Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kufanele Inkolo Ihileleke Kwezepolitiki?

Ingabe Kufanele Inkolo Ihileleke Kwezepolitiki?

 Kuwo wonke umhlaba, abantu abaningi abathi bangabalandeli bakaJesu Kristu, bangene bagamanxa kwezepolitiki. Abanye bazama ukukhuthaza izinkolelo kanye nendlela yabo yokuziphatha, ngokukhankasela osopolitiki noma amaqembu ezepolitiki athile. Ngenxa yalokho, osopolitiki bavame ukusebenzisa imibono ethandwayo yokuziphatha noma izinkinga zomphakathi ukuze bathole ukusekelwa abantu bezenkolo. Kuyinto ejwayelekile ngabaholi bezenkolo ukukhankasela isikhundla kwezepolitiki. Kwamanye amazwe, inkolo ezibiza ngokuthi “eyobuKristu”, ingaze ngisho ibe nesikhundla esikhethekile kuhulumeni noma ibe inkolo yesizwe.

 Ucabangani? Ingabe kufanele yini abalandeli bakaJesu Kristu bahileleke kwezepolitiki? Ungathola impendulo ngokubheka isibonelo sikaJesu. Wathi: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.” (Johane 13:15) Uma kuziwa kwezepolitiki, yisiphi isibonelo uJesu asibeka?

Ingabe uJesu wahileleka kwezepolitiki?

 Cha. UJesu akazange azifake kwezepolitiki zezwe.

 UJesu akazange azifunele isikhundla kwezepolitiki. Ngesikhathi uSathane uDeveli enika uJesu “yonke imibuso yezwe,” akazange avume ukuba umholi wohulumeni babantu. (Mathewu 4:8-10) a Kwesinye isenzakalo abantu ababeqaphela izimfanelo zikaJesu ezinhle zokuba umholi, bazama ukumphoqa ukuba abe umholi kwezepolitiki. IBhayibheli lithi: “uJesu azi ukuthi base bezokuza bambambe ukuze bamenze inkosi, waphinde wasuka waya entabeni eyedwa.” (Johane 6:15) UJesu akazange avume ukwenza intando yabantu. Kunalokho, wenqaba ukuba isishoshovu sezepolitiki.

 UJesu akazange athathe uhlangothi ezindabeni zezepolitiki. Ngokwesibonelo, amaJuda angosuku lukaJesu ayekucasukela ukukhokha intela kuhulumeni wamaRoma, ekubheka njengokungenabulungisa. Lapho bezama ukuhilela uJesu ukuba athathe uhlangothi endabeni ethinta ukukhokhwa kwentela, akazange avume ukuzifaka ezingxabanweni zezepolitiki. Wathi kubo: “Buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Marku 12:13-17) Waqhubeka engathathi hlangothi ezindabeni zezepolitiki kodwa wabonisa ukuthi kwakufanele ikhokhwe intela eyayifunwa umbuso wamaRoma owawumelela uKhesari. Ngesikhathi esifanayo, wabonisa ukuthi igunya lemibuso yabantu lalilinganiselwe. Umuntu akufanele anike imibuso yabantu lokho okufanele akunike uNkulunkulu, okuhlanganisa ukuzinikela nokumkhonza.—Mathewu 4:10; 22:37, 38.

 UJesu wasekela umbuso wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43) Akazange ahileleke kwezepolitiki ngoba wayazi ukuthi nguMbuso kaNkulunkulu owawuzokwazi ukufeza lokhu uNkulunkulu akufunayo ngomhlaba, hhayi ohulumeni babantu. (Mathewu 6:10) Wayeqonda ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawungeke usebenzise ohulumeni babantu kunalokho wawuzothatha indawo yabo.—Daniyeli 2:44.

Ingabe amaKristu ekhulu lokuqala ahileleka kwezepolitiki?

 Cha. Abalandeli bakaJesu balalela umyalo wakhe ‘wokungabi ingxenye yezwe.’ (Johane 15:19) Babelandela isibonelo sakhe futhi bazihlukanisa nezepolitiki. (Johane 17:16; 18:36) Kunokuba bahileleke ezindabeni zezepolitiki, baqhubeka benza umsebenzi uJesu ayebayale ukuba bawenze—ukushumayela nokufundisa ngoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 28:18-20; IzEnzo 10:42.

 KumaKristu ekhulu lokuqala ukulalela uNkulunkulu kwakubalulekile ekuphileni kwawo, kodwa ayazi ukuthi kufanele ahloniphe amagunya aphakeme. (IzEnzo 5:29; 1 Petru 2:13, 17) Ayeyilalela imithetho futhi eyikhokha intela. (Roma 13:1, 7) Nakuba engazange azihilele kwezepolitiki, ayelisebenzisa ilungiselelo elalinikezwa uhulumeni lokuzivikela ngokomthetho.—IzEnzo 25:10, 11; Filipi 1:7

Ukungathathi hlangothi kwamaKristu namuhla

 IBhayibheli likuveza ngokucacile ukuthi uJesu noma abalandeli bakhe bokuqala abazange bazigaxe kwezepolitiki. Ngenxa yaleso sizathu, njengamaKristu, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, abathathi hlangothi nhlobo kwezepolitiki. NjengamaKristu angekhulu lokuqala, benza umsebenzi uJesu ayala ukuba wenziwe—bashumayela ‘izindaba ezinhle zoMbuso.’—Mathewu 24:14.

a Lapho uJesu enqaba amandla ombuso ayewanikwa uSathane, akazange aphike ukuthi uSathane unegunya lokumnika wona. Kamuva wabiza uSathane ngokuthi “umbusi waleli zwe.”—Johane 14:30