Okwenza Sigcine ISidlo SeNkosi Sakusihlwa
“Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—1 KOR. 11:24.
1, 2. Yini uJesu ayenza ngobusuku bangoNisani 14, 33 C.E.? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
SEKUHLWILE, kodwa kunokukhanya kwenyanga egcwele eJerusalema. Ubusuku bukaNisani 14, 33 C.E. UJesu nabaphostoli bakhe sebegubhe iPhasika, bekhumbula ukukhululwa kwama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe okwenzeka eminyakeni engu-1 500 edlule. Enabaphostoli bakhe abangu-11 abaqotho, uJesu manje umisa isidlo esikhethekile—isidlo okuzokhunjulwa ngaso ukufa kwakhe okuzokwenzeka lungakapheli lolu suku. *—Math. 26:1, 2.
2 UJesu uyabonga abese enikeza abaphostoli bakhe isinkwa esingenamvubelo, athi: “Thathani, yidlani.” Uthatha indebe yewayini, aphinde abonge futhi athi: “Phuzani kuyo, nonke.” (Math. 26:26, 27) Akukho okunye ukudla akudlulisayo kodwa kunokuningi azokutshela abalandeli bakhe abathembekile ngalobu busuku obuyingqopha-mlando.
3. Sizoxoxa ngamiphi imibuzo kulesi sihloko?
3 Wasimisa ngaleyo ndlela uJesu iSikhumbuzo sokufa kwakhe, 1 Kor. 11:20) Ngokuphathelene naso, abanye bangase babuze: Kungani kufanele sikhumbule ukufa kukaJesu? Sisho ukuthini isinkwa newayini? Singazilungiselela kanjani iSikhumbuzo? Obani okufanele badle? AmaKristu azizwa kanjani ngalokho imiBhalo ekushoyo ngethemba lawo?
esibizwa nangokuthi “isidlo seNkosi sakusihlwa.” (OKWENZA SIKHUMBULE UKUFA KUKAJESU
4. Ukufa kukaJesu kwasenza sakwazi ukutholani?
4 Njengenzalo ka-Adamu, sazuza njengefa isono nokufa. (Roma 5:12) Akekho umuntu ongaphelele onganika uNkulunkulu isihlengo sokuphila kwakhe noma okwabanye. (IHu. 49:6-9) Nokho, ngokufa kwakhe, uJesu wakhokha inani lesihlengo okuwukuphela kwalo elamukelekayo—umzimba wakhe ophelele negazi lakhe elachitheka. Ngokuletha kuNkulunkulu inani laleso sihlengo, uJesu wenza ukuba sikwazi ukukhululwa esonweni nasekufeni nokuba sithole isipho esiwukuphila okuphakade.—Roma 6:23; 1 Kor. 15:21, 22.
5. (a) Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu noKristu bayasithanda isintu? (b) Kungani kufanele sibe khona lapho kukhunjulwa ukufa kukaJesu?
5 Ilungiselelo lesihlengo libonisa ukuthi uNkulunkulu uyalithanda izwe lesintu. (Joh. 3:16) Umhlatshelo kaJesu uwubufakazi bokuthi naye uyasithanda. Phela, ngesikhathi ‘eseyisisebenzi esiyingcweti’ sikaNkulunkulu engakezi emhlabeni, uJesu ‘wayethanda izinto ezaziphathelene namadodana abantu’! (IzAga 8:30, 31) Umuzwa wokubonga uNkulunkulu neNdodana yakhe kufanele usishukumisele ukuba sibe khona lapho kukhunjulwa ukufa kukaJesu, ngokwenza kanjalo silalela lo myalo: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—1 Kor. 11:23-25.
OKUSHIWO IZIFANEKISELO
6. Kufanele sisibheke kanjani isinkwa newayini leSikhumbuzo?
6 Lapho emisa iSikhumbuzo, uJesu akazange ashintshe isinkwa newayini ngokuyisimangaliso kube inyama negazi lakhe elingokoqobo. Kunalokho, wathi ngesinkwa: “Lokhu kusho umzimba wami.” Ngokuphathelene newayini, wathi: “Lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano,’ elizothululwa ngenxa yabaningi.” (Marku 14:22-24) Kusobala-ke ukuthi isinkwa newayini kwakufanele kubhekwe njengezifanekiselo, noma izinto ezimelela okuthile.
