli: Ngesikhathi siseZaragoza, ngenza izifungo zokuqala zokuba yindela. Ngemva kwalokho izindela zanquma ukusihlukanisa sinodadewethu. Ngakho mina zangithumela ekhaya lezindela eMadrid, kwathi uLauri waya kwelaseValencia. URamoni waqhubeka ehlala eZaragoza. Lapho ngiseMadrid, ngenza izifungo zami zesibili zokuba yindela. Abantu abaningi babeza bezohlala ekhaya lezindela, njengabafundi nasebekhulile. Ngakho kwakunomsebenzi omningi okwakudingeka wenziwe. Mina ngangisebenza esibhedlela sakhona.

Ngangikubheke ngabomvu ukuphila njengendela. Ngangicabanga ukuthi sizochitha isikhathi esiningi sifunda iBhayibheli futhi sicwaninga ngalo. Kodwa ngadumala. Akekho owayesebenzisa iBhayibheli noma ngisho nowayekhuluma nje ngoNkulunkulu noma ngoJesu. Ngafunda isiLatini, ngafunda ngokuphila ‘kosanta’ bamaKatolika futhi ngakhulekela uMariya. Kodwa isikhathi esiningi, sasisichitha sisebenza kanzima.

Ngaqala ukuzizwa ngicindezelekile futhi ngikhathazekile. Ngaba nomuzwa wokuthi kwakufanele ngabe ngenza umsebenzi oholelayo ukuze ngisize umndeni wakithi esikhundleni sokusebenza ekhaya lezindela ukuze ngicebise abanye abantu. Ngakho ngakhuluma nomkhokheli ngale ndaba ngamtshela ukuthi ngifuna ukuhamba. Kodwa wangikhiyela ekamelweni. Wayecabanga ukuthi lokho kwakuyongishintsha umqondo ngingahambi.

Izindela zangikhipha kulelo kamelo, kodwa lapho ziqaphela ukuthi ngangisazimisele ukuhamba ekhaya lezindela, zaphinde zangikhiyela. Ngemva kokwenza lokhu izikhathi ezintathu, zathi ngingahamba uma ngingabhala lokhu okulandelayo: “Ngiyahamba ngoba ngikhetha ukukhonza uSathane kunokukhonza uNkulunkulu.” Ngashaqeka. Ngangifuna ngempela ukuhamba, kodwa ngangingenakuwabhala lawo mazwi. Ekugcineni, ngathi ngifuna ukukhuluma nompristi futhi ngamtshela okwakwenzekile. Wathola imvume kumbhishobhi yokungiphindisela emuva ekhaya lezindela laseZaragoza. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa ngilapho, ngavunyelwa ukuba ngihambe. Ngokushesha ngemva kwalokho, uLauri noRamoni nabo bahamba ekhaya lezindela.

INCWADI EYASEHLUKANISA

UFelisa

UFelisa: Ngokuhamba kwesikhathi ngashada, ngemva kwalokho ngahamba ngayohlala eCantabria, okuyisifundazwe saseSpain. Ngaqhubeka ngiya njalo esontweni. Ngelinye iSonto ngisesontweni, umpristi waklabalasa ethukuthele wathi, “Niyayibona le ncwadi?” Wasikhombisa incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Wathi, “Uma kukhona oninikeze ikhophi yayo, yiletheni kimi noma niyilahle!”

Ngangingenayo leyo ncwadi, kodwa ngangiyifuna. Emva kwezinsuku ezimbalwa, kwafika abesifazane ababili emzini wami. BabengoFakazi BakaJehova futhi banginika leyo ncwadi. Ngayifunda ngabo lobo busuku. Lapho bephinde bebuya laba besifazane, bangibuza ukuthi ngiyafuna yini ukutadisha iBhayibheli, ngathi yebo.

