Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iminyaka Eyikhulu Ngaphansi Kokubusa KoMbuso!

Iminyaka Eyikhulu Ngaphansi Kokubusa KoMbuso!

“Kwangathi uNkulunkulu wokuthula . . . anganihlomisa ngazo zonke izinto ezinhle ukuba nenze intando yakhe.”HEBHERU 13:20, 21.

IZINGOMA: 136, 14

1. Wawubaluleke kangakanani umsebenzi wokushumayela kuJesu? Chaza.

UJESU wayekuthanda ukukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wakhuluma ngoMbuso ukwedlula noma yini enye. Phakathi nenkonzo yakhe, wakhuluma ngoMbuso izikhathi ezingaphezu kweziyikhulu. UMbuso wawubaluleke ngempela kuJesu.Funda uMathewu 12:34.

2. Bangaki abezwa umyalo olotshwe kuMathewu 28:19, 20, futhi kungani sisho kanjalo?

2 Ngemva nje kokuvuswa kwakhe, uJesu wahlangana nesixuku sabantu ababengaphezu kuka-500 ababengase babe abafundi. (1 Korinte 15:6) Mhlawumbe kungalesi sikhathi lapho uJesu akhipha khona umyalo wokuba kushunyayelwe ‘kubantu bazo zonke izizwe.’ Lo msebenzi wawungeke ube lula. * Wabatshela ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuyoqhubeka isikhathi eside, kuze kube “isiphelo sesimiso sezinto.” Lapho ushumayela izindaba ezinhle namuhla, usiza ekugcwaliseni leso siprofetho.Mathewu 28:19, 20.

3. Iziphi izinto ezintathu eziye zasisiza ukuba sishumayele izindaba ezinhle?

3 Ngemva kokuba uJesu enikeze umyalo wokuba kushunyayelwe, wathi: “Nginani.” (Mathewu 28:20) Ngakho uJesu wathembisa abalandeli bakhe ukuthi wayeyoqondisa umsebenzi wokushumayela nokuthi wayeyobasiza bashumayele emhlabeni jikelele. UJehova naye unathi. Usinikeze “zonke izinto ezinhle” ukuze asisize sishumayele. (Hebheru 13:20, 21) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezintathu zalezi zinto ezinhle: (1) amathuluzi esiwanikeziwe, (2) izindlela esiye sazisebenzisa, kanye (3) nokuqeqeshwa esikutholile. Okokuqala, ake sixoxe ngamanye amathuluzi esiye sawasebenzisa kule minyaka eyikhulu edlule.

AMATHULUZI ASIZA IZINCEKU ZIKANKULUNKULU ZISHUMAYELE

4. Amathuluzi ahlukahlukene asisize kanjani emsebenzini wethu wokushumayela?

4 UJesu waqhathanisa umyalezo ophathelene noMbuso nembewu ehlwanyelwe ezinhlotsheni ezingefani zomhlabathi. (Mathewu 13:18, 19) Ukuze alungiselele umhlabathi, umlimi usebenzisa amathuluzi ahlukahlukene. Ngendlela efanayo, iNkosi yethu isinikeze amathuluzi esingawasebenzisa ukuze sisize abantu bamukele umyalezo esiwuphethe. Amanye amathuluzi aba usizo okwesikhashana, kanti amanye asasetshenziswa nanamuhla. Kodwa wonke la mathuluzi asisizile ukuba sithuthukise amakhono ethu okushumayela.

Ikhadi lokufakaza lasiza abaningi ukuba baqale ukushumayela

5. Laliyini ikhadi lokufakaza, futhi lalisetshenziswa kanjani?

5 Ngo-1933, abamemezeli baqala ukusebenzisa ikhadi lokufakaza, ithuluzi elasiza abaningi ukuba baqale ukushumayela. Kwakuyikhadi elincane elinomyalezo weBhayibheli omfushane nolula. Ngezinye izikhathi kwakwenziwa ikhadi elisha elinomyalezo ohlukile. UMfoweth’ u-Erlenmeyer wayeneminyaka eyishumi lapho eqala ukusebenzisa ikhadi lokufakaza. Wachaza: “Isingeniso esivamile sasithi, ‘Bengicela ufunde leli khadi.’ Ngemva kokuba umninikhaya eselifundile, sasimhambisela incwadi bese singena indlela.”

