HLALANI NILINDILE!
Yiba Nethemba Ngo-2024—Lithini IBhayibheli?
Abantu abaningi bacabanga ukuthi alikho ikhambi lezinkinga ezikhungethe umhlaba ngo-2024. Kodwa akufanele silahle ithemba ngekusasa. Singalitholaphi ithemba?
IBhayibheli lisinika ithemba
IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uzoxazulula izinkinga njengamanje okubonakala sengathi ngeke zixazululeke. Maduze, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.
Ukuze ufunde kabanzi ngezithembiso zeBhayibheli ngekusasa, funda isihloko esithi “Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono.”
Indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo manje
IBhayibheli likunika ithemba elingakusiza ulwe nemizwa engemihle futhi uthuthukise indlela obheka ngayo izinto. (Roma 15:13) Iseluleko seBhayibheli singaphinde sikusize ezinkingeni okungenzeka ubhekene nazo kwamanje, njengokuhlupheka, ukungabi nabulungisa nokugula.
Zibonele ukuthi iBhayibheli layisiza kanjani enye indoda yaba nokuthula futhi yajabula ngisho noma yakhula kanzima. Buka ividiyo ethi UJuan Pablo Zermeño: UJehova Wangisiza Ngazi Ukuthi Ngiphilelani.
Thola indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo ulwe nokuzizwa unecala, ukudabuka, ukukhathazeka kanye nokushonelwa. Funda isihloko esithi “IBhayibheli Linawo Yini Amazwi Enduduzo?”
Bona indlela owesifazane owayeyisosha elingumakad’ ebona, owayezichaza njengomuntu “ogcwele ubumnyama nongenandaba nabanye,” athola ngayo ithemba esizwa yiBhayibheli. Buka ividiyo ethi Ngasibeka Phansi Isibhamu Sami.
Yenza u-2024 ube unyaka omuhle kuwe nomndeni wakho. Thola indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo. Zama isifundo sethu seBhayibheli samahhala. Bona indlela uNkulunkulu angakunika ngayo “ukuthula” kanye “nekusasa elihle nethemba.”—Jeremiya 29:11.