IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI
Wavelaphi uDeveli?
UNkulunkulu akazange amdale uDeveli. Kunalokho, uNkulunkulu wadala ingelosi kamuva eyaba uDeveli, ibuye ibizwe ngokuthi uSathane. UJesu wathi uDeveli wake waba neqiniso futhi emsulwa. Ngakho, ekuqaleni uDeveli wayeyindodana kaNkulunkulu eyingelosi elungile.—Funda uJohane 8:44.
Ingelosi ingaphenduka kanjani uDeveli?
Ingelosi eyaba uDeveli yakhetha ukuphikisa uNkulunkulu futhi yenza abashadikazi bokuqala ukuba nabo baphikisane naye. Ngaleyo ndlela yazenza yona uSathane, okusho ukuthi “uMphikisi.”—Funda uGenesise 3:1-5; isAmbulo 12:9.
Njengazo zonke izidalwa zikaNkulunkulu ezihlakaniphile, ingelosi eyaba uDeveli yayinenkululeko yokukhetha phakathi kokwenza okulungile noma okungalungile, kodwa yaba nesifiso sokuba ikhulekelwe. Isifiso sayo sokuba ithole inkazimulo sasinamandla ngaphezu kwesifiso sokujabulisa uNkulunkulu.—Funda uMathewu 4:8, 9; Jakobe 1:13, 14.
UDeveli uye waqhubeka kanjani edukisa abantu? Ingabe kufanele umesabe? Ungazithola izimpendulo zale mibuzo eBhayibhelini.