6. Lasiza kanjani ikhadi lokufakaza?

6 Ikhadi lokufakaza lasiza abamemezeli ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, abanye abamemezeli babenamahloni, futhi nakuba babefuna ngempela ukushumayela, babengazi ukuthi bazothini. Abanye abamemezeli babenesibindi ngokwedlulele. Babetshela umninikhaya yonke into abayaziyo ngemizuzwana nje, kodwa indlela ababekhuluma ngayo yayingabonisi inhlonipho ngaso sonke isikhathi. Ikhadi lokufakaza lasiza bonke abamemezeli ukuba badlulise umyalezo ocacile nolula.

7. Kwakuyiziphi ezinye izinselele zokusebenzisa ikhadi?

7 Zazikhona nezinselele. UDadeweth’ uGrace Estep wathi: “Ngezinye izikhathi sasibuzwa, ‘Lithini lelo khadi? Kungani ungavele ungitshele wena ukuthi lithini?’ ” Kanti okunye, abanye abaninikhaya babengakwazi ukufunda lokho okusekhadini. Abanye babevele balithathe ikhadi bese bevala umnyango. Abanye abantu babengawuthandi umyalezo esasiwuphethe, ngakho babelidabula libe yizicucu lelo khadi. Nokho, naphezu kwezinselele, ikhadi lokufakaza labasiza abamemezeli ukuba bashumayele komakhelwane babo nokuba baziwe njengabantu abashumayela ngoMbuso.

8. Yasetshenziswa kanjani igilamafoni? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

8 Elinye ithuluzi elasetshenziswa ngemva kuka-1930 kwakuyigilamafoni. Abanye oFakazi babeyibiza ngokuthi u-Aroni ngoba lo mshini wawubakhulumela. (Funda u-Eksodusi 4:14-16.) Uma umninikhaya evuma ukulalela, ummemezeli wayemdlalela inkulumo yeBhayibheli emfushane bese emnika izincwadi. Ngezinye izikhathi, umndeni wonke wawubuthana ukuze ulalele inkulumo! Ngo-1934, i-Watch Tower Society yaqala ukwakha amagilamafoni aklanyelwe ukusetshenziswa enkonzweni. Abazalwane bagcina sebeqophe izinkulumo ezingu-92 ezihlukahlukene.

9. Yaphumelela kangakanani igilamafoni?

9 Lapho uHillary Goslin ezwa enye yalezi zinkulumo, waboleka igilamafoni isonto elilodwa ukuze alalelise omakhelwane bakhe umyalezo weBhayibheli. Ngenxa yalokho, idlanzana labantu lalithanda iqiniso futhi labhapathizwa. Ngokuhamba kwesikhathi, amadodakazi amabili kaMfoweth’ uGoslin aya eSikoleni SaseGileyadi futhi aba izithunywa zevangeli. Njengekhadi lokufakaza, igilamafoni yasiza abamemezeli abaningi baqala ukushumayela. Ngokuhamba kwesikhathi, isebenzisa iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, iNkosi yayizoqeqesha abantu bayo ukuze babe abafundisi abaphumelelayo.

UKUSEBENZISA ZONKE IZINDLELA UKUZE KUFINYELELWE ABANTU

10, 11. Amaphephandaba nomsakazo kwasetshenziswa kanjani ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle, futhi kungani lezo zindlela zaphumelela?

10 Ngaphansi kokuqondisa kweNkosi yethu, abantu bakaNkulunkulu baye basebenzisa izindlela ezihlukahlukene ukuze bafinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela. Lezo zindlela zazibaluleke ngokukhethekile ngesikhathi sinezisebenzi ezimbalwa. (Funda uMathewu 9:37.) Ngokwesibonelo, eminyakeni eminingi edlule kwasetshenziswa amaphephandaba ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle. Isonto ngalinye uMfoweth’ uRussell wayethumela inkulumo yeBhayibheli kwabomthombo wezindaba. Bona, babebe sebethumela inkulumo yakhe emaphephandabeni aseCanada, eYurophu nase-United States. Ngo-1913, izinkulumo zikaMfoweth’ uRussell zase zishicilelwa emaphephandabeni angu-2 000 futhi zazifundwa abantu abangaba ngu-15 000 000!

Amaphephandaba nomsakazo kwasiza ekufinyeleleni abantu abaningi basezindaweni ezazinabamemezeli abambalwa

11 Umsakazo nawo wasetshenziswa ngempumelelo ekushumayeleni izindaba ezinhle. Ngo-April 16, 1922, uMfoweth’ uRutherford wanikeza enye yezinkulumo zakhe zokuqala emsakazweni, eyalalelwa ngabantu abangaba ngu-50 000. Ngokushesha, saqala ukusebenzisa isiteshi sethu somsakazo esasibizwa ngokuthi i-WBBR, kanti uhlelo lwaso lokuqala lwasakazwa ngo-February 24, 1924. INqabayokulinda yesiNgisi ka-December 1, 1924, yathi: “Sikholelwa ukuthi umsakazo uyindlela eyongayo nephumelela kakhulu ukuzedlula zonke esezike zasetshenziswa ekusakazeni umyalezo weqiniso.” Njengamaphephandaba, umsakazo wasisiza safinyelela abantu abaningi basezindaweni ezazinabamemezeli abambalwa.

