Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Ingabe izingelosi zingasisiza?
UJehova uNkulunkulu wadala izigidi zezingelosi kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba adale abantu. (Jobe 38:4, 7) Lezi zingelosi ziyizidalwa zomoya ezinamandla ezikhonza uNkulunkulu, ngezinye izikhathi uNkulunkulu uyazithuma ukuba ziqondise futhi zivikele izinceku zakhe emhlabeni. (IHubo 91:10, 11) Namuhla izingelosi zisiza abantu ukuba bazuze ezindabeni ezinhle ezishunyayelwa abalandeli bakaJesu.—Funda isAmbulo 14:6, 7.
Ingabe kufanele sithandaze ezingelosini sicele usizo? Cha. Umthandazo uyisenzo sokukhulekela ngakho kufanele sithandaze kuNkulunkulu kuphela. (IsAmbulo 19:10) Njengoba izingelosi ziyizikhonzi zikaNkulunkulu, zilalela iziqondiso ezivela kuye hhayi ezivela kubantu. Ngakho-ke, imithandazo yethu kufanele siyiqondise kuNkulunkulu kuphela ngegama likaJesu.—Funda iHubo 103:20, 21; Mathewu 26:53.
Ingabe zikhona izingelosi ezimbi?
Njengabantu, izingelosi zadalwa zinenkululeko yokuzikhethela futhi zingakhetha ukwenza okulungile noma okungalungile. Ngokudabukisayo, izingelosi eziningi zamlahla uNkulunkulu. (2 Petru 2:4) USathane uyingelosi yokuqala eyalahla uNkulunkulu, wabe eselandelwa ezinye ezaba amademoni. Ezikhathini zakamuva, uSathane namademoni akhe baye baxoshwa ezulwini baphonswa phansi emhlabeni.—Funda isAmbulo 12:7-9.
Ukwanda okubabazekayo kobubi nobudlova kusukela ngo-1914 kuwuphawu lokuthi maduzane uNkulunkulu uzobopha uSathane namademoni akhe. Ngemva kwalokho uNkulunkulu uyobuyisela umhlaba esimweni esifanele.—Funda isAmbulo 12:12; 21:3, 4.