Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okufanele Ukwazi Ngokonga

Okufanele Ukwazi Ngokonga

SIDINGA ugesi, uphethiloli nokunye ukuze sibase ezindlini, senze kuphole, sisebenzise izimoto noma senze ezinye izinto. Nokho, emhlabeni wonke kunezinkinga zikagesi nophethiloli.

UGary waseNingizimu Afrika uthi “ukukhuphuka kwentengo kaphethiloli” kuyinkinga enkulu. UJennifer, wasePhilippines ukhathazwa ukuthi “ugesi uhamba njalo.” Kanti uFernando wase-El Salvador yena ukhathazwa ukuthi lezi zinto esizisebenzisayo “kungenzeka zilimaze imvelo.” Ezindaweni eziningi izindlela ezisetshenziswayo ukuze kutholakale ugesi, uwoyela, uphethiloli nokunye zilimaza imvelo.

Ungase uzibuze, ‘Yini mina engingayenza ngalezi zinkinga?’

Sonke singakhetha ukonga. Ukonga ugesi nophethiloli, noma ukukusebenzisa ngendlela engcono kungazuzisa. Uma singasebenzisi ugesi noma uphethiloli omningi, songa imali. Ngesikhathi esifanayo, sivikela imvelo ngoba uma singazisebenzisi ngokweqile lezi zinto, ngeke kudingeke zikhiqizwe kakhulu.

Ake sixoxe ngezindawo ezintathu lapho singakwazi khona ukonga: ekhaya, ezimotweni nasezintweni esizenza nsuku zonke.

EKHAYA

Yonga lapho usebenzisa imishini yokufudumeza nokupholisa endlini. Ucwaningo olwenziwa ezweni elithile laseYurophu lwabonisa ukuthi ebusika, ukwehlisa kancane amazinga okushisa emishinini efudumezayo, kwaba umkhuba owenza abantu bonga kakhulu unyaka wonke. UDerek ohlala eCanada uthi: “Mina nomndeni wami sigqoka amajezi ebusika kunokukhuphula kakhulu izinga lokushisa emishinini efudumezayo, okwenza songe kakhulu.”

Singenza okufanayo noma sihlala ezindaweni ezishisayo. URodolfo ohlala ePhilippines ucupha umshini wakhe wokupholisa endlini ukuze ungabandisi kakhulu. Kungani? Uthi: “Kusisiza songe imali, nogesi.”

Vala iminyango namafasitela uma uvule imishini yokupholisa noma yokufudumeza endlini. * Singonga ngokungawuvumeli umoya osuke ufudunyeziwe noma upholisiwe ukuba uphumele ngaphandle. Ngokwesibonelo, uma sivula umnyango sibe sibase umshini wokufudumeza endlini, kusebenziseka ugesi omningi.

Abanye abantu abagcini nje ngokuvala amafasitela neminyango. Baphinde bafake izinto ezibamba ukushisa ezindongeni zabo noma bafake amafasitela akwazi ukuvimba ukushisa kungaphumeli ngaphandle.

Sebenzisa amagilobhu onga ugesi. UJennifer esike sakhuluma ngaye ekuqaleni uthi: “Kunokusebenzisa amagilobhu ajwayelekile, sinqume ukusebenzisa amagilobhu amasha angawudli ugesi.” La magilobhu amasha angase abize uma usawathenga, kodwa awawudli kakhulu ugesi futhi nawe ugcina sewonge imali eningi ngokuwasebenzisa.

EZIMOTWENI

Uma kungenzeka, sebenzisa izinto zokuthutha zomphakathi. U-Andrew waseGreat Britain uthi, “Uma ngiya emsebenzini, ngizama ukugibela isitimela noma ibhayisikili uma kungenzeka.” Incwadi ethi Energy: What Everyone Needs to Know isikhumbuza ukuthi “ukuze zihambise umuntu oyedwa, izimoto ezincane zisebenzisa uphethiloli ophindwe kathathu uma kuqhathaniswa nalokho okusetshenziwa amabhasi nezitimela eziya ezindaweni eziseduze.”

Zihlele kahle izindlela ofuna ukuzihamba. Uma uhlela kahle kusenesikhathi kungase kungadingeki uhambe kaningi, okungenza wonge uphethiloli, isikhathi nemali.

UJethro, wasePhilippines ubekela eceleni imali ahlela ukuyisebenzisela uphethiloli inyanga ngayinye. Uthi: “Lokhu kungisiza ngizihlele kahle izindlela engizozihamba.”

IZINTO OZENZA NSUKU ZONKE

Ungawasebenzisi kakhulu amanzi ashisayo. Olunye ucwaningo lubonisa ukuthi “e-Australia umuzi ngamunye usebenzisa ugesi ongaphezu kwekota ukuze ushisise amanzi.”

Ukushisisa amanzi kudla ugesi, ngakho ungawasebenzisi kakhulu amanzi ashisayo. UVictor waseNingizimu Afrika uthi, “Sizama ukungawasebenzisi kakhulu amanzi ashisayo lapho sigeza.” Usosayensi uSteven Kenway uthi: “Ukonga amanzi ashisayo kusiza ngezindlela ezintathu. Konga amanzi nogesi, kwenza inkampani ephehla ugesi ingaphehli ugesi omningi futhi kusiza nabantu bonge imali.”

Cima. Cima amagilobhu, nezinye izinto ezisebenza ngogesi njengama-computer namathelevishini. Ngisho noma kungase kubonakale sengathi eminye imishini isicimile, ngesinye isikhathi iyaqhubeka idla ugesi uma ingacinyiwe ngokuphelele. Ezinye izazi zithi ukuze wonge ugesi, kungcono ukuwabhoncula odongeni amapulaki noma ukupulaka entweni enezimbobo zokupulaka ezinamaswishi ukuze ucime kuwo. UFernando esikhulume ngaye ekuqaleni uthi, “Ngicima amagilobhu bese ngibhoncula amapulaki ezinto engingazisebenzisi.”

Singase singakwazi ukulawula ukuthi ugesi nophethiloli kuzobiza kangakanani noma ukuthi izolimala kangakanani imvelo, kodwa esingakwenza ukukusebenzisa kahle. Emhlabeni wonke, abantu bayazithola izindlela zokonga. Kuyiqiniso ukuthi ukonga kungadinga umzamo nokuhlela, kodwa kuyazuzisa. UValeria waseMexico uthi, “Ngonga imali futhi ngivikele imvelo.”

^ isig. 10 Landela iziyalezo ezifika nomshini wakho ukuze uwusebenzise ngendlela ephephile. Ngokwesibonelo, eminye imishini ifika neziyalezo ezingenza kudingeke uvule umnyango noma ifasitela uma uyisebenzisa.