Incwadi ethi IQiniso

Kwase kuyisikhathi eside ngifuna ukujabulisa uNkulunkulu. Ngabe sengifunda iqiniso ngoJehova, futhi ngaqala ukumthanda ngokujulile. Ngangifuna ukuxoxela wonke umuntu ngaye. Ngo-1973, ngabhapathizwa. Noma nini lapho ngingakwazi, ngangizama ukukhuluma namalungu omndeni wakithi ngeqiniso. Kodwa bonke, futhi ikakhulu udadewethu u-Araceli, baphikelela ngokuthi lokho engangikukholelwa kwakungelona iqiniso.

U-Araceli: Ngenxa yokuthi ngangihlukumezekile ekhaya lezindela, ngangithukuthele futhi nginganelisekile ngenkolo yami. Kodwa ngaqhubeka ngiya esontweni ngamaSonto, futhi ngangenza umthandazo weRosari nsuku zonke. Ngangisafuna ukuliqonda iBhayibheli futhi ngacela uNkulunkulu ukuba angisize. UFelisa wabe esingitshela ngalokho ayekufundile. Wayejabule kakhulu ngalokho ayekukholelwa kangangokuba ngangicabanga ukuthi useyahlanya. Ngangingavumelani nalokho ayekusho.

U-Araceli

Kamuva, ngabuyela eMadrid ngenxa yomsebenzi, ngabe sengishada. Njengoba iminyaka ihamba, ngaphawula ukuthi abantu ababeya njalo esontweni babengaphili ngezimfundiso zikaJesu. Ngakho ngayeka ukuya esontweni. Ngangingasakholelwa “kosanta” noma esihogweni somlilo, futhi ngangingakholelwa ukuthi umpristi unelungelo lokuthethelela izono. Ngaze ngalahla ngisho nazo zonke izithombe zenkolo enganginazo. Ngangingazi noma ngangenza into efanele yini noma cha. Ngangidumazekile, kodwa ngaqhubeka ngithandaza kuNkulunkulu: “Ngifuna ukukwazi. Ngicela ungisize!” Ngiyakhumbula ukuthi oFakazi BakaJehova bafika kaningi emzini wami, kodwa ngangingabavuleli umnyango. Ayikho inkolo engangiyethemba.

Udadewethu uLauri wayehlala eFrance, kanti uRamoni wayehlala eSpain. Ngawo-1980, baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngangiqiniseka ngokuthi, njengoFelisa, babengaqapheli ukuthi babefunda amanga wodwa. Kamuva, ngajwayelana no-Angelines, omunye womakhelwane bami, futhi saba abangane abakhulu. Naye wayengomunye woFakazi BakaJehova. U-Angelines nomyeni wakhe bangibuza kaningi ukuthi ngiyafuna yini ukutadisha nabo iBhayibheli. Babeqaphela ukuthi nakuba ngangithe anginandaba nenkolo, ngangifuna ngempela ukwazi iBhayibheli. Ekugcineni, ngabatshela: “Kulungile. Ngizovuma ukufunda nani kuphela uma ngizosebenzisa iBhayibheli lami!” Nganginenguqulo yeBhayibheli i-Nácar-Colunga.

IBHAYIBHELI LIYASIHLANGANISA EKUGCINENI

UFelisa: Lapho ngibhapathizwa ngo-1973, kwakunoFakazi abangaba ngu-70 eSantander, inhloko-dolobha yaseCantabria. Kunamakhulu ezindawo ezihlukahlukene kulesi sifundazwe okwakudingeka sihambe amabanga amade siyoshumayeza abantu abahlala kuzo. Ngakho sasihamba ngebhasi ukusuka kwenye indawo siye kwenye, kamuva sasebenzisa imoto.

Kule minyaka edlule, ngiye ngatadisha iBhayibheli nabantu abaningi, futhi abangu-11 kubo baye babhapathizwa. Iningi labantu engiye ngafunda nabo iBhayibheli lalingamaKatolika. Kwakudingeka ngibabekezelele. Njengami, babedinga isikhathi ukuze baqonde ukuthi lokho ababekukholelwa kwakungelona iqiniso. Ngangazi ukuthi iBhayibheli nomoya ongcwele kaJehova kuphela okungasiza umuntu ukuba ashintshe indlela acabanga ngayo futhi aqonde iqiniso. (Hebheru 4:12) Umyeni wami, uBienvenido, owayekade eyiphoyisa, wabhapathizwa ngo-1979 kanti umama waqala ukutadisha iBhayibheli ngaphambi kokuba ashone.

