Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Nakuba ezokuzijabulisa ziveza izihloko eziphathelene nemimoya nabalingiswa abasebenzelana nemimoya njengokungathi kuyathakazelisa, kudingeka siqaphe ingozi engabangelwa yilezi zinto.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | AVELAPHI AMANDLA ANGAPHEZU KWAWEMVELO?

Lithini IBhayibheli Ngokusebenzelana Nemimoya?

Lithini IBhayibheli Ngokusebenzelana Nemimoya?

NAKUBA abantu abaningi bengabaza yonke into ephathelene namandla angaphezu kwawemvelo kanye nokusebenzelana nemimoya futhi bekubheka njengezinto ezingamanga noma njengezinto ezisungulwe ngababhali bamafilimu—iBhayibheli lona linombono ohlukile. Lisixwayisa ngokucacile mayelana nokusebenzelana nemimoya. Ngokwesibonelo, kuDuteronomi 18:10-13 lithi: “Akufanele kutholakale kuwe . . . noma ubani obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo.” Kungani kunjalo? Lo mBhalo uqhubeka uthi: “Wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova . . . Kufanele ungabi naphutha kuJehova uNkulunkulu wakho.”

Kungani iBhayibheli lizilahla kangaka zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya?

IMISUKA ENGEMIHLE

IBhayibheli lisitshela ukuthi esikhathini eside ngaphambi kokuba uNkulunkulu adale umhlaba, wadala izigidi zezidalwa zomoya noma izingelosi. (Jobe 38:4, 7; IsAmbulo 5:11) Lezi zingelosi zanikwa inkululeko yokuzikhethela—zazikwazi ukukhetha phakathi kokuhle nokubi. Ezinye zalezi zingelosi, zakhetha ukuvukela uNkulunkulu, zashiya isikhundla sazo ezulwini ukuze zizobangela izinkinga emhlabeni. Ngenxa yalokho, “umhlaba wagcwala ubudlova.”—Genesise 6:2-5, 11; Jude 6.

IBhayibheli lithi lezo zingelosi ezimbi, zinethonya elikhulu, zidukisa izigidi zabantu. (IsAmbulo 12:9) Zize zisebenzise kabi ilukuluku labantu lokufuna ukwazi ngekusasa.—1 Samuweli 28:5, 7; 1 Thimothewu 4:1.

Kuyiqiniso kona ukuthi amanye amandla angaphezu kwawemvelo kubonakala sengathi ayabasiza abantu. (2 Korinte 11:14) Nokho, empeleni izingelosi ezimbi zizama ukudunga izingqondo zabantu ukuze bangaliboni iqiniso ngoNkulunkulu.—2 Korinte 4:4.

Ngakho, iBhayibheli lithi ukuxhumana nalezi zidalwa zomoya ezimbi kuwukudlala ngomlilo. Yingakho labo ababezoba ngabafundi bakaJesu “ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa,” ngemva kokuba befunde iqiniso ngalezo zinto bancamela ukulahlekelwa yimali eningi.—IzEnzo 19:19.

“Kungenzeka ukuthi ukukholelwa ekuthakatheni okwandayo emantombazaneni kubangelwa ukuvezwa kwabathakathi abahle, abayengayo kuyithelevishini, emafilimini nasezincwadini.”—IGallup Youth Survey, 2014

Ngokufanayo nanamuhla, abaningi baye banquma ukungazihlanganisi nezokuzijabulisa noma nezinye izinto ezihlobene nemimoya. Ngokwesibonelo, lapho uMaria * eneminyaka engu-12, kwakubonakala sengathi uyakwazi ukubikezela izenzakalo noma izingozi ezithile ezazisazokwenzeka. Wayefundela ayefunda nabo amakhadi okubhula futhi njengoba lokho ayekubikezele ngawo kuphumelela, wakuthanda nakakhulu ukusebenzelana nemimoya.

UMaria wayecabanga ukuthi unesiphiwo esivela kuNkulunkulu sokusiza abantu. Uyavuma, “Nokho, kukhona okwakungihlupha. Lapho ngifunda amakhadi okubhula ngangisuke ngiwafundela abanye. Nakuba ngangifuna ukubhula ngibone ikusasa lami, ngangihluleka.”

Exakwe yimibuzo eminingi engaphenduleki, uMaria wathandaza kuNkulunkulu futhi kamuva waxhumana noFakazi BakaJehova babe sebeqala ukufunda iBhayibheli naye. EBhayibhelini, uMaria wafunda ukuthi ikhono lakhe lokubona ikusasa lalingaveli kuNkulunkulu. Wafunda nokuthi labo abafuna ukuba abangane bakaNkulunkulu kufanele balahle noma yini ehlobene nokusebenzelana nemimoya. (1 Korinte 10:21) Waba yini umphumela? UMaria wazilahla zonke izinto zakhe zokusebenzelana nemimoya nezincwadi zako. Manje usexoxela abanye amaqiniso anembile awafunde eBhayibhelini.

Lapho uMichael esewumfana wayekuthanda ukufunda izincwadi zezinganekwane ezinabalingiswa abanamandla angaphezu kwawemvelo. Uthi, “Ngangithanda ukuzifanisa namaqhawe akulezo zincwadi ayephila emazweni aqanjiwe.” Kancane kancane, uMichael wajwayela ukufunda izincwadi zemilingo nezinto zobuSathane. Uyavuma, “Ukufuna ukwazi kwangenza ngafunda izincwadi futhi ngabuka amafilimu akhuluma ngezinto ezinjalo.”

Nokho, lapho uMichael esetadisha iBhayibheli wabona isidingo sokuba ahlolisise izincwadi ayezifunda. Uthi, “Ngabhala uhlu lwazo zonke izinto enganginazo ezazihlobene nemimoya futhi ngazilahla zonke. Ngafunda isifundo esibalulekile. Kweyabase-1 Korinte 10: 31, iBhayibheli lithi, ‘Zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.’ Engizibuza khona manje ukuthi, ‘Ingabe lokhu engikufundayo kungihlanganisa nokuthile okuphambene nenkazimulo kaNkulunkulu?’ Uma kunjalo, ngiyakugwema.”

IBhayibheli lizifanisa nesibani, futhi kube kufanele. Liwumuthombo wokukhanya owembula lokho ukusebenzelana nemimoya okuyikho ngempela. (IHubo 119:105) Kodwa iBhayibheli lenza okungaphezu kwalokho. Linesithembiso esihle sokuthi amandla emimoya emibi ayoqedwa emhlabeni. Lokho kuzoba nemiphumela ephawulekayo kubantu. Ngokwesibonelo, iHubo 37:10, 11 lithi: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”

^ isig. 10 Amagama ashintshiwe.