7. Simelelani isinkwa esisetshenziswa eSikhumbuzweni?
7 Kuleso senzakalo esibaluleke kakhulu sango-33 C.E., uJesu wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo esasisale esidlweni sePhasika. (Eks. 12:8) EmiBhalweni, ngezinye izikhathi imvubelo ifanekisela ukonakala noma isono. (Math. 16:6, 11, 12; Luka 12:1) Ngakho, ukusebenzisa kukaJesu isinkwa esingenamvubelo kwakubalulekile ngoba sasiwumelela kahle umzimba wakhe ongenasono. (Heb. 7:26) Yingakho kusetshenziswa isinkwa salolo hlobo eSikhumbuzweni.
8. Imelelani indebe yewayini leSikhumbuzo?
8 Iwayini elasetshenziswa uJesu ngoNisani 14, 33 C.E., lalimelela igazi likaJesu, njengoba kunjalo nangendebe yewayini leSikhumbuzo namuhla. Igazi lakhe lathululwa “ngenjongo yokuthethelelwa kwezono” eGolgotha, indawo eyayingaphandle kweJerusalema. (Math. 26:28; 27:33) Ngenxa yokuthi isinkwa newayini leSikhumbuzo kumelela umhlatshelo kaJesu oyigugu awunikela ngenxa yesintu esilalelayo nangenxa yokuthi siyalazisa lelo lungiselelo lothando, kuyafaneleka ukuba ngamunye wethu azilungiselele ukugcinwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa saminyaka yonke.
EZINYE ZEZINDLELA ZOKUZILUNGISELELA
9. (a) Kungani kubalulekile ukuhambisana nokufundwa kweBhayibheli kweSikhumbuzo? (b) Uzizwa kanjani ngesihlengo?
9 Singazindla ngalokho uJesu akwenza ngaphambi nje kokufa kwakhe ngokuhambisana nesimiso sokufundwa kweBhayibheli kweSikhumbuzo encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Lokhu kungasisiza silungiselele izinhliziyo zethu iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. * Omunye udade wabhala: “Sibheka phambili eSikhumbuzweni. Siba esikhetheke nakakhulu unyaka ngamunye kithi. . . . Ngikhumbula ngisendaweni yabangcwabi, ngibuka ubaba wami othandekayo futhi ngiqala ukusazisa ngokusuka enhliziyweni ngempela isihlengo. . . . Yebo, ngangiyazi yonke imiBhalo futhi ngikwazi nokuyichaza! Kodwa lapho ngiwezwa ngokujulile amagalelo okufa, kwaba yima ngiqala ukuthi uma ngicabanga ngalokho esiyokwenzelwa ngosizo lwaleso sihlengo esiyigugu ngifikelwe injabulo.” Ngempela, lapho silungiselela iSikhumbuzo, senza kahle ngokucabanga ngendlela umhlatshelo kaJesu osikhulula ngayo esijezisweni sesono nokufa.
10. Ukulungiselela iSikhumbuzo kungayithinta kanjani inkonzo yethu?
10 Ukulungiselela iSikhumbuzo kungahlanganisa nokuhlela ukwandisa inkonzo yethu ngandlela-thile, mhlawumbe ngokuba amaphayona asizayo ngenkathi yeSikhumbuzo. Njengoba simemela esibafundelayo nabanye eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, siyothola injabulo ngokukhuluma ngoNkulunkulu, ngeNdodana yakhe nangezibusiso ezibekelwe labo abajabulisa uJehova futhi bamdumise.—IHu. 148:12, 13.
11. Abanye eKorinte babezidla kanjani izifanekiselo zeSikhumbuzo ngokungafanele?
11 Njengoba ulungiselela iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, cabanga ngalokho umphostoli uPawulu akulobela ibandla lamaKristu aseKorinte. (Funda eyoku-1 Korinte 11:27-34.) UPawulu wakusho ngokuqondile ukuthi noma ubani odla isinkwa aphuze nendebe yewayini ngokungafanele ‘unecala ngokuqondene nomzimba negazi leNkosi,’ uJesu Kristu. Ngakho-ke, ogcotshiweyo kufanele ‘azivumele yena ngemva kokuzihlolisisa’ andukuba adle izifanekiselo. Ngaphandle kwalokho, “udla futhi aphuze isahlulelo ngokumelene naye.” Ngenxa yokuziphatha okungafanele, abaningi eKorinte ‘babebuthakathaka futhi bexhwalile, futhi abaningana befile’ ngokomoya. Kungenzeka ukuthi abanye babedla baphuze kakhulu ngaphambi noma phakathi neSikhumbuzo kangangokuba babozela ngokoqobo nangokomoya. Ukudla izifanekiselo ngaleyo ndlela engafanele kwabenza bangamukeleka kuNkulunkulu.
