Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyazibala Yini Izindleko?

Uyazibala Yini Izindleko?

Uyazibala Yini Izindleko?

UJESU KRISTU wanika abalandeli bakhe ithemba lokuphila okuphakade, kodwa wabuye wabanxusa ukuba babale izindleko zokuba umKristu. Wacacisa leli phuzu ngokuthi abuze: “Ubani kini ofuna ukwakha umbhoshongo ongahlali phansi kuqala futhi abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) Iziphi izindleko uJesu ayekhuluma ngazo?

Wonke amaKristu abhekana nezilingo—ezinye zinzima ngempela. (IHubo 34:19; Mathewu 10:36) Yingakho kudingeka sikulungele ngokwengqondo nangokomoya ukuze singamangali lapho kuqhamuka ukuphikisa noma ezinye izinkinga. Kumelwe sibe sesizicabangile kakade izinselele ezinjalo zokuba umfundi kaKristu, sazi ukuthi umvuzo—owukusindiswa esonweni nasekufeni—ungcono ukudlula noma yini lesi simiso sezinto samanje esingasinika yona. Yebo, akukho lutho uNkulunkulu aluvumelayo—ngisho nokufa—okungasilimaza unomphela uma siqhubeka simkhonza.—2 Korinte 4:16-18; Filipi 3:8.

Ukholo lwethu lungaqina kanjani ngaleyo ndlela? Ukholo lwethu luya luqina isikhathi ngasinye lapho senza isinqumo esifanele, lapho simelela ngokuqinile izimiso zobuKristu, noma lapho senza isenzo esivumelana nentando kaNkulunkulu—ikakhulu uma sicindezelwa ukuba senze okuphambene. Lapho sizibonela isibusiso sikaJehova esiwumphumela wokulandela inkambo yokwethembeka, ukholo lwethu luyaqina futhi lujule. Ngaleyo ndlela, silandela isibonelo sikaJesu, esabalandeli bakhe bokuqala, nabo bonke abesilisa nabesifazane abaye ‘babala izindleko’ zokukhonza uNkulunkulu eminyakeni eminingi eyedlule.—Marku 1:16-20; Heberu 11:4, 7, 17, 24, 25, 32-38.