Abamemezeli boMbuso abaningi bayakujabulela ukushumayela ezindaweni zomphakathi nokutshela abantu ngengosi yethu (Bheka izigaba 12, 13)

12. (a) Iziphi izindlela zokushumayela ezindaweni zomphakathi ozithokozela kakhulu? (b) Yini engasisiza sinqobe noma yikuphi ukwesaba esingase sibe nakho ngokushumayela ezindaweni zomphakathi?

12 Ukushumayela ezindaweni zomphakathi kuyindlela ephumelelayo esetshenziselwa ukufinyelela abantu namuhla. Kwenziwa imizamo eyengeziwe yokushumayela kubantu ezitobhini zamabhasi, ezezitimela, ezindaweni zokupaka, emapaki nasezimakethe. Ingabe kuyakwethusa ukushumayela ezindaweni zomphakathi? Uma kunjalo, thandazela usizo futhi ucabange nangalokho uMfoweth’ uManera, ongumbonisi ojikelezayo, akusho: “Sasibheka uhlobo ngalunye olusha lwenkonzo njengenye indlela yokukhonza uJehova, njengenye indlela yokubonisa ubuqotho bethu kuye, njengolunye uvivinyo lobuqotho bethu futhi sasikulangezelela ukubonisa ukuthi sizimisele ukumkhonza nganoma iyiphi indlela afuna simkhonze ngayo.” Lapho sinqoba ukwesaba kwethu futhi sisebenzisa izindlela ezintsha zokushumayela, siqinisa ukwethembela kwethu kuJehova, sibe abashumayeli abangcono.Funda eyesi-2 Korinte 12:9, 10.

13. Kungani ukusebenzisa ingosi yethu enkonzweni kuyindlela yokushumayela ephumelelayo, futhi yimiphi imiphumela oye wayithola lapho uyisebenzisa?

13 Abamemezeli abaningi bayakuthanda ukutshela abantu ngengosi yethu, i-jw.org, lapho bengafunda futhi badawunilode izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-700. Usuku ngalunye, abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-1,6 bangena engosini yethu. Esikhathini esidlule, umsakazo wafinyelela abantu abasezindaweni ezikude ngezindaba ezinhle. Namuhla, ingosi yethu yenza okufanayo.

UKUQEQESHA IZIKHONZI ZEZINDABA EZINHLE

14. Yikuphi ukuqeqeshwa abamemezeli ababekudinga futhi iziphi izikole eziye zabasiza baba abafundisi abaphumelelayo?

14 Amathuluzi nezindlela esixoxe ngazo kuye kwaphumelela kakhulu. Nokho, abamemezeli kuleyo minyaka yokuqala kwakudingeka baqeqeshelwe indlela yokuba izikhonzi. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi umninikhaya wayengavumelani nalokho ayekuzwa kuyigilamafoni. Kokunye umninikhaya wayekujabulela ayekuzwa futhi afune ukwazi okwengeziwe. Abamemezeli kwakudingeka bazi indlela abangakunqoba ngayo ngekhono ukuphikiswa nokuthi bangaba kanjani abafundisi abangcono. Ngokungangabazeki, uMfoweth’ uKnorr esizwa umoya ongcwele kaNkulunkulu, wabona ukubaluleka kokuba abamemezeli bafunde indlela yokukhuluma enkonzweni. Ngakho kusukela ngo-1943, amabandla aqala ukuhlela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Lesi sikole sasiza wonke umuntu waba umfundisi ophumelelayo.

15. (a) Abanye bazizwa kanjani lapho benikeza inkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini? (b) Isithembiso sikaJehova esilotshwe encwadini yeHubo 32:8 siye sagcwaliseka kanjani kuwe?