12. (a) UPawulu wasifanisa nani iSikhumbuzo, futhi isiphi isixwayiso asinikeza ababedla? (b) Yini umuntu odlayo owenze isono esibi okufanele ayenze?
12 UPawulu wafanisa iSikhumbuzo nesidlo esihlanganyelwayo, wabe esexwayisa abadlayo: “Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova nibe niphuza indebe yamademoni; anikwazi ukudla ‘etafuleni likaJehova’ nibe nidla etafuleni lamademoni.” (1 Kor. 10:16-21) Uma umuntu odlayo eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa enze isono esibi, kufanele afune usizo olungokomoya. (Funda uJakobe 5:14-16.) Uma lowo ogcotshiweyo ezibonakalisile “izithelo ezifanela ukuphenduka,” uyobe engawedeleli umhlatshelo kaJesu ngokudla izifanekiselo zeSikhumbuzo.—Luka 3:8.
13. Kungani kungasizuzisa ukuthandaza ngethemba lethu esilinikwe uNkulunkulu?
13 Njengoba sizilungiselela iSikhumbuzo, kungasizuzisa ukuthandaza ngethemba lethu esilinikwe uNkulunkulu. Ayikho inceku kaJehova ezinikezele futhi engumlandeli othembekile weNdodana yakhe engafuna ukwedelela umhlatshelo kaJesu ngokudla izifanekiselo zeSikhumbuzo ibe ingenabo ubufakazi obucacile bokuba ogcotshiweyo. Khona-ke, umuntu anganquma kanjani ukuthi kufanele yini adle izifanekiselo noma cha?
OBANI OKUFANELE BADLE?
14. Isivumelwano esisha sikuthinta kanjani ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo?
14 Labo abazidla ngokufanele izifanekiselo zeSikhumbuzo baqiniseka ngokugcwele ukuthi bangabahlanganyeli besivumelwano esisha. Ngokuphathelene newayini, uJesu wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami.” (1 Kor. 11:25) Ngomprofethi uJeremiya, uNkulunkulu wabikezela ukuthi wayeyokwenza isivumelwano esisha esasihlukile esivumelwaneni soMthetho ayesenze nama-Israyeli. (Funda uJeremiya 31:31-34.) UNkulunkulu wenze isivumelwano esisha no-Israyeli ongokomoya. (Gal. 6:15, 16) Lesi sivumelwano siqiniswe ngesihlengo sikaKristu futhi senziwa sasebenza ngegazi lakhe elachitheka. (Luka 22:20) UJesu unguMlamuleli wesivumelwano esisha futhi abagcotshiweyo abaqotho abangeniswe kuso bathola ifa lokuphila kwasezulwini.—Heb. 8:6; 9:15.
15. Obani abangeniswe esivumelwaneni soMbuso, futhi iliphi ilungelo elibalindele uma bethembekile?
15 Abantu abakufanelekelayo ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo bayazi ukuthi bangeniswe esivumelwaneni soMbuso. (Funda uLuka 12:32.) Labo ababa abalandeli bakaJesu abagcotshiwe, abanamathela kuye ngobuqotho futhi bahlupheka kanye naye, babeyobusa naye ezulwini. (Fil. 3:10) Ngenxa yokuthi basesivumelwaneni soMbuso, abagcotshiweyo abathembekile bayobusa noKristu phakade njengamakhosi asezulwini. (IsAm. 22:5) Abanjalo bayakufanelekela ukudla izifanekiselo eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa.