U-Araceli: Lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngangingabethembi. Kodwa njengoba isikhathi siqhubeka, ngaqala ukubethemba. OFakazi babengafundisi abantu iBhayibheli nje kuphela kodwa babelalela nezimfundiso zalo. Ukholo lwami kuJehova naseBhayibhelini lwaqala ukukhula futhi ngazizwa ngijabule kakhulu. Abanye omakhelwane bami baluqaphela lolu shintsho futhi bathi kimi, “Araceli, qhubeka nendlela oyikhethile!”

Ngiyakhumbula ngithandaza, “Ngiyabonga Jehova, ngokungaphelelwa yisineke ngami nangokunginika amathuba amaningi kangaka okuthola lokho engangikufuna—ulwazi lweBhayibheli olunembile.” Ngacela nodadewethu uFelisa ukuba angixolele ngokukhuluma amazwi ahlabayo kuye. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, kunokuba siphikisane, sajabulela ukuxoxa ngeBhayibheli. Ngabhapathizwa ngo-1989, ngineminyaka engu-61 ubudala.

UFelisa: Manje sengineminyaka engu-91 ubudala. Umyeni wami useshonile, futhi angisakwazi ukwenza okuningi njengoba ngangenza. Kodwa ngisalifunda nsuku zonke iBhayibheli futhi ngiyaya emihlanganweni nasenkonzweni noma nini lapho ngikwazi.

U-Araceli: Ngiyathanda ukukhuluma ngoJehova nabo bonke abapristi nezindela engihlangana nazo, cishe ngenxa yokuthi nami ngangiyindela. Ngiye ngaba nezingxoxo ezimnandi nabanye babo, futhi abaningi baye bazamukela izincwadi nomagazini. Kunompristi engimkhumbula ngokukhethekile. Ngemva kokuxoxa naye izikhathi ezimbalwa, wavumelana nalokho engangikusho. Wabe esethi kimi: “Kodwa ngingayaphi njengoba sengimdala kangaka? Azothini nje amalungu esonto lami nomndeni wami?” Ngaphendula: “UNkulunkulu yena uzothini?” Wabona ukuthi ngangiqinisile, futhi ngaphawula ukuthi wayedumele. Kodwa kubonakala sengathi wayengenaso isibindi sokushintsha.

Angisoze ngalibala mhla umyeni wami engitshela ukuthi ufuna ukuya emhlanganweni kanye nami. Wayeneminyaka engu-80 ubudala lapho eya emhlanganweni wakhe wokuqala, futhi kusukela lapho akaphindanga waphutha emihlanganweni. Watadisha iBhayibheli futhi waqala ukushumayela. Kunezikhathi eziningi ezijabulisayo engizikhumbulayo sisebenza ndawonye enkonzweni. Washona ezinyangeni ezimbili ezandulela usuku ayezobhapathizwa ngalo.

UFelisa: Lapho ngiqala ukukhonza uJehova, odadewethu abathathu abancane babengiphikisa. Kodwa kamuva, nabo balamukela iqiniso. Leyo enye yezinto ezangijabulisa kakhulu ekuphileni kwami. Ngemva kwalokho, sase singakwazi ukuchitha isikhathi ndawonye sikhuluma ngoNkulunkulu wethu othandekayo, uJehova, nangeZwi lakhe! Ekugcineni, sonke sase sikhulekela uJehova. *

^ isig. 29 U-Araceli uneminyaka engu-87 ubudala, uFelisa unengu-91 kanti uRamoni unengu-83. Bonke basakhonza uJehova ngokwethembeka. ULauri washona ngo-1990 futhi naye wahlala ethembekile kuJehova.