Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani UNkulunkulu Ethembisa Abantu Isipho Sokuphila Okuphakade?

Kungani UNkulunkulu Ethembisa Abantu Isipho Sokuphila Okuphakade?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . . 

Kungani UNkulunkulu Ethembisa Abantu Isipho Sokuphila Okuphakade?

▪ IBhayibheli lithi uNkulunkulu usithembisa ‘ukuphila okuphakade.’ (Johane 6:40) Nokho, yini emshukumisela ukuba asiphe ithuba elifana naleli? Ingabe ushukunyiswa ubulungisa nje?

Ubulungisa buhilela ukuphatha abantu ngendlela engenzeleli nelungile. Ingabe ngempela siyakufanelekela ukuphila? Cha. IBhayibheli lithi: “Akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.” (UmShumayeli 7:20) Isono sihambisana nesigwebo. UNkulunkulu waxwayisa umuntu wokuqala u-Adamu ngokuthi ngosuku ayokona ngalo uyokufa nokufa. (Genesise 2:17) Kamuva, umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Inkokhelo yesono ngukufa.” (Roma 6:23) Ngakho-ke, uma yonke inzalo ka-Adamu ifanelwe ukufa, kungani uNkulunkulu eyinika ithuba lokuphila phakade?

Isithembiso sokuphila okuphakade ‘siyisipho sesihle.’ Siwukubonakaliswa kobukhulu nobubanzi bothando lukaJehova nomusa wakhe ongafanelwe. IBhayibheli lithi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu, futhi kunjengesipho sesihle ukuthi ngomusa wakhe ongafanelwe kuthiwa balungile ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu.”—Roma 3:23, 24.

Yize sonke sifanelwe ukufa, uNkulunkulu ukhetha ukunikeza labo abamthandayo ukuphila okuphakade. Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ukhetha iphela emasini? IBhayibheli lithi: “Khona-ke sizothini? Ingabe kukhona ukungalungi kuNkulunkulu? Kwangathi kungelokothe kube njalo! Ngoba uthi kuMose: ‘Ngizoba nesihe kunoma ubani enginesihe kuye, futhi ngizobonisa ububele kunoma ubani engimbonisa ububele.’ . . . Ungubani-ke ngempela ukuba uphendulane noNkulunkulu?”—Roma 9:14-20.

Kwamanye amazwe, isikhulu sikahulumeni esiphakeme noma ijaji singase sisinikeze ushwele isigebengu esidonsa isigwebo eside. Uma isigebengu senza lokho okufunwa yijaji futhi sibonisa ukuthi siyishintshile indlela esicabanga nesiziphatha ngayo, ijaji noma umongameli wezwe angase akhethe ukusixolela ngokuba asehlisele isigwebo noma asinike ushwele. Lesi senzo singase sibe ukubonakaliswa komusa ongafanelwe.

Ngokufanayo, uJehova angase akhethe ukuba kungabi yizo zonke izoni ezithola isijeziso ezisifanele. Kunalokho, eshukunyiswa uthando, anganikeza labo abamthandayo nabagcina imithetho yakhe ukuphila okuphakade. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

UJehova wabonisa uthando lwakhe olukhulu ngathi ngokuthumela iNdodana yakhe ukuba izohlupheka ngenxa yethu futhi isifele. UJesu wathi ngoYise: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.

Bonke labo abathanda uJehova futhi benze intando yakhe bayamukeleka kuye, kungakhathaliseki ukuthi bavela kusiphi isizinda. Ngokuyinhloko, ithemba lokuphila phakade liwukubonakaliswa komusa ongafanelwe, isenzo sothando olukhulu lukaNkulunkulu.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]

Ngokuyinhloko, ithemba lokuphila phakade liwukubonakaliswa komusa ongafanelwe, isenzo sothando olukhulu