16. Chaza kafushane okushiwo eyabaseRoma 8:15-17.
16 Yilabo kuphela abanobufakazi bomoya bokuthi bangabantwana bakaNkulunkulu okufanele badle izifanekiselo zeSikhumbuzo. (Funda eyabaseRoma 8:15-17.) Phawula ukuthi uPawulu wasebenzisa igama lesi-Aramu elithi “Abha,” okusho ukuthi “O Baba!” Umntwana wayengasebenzisa leli gama lapho ekhuluma noyise, ngoba yigama elibonisa uthando, eliveza ukusondelana kwakhe noyise nenhlonipho anayo ngaye. Labo abamukele “umoya wokutholwa njengamadodana” bangabantwana bakaNkulunkulu abazelwe ngomoya. Umoya wakhe ufakazelana nomoya wabo, okubenza babone ukuthi bangamadodana kaJehova agcotshiwe. Akukhona nje ukuthi abasakuthandi ukuphila emhlabeni. Bayaqiniseka ukuthi bayoba izindlalifa noJesu eMbusweni wasezulwini uma bethembeke kwaze kwaba sekufeni. Namuhla, kunensali kuphela yabangu-144 000 abalandela ezinyathelweni zikaKristu, ‘abanokugcotshwa okuvela kongcwele,’ uJehova. (1 Joh. 2:20; IsAm. 14:1) Yilo moya obenza bakhamuluke bathi, “Abha, Baba!” Yeka ubuhlobo obukhethekile abanabo noNkulunkulu!
INDLELA OZIZWA NGAYO NGETHEMBA LAKHO ELINGOKOMBHALO
17. Abagcotshiweyo banaliphi ithemba, futhi balibheka kanjani?
17 Uma ungumKristu ogcotshiwe, imithandazo yakho yangasese igxila kakhulu ethembeni lasezulwini. Lapho iBhayibheli likhuluma ‘ngokuthenjiswa umshado’ noMkhwenyana wasezulwini, uJesu Kristu, la mazwi uwasebenzisa kuwe futhi ulangazelela ukuba ingxenye ‘yomlobokazi’ kaKristu. (2 Kor. 11:2; Joh. 3:27-29; IsAm. 21:2, 9-14) Lapho uNkulunkulu ekhuluma ngothando analo ngabantwana bakhe abangokomoya eZwini lakhe, usabela ngokuthi, “Kukhulunywa ngami.” Nalapho iZwi likaJehova liyala amadodana akhe agcotshiwe, umoya ongcwele ukushukumisela ukuba ulalele futhi enhliziyweni yakho uthi, “Kuyalwa mina.” Ngaleyo ndlela umoya kaNkulunkulu nomoya wakho iyafakazelana ukuthi unethemba lasezulwini.
18. “Ezinye izimvu” zinaliphi ithemba, futhi uzizwa kanjani ngalo?
18 Ngakolunye uhlangothi, uma uyingxenye ‘yesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu,’ uNkulunkulu ukunike ithemba lasemhlabeni. (IsAm. 7:9; Joh. 10:16) Ufuna ukuphila phakade ePharadesi futhi uyakujabulela ukuzindla ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphila kwasemhlabeni esikhathini esizayo. Ubheka phambili ekujabuleleni ukuthula okuchichimayo ukanye namalungu omndeni nabanye abantu abalungile. Usibheke ngabomvu isikhathi lapho indlala, ubumpofu, ukuhlupheka, ukugula nokufa kuyobe kungasasihluphi isintu. (IHu. 37:10, 11, 29; 67:6; 72:7, 16; Isaya 33:24) Uyakulangazelela ukwamukela abavusiwe abanethuba lokuphila phakade emhlabeni. (Joh. 5:28, 29) Awuve umbonga uJehova ngaleli themba lasemhlabeni! Nakuba ungazidli izifanekiselo, uba khona eSikhumbuzweni ukuze ubonakalise ukwazisa kwakho ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu.
INGABE UZOBA KHONA?
19, 20. (a) Ithemba olinikwe uNkulunkulu lingafezeka kanjani? (b) Kungani uzoba khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa?
19 Kungakhathaliseki ukuthi unethemba lasemhlabeni noma lasezulwini, lingafezeka kuphela uma ubonisa ukholo kuJehova uNkulunkulu, kuJesu Kristu nasesihlengweni. Ukuba khona eSikhumbuzweni kuyokunika ithuba lokuzindla ngethemba onalo nangendlela ukufa kukaJesu okubaluleke kakhulu ngayo. Ngakho, zibekele umgomo wokuba phakathi kwezigidi ezizoba khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa ngemva kokushona kwelanga ngoLwesihlanu, April 3, 2015, emaHholo OMbuso nakwezinye izindawo emhlabeni wonke.
20 Ukuba khona eSikhumbuzweni kungase kujulise ukubonga kwakho ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu. Ukulalelisisa inkulumo kungase kukushukumisele ukuba ubonise uthando komakhelwane bakho ngokubaxoxela lokho okufundile ngothando lukaJehova nangenjongo yakhe enhle ngesintu. (Math. 22:34-40) Ngakho-ke, yiba khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa kumnyama kubomvu.