AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela ENew Zealand
CISHE eminyakeni engaba ngu-800 eyedlule, isizwe samaMaori sahamba izinkulungwane zamakhilomitha sinqamula olwandle saze safika eNew Zealand. Safike sathola indawo ehluke ngokuphelele eziqhingini ezishisayo zasePolynesia esasisuka kuzo. INew Zealand yayinezintaba, iziphethu ezishisayo neqhwa. Ngemva kweminyaka engaba amakhulu amahlanu, kwafika olunye uhlanga kule ndawo luvela eYurophu. Namuhla, abantu baseNew Zealand baziwa ngamasiko ahlanganisa zombili lezi zinhlanga. Abantu abaningi bahlala emadolobheni. Kuzo zonke izinhloko-dolobha eziseningizimu, iWellington iyona nhloko-dolobha esezansi kunazo zonke.
Nakuba iyisiqhingi esikude, akumangazi ukuthi iNew Zealand ivakashelwa abantu abaqhamuka kwezinye izindawo abangaphezu kwezigidi ezintathu ngonyaka, ngenxa yobuhle bayo.
INew Zealand inezinhlobo eziningi zezilwane zasendle, futhi inezinyoni ezingandizi eziningi ukwedlula ezinye izindawo emhlabeni. Kule ndawo kutholakala nesilwane okuthiwa i-tuatara, okuyisilwane esicishe sifane nentulo, esikwazi ukuphila iminyaka engaba yikhulu! Amalulwane nezilwane zasolwandle ezifana nemikhoma namadolifini, yizona zilwane ezincelisayo zakule ndawo.
Sekuyiminyaka engaba ngu-120 oFakazi BakaJehova bekhona eNew Zealand. Bafundisa iBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-19, ezihlanganisa nolimi lwesiNiue isiRarotonga, isiSamoa, nesiTonga.