15 Abazalwane abaningi babengakujwayele ukukhuluma phambi kwezilaleli. UMfoweth’ uRamu ukhumbula inkulumo yakhe yokuqala ayinikeza kudala ngo-1944. Leyo nkulumo yayiphathelene nomlingiswa weBhayibheli uDowegi. Wathi: “Amadolo ami ayeshayisana, izandla ziqhaqhazela namazinyo eshayisana.” Wenezela: “Yileyo ndlela engazizwa ngayo lapho ngiqala ukunikeza inkulumo, kodwa angizange ngiyeke.” Nakuba kwakungelula, nezingane zazizinikeza izinkulumo esikoleni. UMfoweth’ uManera ukhumbula okwenzeka lapho omunye umfanyana enikeza inkulumo yakhe yokuqala, uthi: “Wayethuke kangangokuba lapho eqala ukunikeza inkulumo yakhe, wavele wakhala. Kodwa ezimisele ukuyinikeza, waqhubeka nayo ebe ekhala yaze yaphela.” Mhlawumbe awuphenduli emihlanganweni noma awubi nangxenye ngenxa yamahloni noma unomuzwa wokuthi ngeke ukwazi. Uma kunjalo, cela uJehova akusize unqobe ukwesaba. Uzokusiza njengoba asiza labo bafundi bokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.Funda iHubo 32:8.

Kusukela ngo-1943, sekuthunyelwe izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi ezingaphezu kuka-8 500 emazweni angu-170

16. Ibilokhu iyini injongo yeSikole SaseGileyadi (a) esikhathini esidlule, (b) kusukela ngo-2011?

16 Inhlangano kaNkulunkulu iye yaqeqesha abantu nangeSikole SaseGileyadi. Enye injongo yalesi sikole ukusiza abafundi bajulise isifiso sabo sokushumayela izindaba ezinhle. ISikole SaseGileyadi saqala ngo-1943, futhi kusukela ngaleso sikhathi, sesiye saqeqesha abafundi abangu-8 500 sabe sesibathumela emazweni angu-170. Kusukela ngo-2011, kulesi sikole kuye kwamenywa amaphayona akhethekile, ababonisi abajikelezayo, izikhonzi saseBethel noma izithunywa zevangeli ebezingakayi eGileyadi.

17. Kuphumelela kangakanani ukuqeqeshwa okutholakala eGileyadi?

17 Ingabe siye saba impumelelo iSikole SaseGileyadi? Yebo. Cabanga ngalokho okwenzeka eJapane. Ngo-August 1949, kwakunabamemezeli abangaphansi kweshumi kulelo zwe. Kodwa ekupheleni kwalowo nyaka, kwase kunezithunywa zevangeli ezingu-13 ezazishumayela nabamemezeli bendawo. Namuhla, kunabamemezeli abangaba ngu-216 000 eJapane, kanti abacishe babe yisigamu bangamaphayona!

18. Yiziphi ezinye izikole esinazo?

18 Sinezinye izikole eziningi, iSikole Senkonzo SoMbuso, iSikole Senkonzo Samaphayona, iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso, iSikole Sababonisi Besigodi Nomkabo kanye neSikole Samalungu Ekomiti Yegatsha Nomkawo. Lezi zikole ziye zabaqeqesha ngempumelelo abazalwane nodade futhi zaqinisa ukholo lwabo. Kusobala ukuthi uJesu uyaqhubeka eqeqesha abantu abaningi.

19. UMfoweth’ uRussel wathini ngomsebenzi wokushumayela futhi lokhu kwafezeka kanjani?

19 UMbuso kaNkulunkulu usubuse iminyaka engaphezu kweyikhulu. Phakathi naleso sikhathi, iNkosi yethu, uJesu Kristu, ibilokhu iqondisa umsebenzi wokushumayela. Emuva ngo-1916, uMfoweth’ uRussel wayekholelwa ukuthi ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kuzofinyelela emhlabeni wonke. Wathi: “Umsebenzi wanda ngokushesha futhi uzoqhubeka wanda ngoba kunomsebenzi womhlaba wonke okufanele wenziwe wokushumayela ‘ivangeli lombuso.’” (I-Faith on the March, ka-A. H. Macmillan, ikhasi 69) Lowo msebenzi uyenziwa namuhla! Siyambonga uJehova, uNkulunkulu wokuthula, ngokuthi usinika konke esikudingayo ukuze senze intando yakhe!

^ isig. 2 Kungenzeka abaningi kuleso sixuku baba amaKristu. Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yokuthi umphostoli uPawulu ubabiza ngokuthi ‘abazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu.’ Ubuye athi: “Abaningi [kubo] basekhona namanje, kodwa abanye sebelele.” Kubonakala sengathi uPawulu namanye amaKristu babebazi abaningi balabo ababezizwele mathupha lapho uJesu ekhipha umyalo wokushumayela.